Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp21 No. 3 kk. 4-5
  • Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LOKHO ABANINGI ABAKUKHOLELWAYO
  • UBA YINI UMPHUMELA?
  • I-fêng Shui—Ingabe Iwalungele AmaKristu?
    I-Phaphama!—2001
  • Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Ingabe Ukufunda Izinkanyezi Kuyisihluthulelo Sekusasa Lakho?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukuphindukuzalwa
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
wp21 No. 3 kk. 4-5
Izithombe: 1. Umbikezeli wenhlanhla ufundela ikhasimende amakhadi. 2. Ikhampasi ye-feng shui neplani yendlu. 3. Othile unikela ngokudla, ngezimbali nangempepho kumuntu osewafa.

Yini Ngempela Enquma Ikusasa Lakho?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ikusasa labo lilawulwa amandla athile angabonakali. Ngenxa yale nkolelo, benza izinto abacabanga ukuthi zingabalethela inhlanhla.

LOKHO ABANINGI ABAKUKHOLELWAYO

UKUFUNDA IZINKANYEZI: Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ikusasa labo linqunywa indlela izinkanyezi ezazimi ngayo lapho bezalwa. Baya kwabafunda izinkanyezi ukuze bathole ukuthi yini ezobehlela bese benza okuthile ukuze bazivikele noma baphumelele.

I-FENG SHUI: Abanye bakholelwa ukuthi ukuze baphumelele kufanele benze indawo ebazungezile nezindlu zabo kuvumelane namandla angabonakali emvelo. ULo Wing,a ohlala eHong Kong uthi: “Ungqondongqondo we-feng shui wangitshela ukuthi uma ngibeka uhlobo oluthile lwetshe lekristalu endaweni ethile esitolo sami lokhu kungangisiza ngithole imali eningi.”

UKUKHONZA AMADLOZI: Abanye bakholelwa ukuthi kumelwe bakhonze abantu asebashona noma onkulunkulu abahlukahlukene ukuze babavikele futhi bababusise. UVan, ohlala eVietnam uthi: “Ngikholelwa ukuthi ukuhlonipha okhokho, kungangenza ngikujabulele ukuphila manje futhi ngibe nekusasa elilondekile nezingane zami.”

UKUPHINDUZALWE: Abaningi babheka ukuphila njengomjikelezo ongapheli lapho umuntu eqala ngokuphila, afe bese ephinde eyazalwa. Bakholelwa ukuthi izinto ezinhle noma ezimbi ezenzekayo ekuphileni kwabo ziwumphumela wezinto abazenza ekuphileni kwabo okwedlule.

Nokho, abaningi babheka lezi zinkolelo njengezinkoleloze. Kodwa, basayenza imikhuba efana nokubhula ngentende yesandla, ngezinkanyezi, ngama-Ouija® board, ngamakhadi nangezinye izinto ezifana nalezi. Banomuzwa wokuthi mhlawumbe ngandlela thile lezi zinto zingabasiza bazi ikusasa labo.

UBA YINI UMPHUMELA?

Ingabe labo abathembela kulezo zinkolelo nakuleyo mikhuba baphila kamnandi futhi banethemba lokuba nekusasa elilondekile?

Cabanga ngalokho okwenzeka kuHào, ohlala eVietnam. Wasebenzisa i-feng shui, wakhonza amadlozi futhi wabhula ngezinkanyezi. Ingabe waphumelela? UHào uthi: “Ibhizinisi lami lawa, ngangena ezikweletini, umndeni wami waba nezingxabano futhi ngacindezeleka kakhulu ngokomzwelo.”

UQiuming waseTaiwan naye wayekholelwa ekufundeni izinkanyezi, ukuphinduzalwe, ukudalelwa, i-feng shui nasemadlozini. Ngemva kokuzihlola ngokucophelela lezi zinkolelo, uthi: “Ngabona ukuthi lezi zimfundiso namasiko kuyangqubuzana futhi kuyadida. Ngathola ukuthi izibikezelo zokubhula ngezinkanyezi izikhathi eziningi zazinganembile. Ngokuphathelene nenkolelo yokuphinduzalwe, uma ungakhumbuli lutho olwenzeka ekuphileni kwakho okwedlule, uzoshintsha kanjani futhi wenze okungcono ekuphileni kwakho okulandelayo?”

“Ngabona ukuthi lezi zimfundiso namasiko kuyangqubuzana futhi kuyadida.”​—UQIUMING WASETAIWAN

Ikusasa lethu alinqunywa ukudalelwa, izinkanyezi, okhokho asebashona noma ukuphinduzalwe njengoba uHào, uQiuming nabanye abaningi baye bathola. Ingabe lokhu kusho ukuthi asikwazi ukulawula ikusasa lethu?

OKUKHETHAYO KUBALULEKILE

Nakuba izinto eziningi ezenzeka ekuphileni kwethu singeke sikwazi ukuzilawula, ezimweni eziningi siyabona ukuthi izinqumo esizenzayo ziyalithinta ikusasa lethu. Ngokwesibonelo, kungani sigeza izandla noma sigqoka isifonyo uma kubhebhetheka isifo esithelelanayo esinjenge-COVID-19? Ngoba ukunquma ukwenza kanjalo kungavikela impilo yethu. Ngokusobala, okukhethayo kubalulekile.

Empeleni, kumelwe senze izinqumo ezihlakaniphile uma sifuna ukuthola imiphumela emihle. Eminyakeni engu-2 000 edlule, umfundisi ohlakaniphile wachaza leli phuzu ngale ndlela: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”b

Abaningi banomuzwa wokuthi ukuze baqiniseke ukuthi baba nekusasa elihle kufanele balwele ukuba nemfundo ephakeme nengcebo. Ibe yini imiphumela kulabo abaye benza leso sinqumo?

a Kulesi sihloko nakwezinye ezilandelayo, amanye amagama ashintshiwe.

b La mazwi atholakala eBhayibhelini Elingcwele kweyabaseGalathiya 6:7. Avumelana kahle nesisho sase-Asia esithi, Tshala ibhece, uzovuna ibhece; tshala ubhontshisi, uzovuna ubhontshisi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela