Umbono WeBhayibheli
I-fêng Shui—Ingabe Iwalungele AmaKristu?
E-ASIA, izindawo zamathuna zikhethwa ngayo. Izakhiwo ziklanywa futhi zihlotshiswe ngayo. Ukuthengwa nokudayiswa kwezindlu kusekelwe kuyo. NgesiShayina yaziwa ngokuthi i-fêng shui, uhlobo lokubhula ngezici zokuma kwezwe (geomancy). Nakuba sekungamakhulu eminyaka i-fêng shui ithandwa e-Asia, eminyakeni yamuva nje iye yasabalalela emazweni aseNtshonalanga. Abanye abaklami bezakhiwo bayayisebenzisa ekuklameni izakhiwo ezikhotha amafu, amahhovisi nemizi. Abanye besifazane bayisebenzisa ekuhlobiseni imizi yabo. Izincwadi eziningi nezingosi ze-Internet ziyayithuthukisa futhi ziyayifundisa.
Kungani ithandwa kangaka? Omunye umsekeli wayo wathi i-fêng shui ingaletha “ukuphila okungcono, impilo, imishado noma ubuhlobo obungcono, ingcebo nokuthula kwengqondo kumuntu.” Nakuba konke lokho kuzwakala kukhanga, uyini wona lo mkhuba, futhi amaKristu kufanele awubheke kanjani?
Iyini?
Igama lesiShayina elithi fêng shui ngokwezwi nezwi lisho “amanzi omoya.” Imisuka ye-fêng shui yaqala kudala ezinkulungwaneni zeminyaka ngesikhathi kusaqala amafilosofi amaningi aseMpumalanga. Phakathi kwawo kwakunenkolelo yalokho okuthiwa ukulinganisa i-yin ne-yang (ubumnyama nokukhanya, ukushisa nokubanda, ububi nobuhle). I-yin ne-yang yayihlangene nomqondo we-chʼi, ngokwezwi nezwi esho “umoya” noma “ukuphefumula.” I-yin, i-yang, ne-chʼi, kanye nalokho okuthiwa yizakhi ezinhlanu eziwukhuni, umhlaba, amanzi, umlilo nensimbi, kwakha izingxenye eziyinhloko zenkolelo ye-fêng shui. Abashisekeli be-fêng shui bakholelwa ukuthi yonke indawo ezweni inamandla ahamba kuyo. Umgomo ukuthola izindawo lapho kulinganiswa khona la mandla, noma i-chʼi, yezwe nesibhakabhaka. Lokhu kufezwa ngokushintsha ukuma kwezwe ngokwalo noma ngokwenza ushintsho esakhiweni endaweni ethile. Ukulinganisa la mandla ngale ndlela kuthiwa kuletha inhlanhla kulabo abasebenza noma abahlala lapho.
Ngokuvamile, ochwepheshe be-fêng shui basebenzisa ikhampasi yokubhula ngezici zokuma kwezwe.a Lena ikhampasi encane enozibuthe ebekwa phakathi kwalokho ngokuyinhloko okuyishadi lokufunda izinkanyezi. Le khampasi ineziyingi ezinephakathi elilodwa, ezihlukaniswe yimigqa. Ikhampasi yokubhula ngezici zokuma kwezwe inokwaziswa ngezinto ezinjengamaqoqo ezinkanyezi, izinkathi zonyaka nezikhathi zemijikelezo yelanga. Uma kuhlaziywa indawo noma isakhiwo, kucatshangelwa ukwaziswa okuningi okubhalwe kuyikhampasi. Uchwepheshe we-fêng shui uphawula lapho kuhlangana khona inaliti yekhampasi nezindawo ezisemigqeni engaphandle neziyingi, futhi kulokhu uthola lokho okudingekayo ukuze “elaphe” leyo ndawo.
Ukudwetshwa kwamabalazwe ezindawo eziseduze, imisele yamanzi, amapayipi endle, ngisho nokubekwa kwamafasitela neminyango esakhiweni konke kungase kucatshangelwe ekunqumeni ukuthi leyo ndawo izolinganiswa kanjani. Ngokwesibonelo, eCanada umnini-sitolo walengisa isibuko emnyango ongemuva wesitolo sakhe ukuze “alungise” ukuma kweminyango yaso. Umbhuli ngokufanayo angase atuse ukususa izitshalo noma ifenisha, ukususa isithombe asibeke kwenye indawo, ukwenezela izinsimbi ezilengayo, noma ukwenza idamu lokugcina izilwane ezincane zasemanzini ukuze kulinganiswe isakhiwo noma igumbi.
Umbono WamaKristu
Ngokuphawulekayo, imitapo eminingi inezincwadi ze-fêng shui ezikhuluma ngokufundwa kwezinkanyezi nokubikezela inhlanhla. Eqinisweni, ezinye izincwadi zichaza elithi geomancy ngokuthi ukubhula ngezinombolo noma imigqa noma izici zokuma kwezwe. Ngakho, kwamukelwa kabanzi ukuthi i-fêng shui nezinye izinhlobo ze-geomancy kuyizinhlobo zokubikezela inhlanhla. Zihilela ukubhula nemikhuba yokusebenzisa imimoya, okungezona izinto ezintsha esintwini.
Lapho ama-Israyeli eshiya iGibithe futhi ekugcineni engena ezweni laseKhanani ngekhulu le-15 B.C.E., kwakugcwele ukubhula kwazo zonke izinhlobo kuwo womabili amazwe. NgoMose, uNkulunkulu wathi, njengoba kulotshwe kuDuteronomi 18:14: “Lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.” Izinhlobo eziningi zokubhula eGibithe naseKhanani zazivela eBabiloni lasendulo. Lapho uJehova esanganisa ulimi lwabantu baseBabiloni, basakazekela kwezinye izindawo, bahamba nemikhuba yabo ehlangene nokubhula kwaseBabiloni nokusebenzisa imimoya.—Genesise 11:1-9.
UJehova uNkulunkulu wayala u-Israyeli ngokuqinile nangokuphindaphindiwe ukuba angayithathi imikhuba yokubhula yezinye izizwe, ethi: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo . . . Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.” (Duteronomi 18:9-12; Levitikusi 19:26, 31) Ababhuli kwakufanele babulawe nakanjani.—Eksodusi 22:18; Levitikusi 20:27.
Kungani ukubhula kwakulahlwa kabi kangaka? IzEnzo 16:16-19 zisitshela ngowesifazane ‘owayenedemoni lokubhula.’ Yebo, ukubhula kuhlangene ngokungenakuhlukaniswa nobudemoni. Ngakho ukubhula kwanoma yiluphi uhlobo kungaxhumanisa umuntu noSathane namademoni akhe! Lokho kungaholela ekufeni ngokomoya.—2 Korinte 4:4.
Ezinye izitayela ezidumile zokuhlobisa nokulungisa igceke, zaseMpumalanga noma zaseNtshonalanga, kungenzeka ekuqaleni zathonywa imikhuba yenkolo yamanga njenge-fêng shui. Nokho, ngokuvamile izitayela ezinjalo azisenakho ukubaluleka okungokwenkolo. Noma kunjalo, kungaba ukwephula umthetho kaNkulunkulu ngokucacile ukusebenzisa i-fêng shui ukuze sibikezele ikusasa noma ukuze sibe nenhlanhla noma impilo enhle. Ukwenza kanjalo kungaba ukwephula umyalo oqondile weBhayibheli othi sigweme ukuthinta noma yini “engahlanzekile.”—2 Korinte 6:14-18.
[Umbhalo waphansi]
a Emazweni aseNtshonalanga ababhuli baye bazama ukwenza i-fêng shui ibonakale sengathi iyisayensi, abanye baze basebenzise ngisho nama-computer ukuze abasize ekuhlaziyeni izindawo zokuma kwezwe.
[Isithombe ekhasini 23]
Ikhampasi ye-“geomancy”
[Umthombo]
Pages 2 and 23: Hong Kong Tourism Board