Sebenzisa Imithi Ngokuhlakanipha
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
UMA udokotela wakho ekunika imithi, akungabazeki ukuthi usuke ekunika ngezinhloso ezinhle, ngokusekelwe kulokho akutholile lapho ekuxilonga, ulwazi lwezokwelapha nesikhathi asenaso elapha. Noma kunjalo, isiguli akufanele silindele ukuba udokotela athwale wonke umthwalo ngenhlalakahle yaso. Isiguli yiso esinomthwalo wemfanelo ngalokho esikufaka emzimbeni waso.
Uma uphuza imithi oyinikwe udokotela, cabangela lezi ziqondiso ezilandelayo eziwusizo ezivela kudokotela:
● Yonke imithi inemiphumela ethile engemihle. Unelungelo lokwazi ukuthi uzonikwa miphi imithi futhi yimiphi imiphumela engemihle engase ibe nayo. Uma udokotela wakho engakutsheli lokhu, unganqikazi ukumbuza. Ezimweni eziningi izinzuzo ziyoba ngaphezu kwemiphumela engemihle. Kodwa kufanele wazi ukuze unqume ngokuhlakanipha.
● Imithi ibaphatha ngezindlela ezingafani abantu ngabanye. Udokotela wakho ngeke akwazi ukubikezela ngokuthe ngqó ukuthi umuthi othile uzokuphatha kanjani. Uma uthuswa imiphumela engemihle ongayilindele, bonana nodokotela wakho.
● Buza ukuthi kuyodingeka uwuphuze isikhathi eside kangakanani lowo muthi. Futhi thola nokuthi kungenzeka yini ukuluthe.
● Qaphela ukuba ungazinqumeli ngokwakho ukuyeka ukuphuza umuthi, mhlawumbe ngoba uzizwa usungcono. Ukusheshe uyeke ukuphuza umuthi kungase kukuyise phambili ukugula. Kunalokho, bonana nodokotela wakho kuqala.
● Ngaso sonke isikhathi phuza imithi egunyazwe udokotela ngokwakhe.