Ukusebenzisa Kahle Imithi Kadokotela Nokuyisebenzisa Kabi
INTOMBAZANE okuthiwa u-Angie yezwa abazali bayo bethi imithi yomfowabo imenza angakuthandi ukudla. Ngenxa yokuthi u-Angie wayekhathazeke ngokukhuluphala, waqala ukweba amaphilisi omfowabo, ephuza elilodwa njalo ngemva kwezinsuku ezimbalwa. Ukuze agweme ukubanjwa abazali, wacela umngane owayesebenzisa amaphilisi afanayo ukuba amuphe kwawakhe.a
Kungani ithandwa kangaka imithi kadokotela? Isizathu sokuqala siwukuthi itholakala kalula—kungenzeka ikhona ngisho nasekhaya. Okwesibili, intsha eningi ngephutha icabanga ukuthi ayiphuli mthetho uma iphuza imithi yokwelapha nakuba ingagunyazwanga udokotela. Okwesithathu, imithi kadokotela ibonakala ingeyona ingozi njengezidakamizwa ezingekho emthethweni. Enye intsha ithi, ‘Uma umntwana engayiphuza imithi kadokotela, kumelwe ukuba leyo mithi iphephile.’
Kuyiqiniso ukuthi uma isetshenziswa ngendlela efanele, imithi kadokotela ingayithuthukisa impilo nezinga lokuphila, ize isindise ngisho nokuphila. Kodwa uma isetshenziswa kabi, ingaba yingozi njengezidakamizwa ezingekho emthethweni. Ngokwesibonelo, uma umuntu esebenzisa kabi imithi ethile enika amandla, angase ahlaselwe isifo senhliziyo noma aquleke. Eminye imithi ingenza umuntu aphelelwe umoya futhi ekugcineni imbulale. Umuthi ungaba ingozi nalapho uhlanganiswa neminye imithi noma notshwala. Ekuqaleni kuka-2008 iphephandaba i-Arizona Republic lathi umdlali odumile wamabhayisikobho wafa “ngemva kokudla inhlanganisela eyingozi yemithi eyisithupha eyenza umuntu azole, amaphilisi okulala neziqeda-nhlungu.”
Enye ingozi engase ivele eyokuba umlutha. Uma iphuzwa ngokweqile noma ngesizathu esingafanele, eminye imithi ifana nezidakamizwa ezingekho emthethweni—ishukumisa amangqamuzana abangela injabulo ebuchosheni, okungase kwenze umuntu ayiqalekele leyo mithi. Kodwa esikhundleni sokwenza abantu bahlale bejabule noma kubasize ukuba babhekane nokuphila, ukusebenzisa kabi izidakamizwa kumane kwenze isimo sibe sibi nakakhulu. Kungase kwandise ukucindezeleka, kulimaze impilo nekhono lokwenza izinto ngendlela evamile, kubangele ukulutheka noma kube imbangela yazo zonke lezi zinto. Cishe njalo abanale nkinga banezinkinga ekhaya, esikoleni, noma emsebenzini. Khona-ke, umuntu unquma kanjani ukuthi iyiphi indlela efanele nengafanele yokusebenzisa le mithi kadokotela?
Ingabe Kuwukuyisebenzisa Kahle Noma Kabi?
Kalula nje, usuke uwusebenzisa kahle umuthi kadokotela uma uwuphuza ngokuvumelana neziqondiso zikadokotela owazi kahle umlando wakho wezokwelashwa. Lokho kuhlanganisa ukuphuza isilinganiso esifanele ngesikhathi esifanele, ngendlela efanele nangesizathu esifanele sempilo. Noma kunjalo, kungase kube nezimpawu ezingathandeki noma ezingalindelekile. Uma lokho kwenzeka, yazisa udokotela wakho ngokushesha. Angase awushintshe umuthi akunike wona noma akuyekise wona ngokuphelele. Kunjalo nangemithi umuntu azithengela yona: Isebenzise kuphela uma kunesidingo esifanele, futhi ulandele iziqondiso ezibhaliwe ngokucophelela.
Abantu basuke bezifaka engozini uma bephuza imithi ngesizathu esingafanele, beqise esilinganisweni abasiphuzayo, bephuza imithi yabanye abantu, noma bephuza imithi ngendlela engafanele. Ngokwesibonelo, amanye amaphilisi kufanele agwinywe ephelele ukuze aqale ukusebenza emzimbeni kancane kancane. Abantu abasebenzisa imithi kabi bavame ukuphazamisa le nqubo ngokuwaqhephula noma ngokuwahlafuna, ngokuwagaya bese bewahogela ngamakhala, noma ngokuwancibilikisa emanzini bese bezijova ngawo. Umphumela ungase ube ukudakwa, kodwa kungase futhi kube isinyathelo sokuqala esiholela ekuluthekeni. Okubi nakakhulu, lokhu kungase kumbulale umuntu.
Ngakolunye uhlangothi, uma umuntu ephuza umuthi kadokotela ngendlela efanele kodwa esola ukuthi useqala ukulutheka, kufanele azise udokotela ngokushesha. Udokotela kufanele ayazi indlela ephephile yokulungisa le nkinga ngaphandle kokudebesela ekunakekeleni inkinga yempilo umuntu anayo kakade.
Ubhadane lokusebenzisa kabi izidakamizwa zalo lonke uhlobo luyisibonakaliso sesikhathi esiphila kuso. Umkhaya, okufanele ube isikhoselo esinothando nesiphephelo ezingcindezini zansuku zonke, usenkingeni. Izindinganiso ezinhle zokuziphatha nezingokomoya ziyashabalala, kanjalo nenhlonipho ngokuphila. (2 Thimothewu 3:1-5) Esinye isici ukuphelelwa ithemba ngesikhathi esizayo. Abantu abaningi babona ubumnyama nobubi uma bebheka isikhathi esizayo. Ngakho, baphilela olwanamuhla futhi baphishekela injabulo ngokuphelele, ngezinye izikhathi ngezindlela ezibudedengu. IBhayibheli lithi: “Lapho kungekho mbono abantu abazibambi.”—IzAga 29:18.
Uma ungumzali, akungabazeki ukuthi ufuna ukuvikela umkhaya wakho ezinkingeni zokuziphatha nezingokomoya ezikhungethe izwe. Kodwa ungakwenza kanjalo lokho? Ungasitholaphi isiqondiso esinengqondo nethemba eliqinisekile lekusasa elingcono? Izihloko ezilandelayo ziphendula le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Ithathwe engosini ye-Internet ethi TeensHealth.
[Ibhokisi ekhasini 4]
BASEBENZISA NOMA YINI UKUZE BADAKWE
Abanye abantu basebenzisa noma yini ukuze nje badakwe. Imikhuba eyingozi kakhulu ihlanganisa ukubhema amakhemikhali okuhlanza, upholishi wezinzipho, wefenisha, uphethiloli, inhlaka, uphalafini, upende nezinye izinto ezingokheleka ngomlilo. Izinto ezihogelwayo zingena ngokushesha egazini, okuba nomphumela osheshayo.
Omunye umkhuba oyingozi ukusetshenziswa kabi kwemithi ethengwayo enotshwala noma elalisayo. Uma umuntu eqisa lapho eyiphuza, le mithi iphazamisa izinzwa, ikakhulukazi izindlebe namehlo, futhi ingase ibangele ukudideka, ukusangana, ukuba ndikindiki nobuhlungu besisu.
[Ibhokisi ekhasini 5]
“AMASU OKUTHOLA IZIDAKAMIZWA”
“Imilutha nabantu abasebenzisa kabi izidakamizwa bavame ukusebenzisa ‘amasu okuthola izidakamizwa,’” kusho i-Physicians’ Desk Reference. “Amasu okuthola izidakamizwa ahlanganisa ukushaya izingcingo eziphuthumayo noma ukuya kudokotela ngaphambi nje kokuba avale, ukwenqaba ukuxilongwa ngendlela efanele noma ukuthunyelwa kwabanye odokotela, ‘ukulahleka’ njalo kwamaphepha emithi, ukushintsha imithi kadokotela nokuba manqikanqika ukuveza umlando wokwelashwa noma imininingwane yokuxhumana nabanye odokotela abebekwelapha. ‘Ukushintshashintsha odokotela’ ukuze umuntu athole imithi eyengeziwe kuyinto evamile kwabasebenzisa kabi izidakamizwa nakubantu abanenkinga yokulutheka engakutholi ukwelashwa.”
Izidakamizwa abantu abavame ukuzisebenzisa kabi zihlanganisa lezi zinhlobo ezilandelayo:
◼ Ama-opioid—abantu abawanikwa ukuze baqede izinhlungu
◼ Imithi ekwenza uzole—ama-barbiturate nama-benzodiazepine anikezwa abantu abahlushwa ukukhathazeka noma abangalali kahle (ngokuvamile kuthiwa imithi yokulala)
◼ Imithi enika amandla—inikezwa abane-attention-deficit hyperactivity disorder (ADHD), isifo sobuthongo, noma abakhuluphele ngokweqileb
[Umbhalo waphansi]
b Ukwaziswa kutholakale kuyi-National Institute on Drug Abuse.
[Ibhokisi ekhasini 6]
IZIQONDISO ZOKUSEBENZISA IMITHI KADOKOTELA NGOKUPHEPHA
1. Landela iziqondiso ngokucophelela.
2. Ungasishintshi isilinganiso semithi oyiphuzayo ungaxoxanga nodokotela.
3. Ungazinqumeli ngokwakho ukuyeka imithi kadokotela.
4. Ungawagayi noma uwaqhephule amaphilisi ngaphandle uma utshelwe ngokuqondile ukuba wenze kanjalo.
5. Qaphela umphumela umuthi ongase ube nawo lapho ushayela noma wenza eminye imisebenzi.
6. Thola ukuthi lowo muthi awuxabani yini notshwala noma eminye imithi kadokotela noma ozithengela yona.
7. Uma wake wasebenzisa kabi izidakamizwa, mtshele udokotela.
8. Ungayisebenzisi imithi yabanye abantu, futhi nawe ungabaniki eyakho.c
[Umbhalo waphansi]
c Kusekelwe ekutuseni kwe-U.S. Food and Drug Administration.