Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Amanani Ezigqila Ngicasulwe umbiko owashiwo engosini ethi “Ukubuka Okwezwe” ngaphansi kwesihloko esithi “Ibhizinisi Lobugebengu Elichuma Ngokushesha.” (December 22, 2000) Kule ngosi kwathiwa kwathuthwa izigqila eziyizigidi ezingu-11,5 zisuswa e-Afrika phakathi neminyaka engu-400 yobugqila. Ubugqila baphela ngo-1865 e-United States. Uma sihlehla ngeminyaka engu-400 sifika ku-1465—okuyisikhathi eside kakhulu ngaphambi kokuba idolobha iJamestown libe khona!
M. B., United States
Ngokwe-“Encyclopædia Britannica,” ukuthuthwa kwezigqila zase-Afrika kwaqala “emuva ngawo-1450.” Izazi-mlando zithi abantu base-Afrika ababethunjiwe babeyiswa emasimini amakhulu aseziqhingini ezise-Atlantic ngaphambili kakhulu kokuba ukuhwebelana ngezigqila kusakazekele eCaribbean nase-United States.—ED.
Ukwebiwa Kwemininingwane Yomuntu Ngasifunda ngesasasa isihloko senu esithi “Bangayeba Imininingwane Yakho!” (March 22, 2001) Othile weba inombolo ye-akhawunti yami yamasheke, wenza amasheke-mbumbulu, futhi wasebenzisa imali engaba nguR7 000! Kwangithatha isikhathi esiningi ukulungisa isimo—ukuvala i-akhawunti, ngivule entsha, ngifake icala emaphoyiseni. Ngifunde ukuba oqikelelayo lapho ngikhipha ukwaziswa okuphathelene nami.
D. S., United States
Umyeni wami wayehambe ngezebhizinisi futhi kwebiwa isikhwama sakhe sezincwadi kanye nawo wonke ama-credit card nezincwadi zamasheke. Isihloko esikhuluma ngokwebiwa kwemininingwane yomuntu sasitshela ngokuthé ngqo ukuthi kufanele sizisingathe kanjani izinto, okuhlanganisa nokuthintana nabophiko olulwisana nokukhwabanisa lomnyango obhekela izikweletu wendawo. Lokhu kwavimbela ukuba izigebengu zingaqhubeki zivule ezinye izikweletu. Ngangingeke ngikucabange ukwenza loko.
H. C., United States
Ilanga Ngihlala ngimbonga uJehova ngelanga, inyanga, nomhlaba wethu omuhle, nokho ngokuvamile angizicabangisisi lezi zinto. Ngemva kokufunda isihloko esithi “Ilanga Lethu Eliyingqayizivele” (March 22, 2001), ngashukumiseleka ukuba ngithandaze ngokusuka enhliziyweni, ngibonge uNkulunkulu ngezipho zakhe ezinhle neziyigugu.
B. P., United States
Ngineminyaka engu-9 ubudala, futhi ngifuna ukunibonga ngokubhala izihloko ezithakazelisa kangaka—njengalesi esiphathelene nelanga. Ngizuza izinto eziningi impela lapho ngifunda i-Phaphama!
A. B., United States
Izinwele Ngisebenza ngezinwele, futhi lapho ngifunda isihloko esithi “Ukuhlolisisa Izinwele Zakho” (April 8, 2001), ngafikelwa injabulo. Nganika umqashi wami ikhophi. Wahlabeka umxhwele futhi wayinika ezinye izisebenzi zesifazane emsebenzini. Ngiyabonga ngalokho kwaziswa okuwusizo.
D. L., Romania
Ngiyabonga ngombhalo waphansi obhekisela esihlokweni esidlule esithi “I-Alopecia—Ukugcina Ukuqothuka Kwezinwele Kuyimfihlo.” (April 22, 1991) Sekuyiminyaka engu-17 nginale nkinga. Ezweni lapho ukubukeka kuyiyonanto ebalulekile futhi noma ibaphi abahlukile bengamukeleki, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi uJehova nenhlangano yakhe bayangisekela.
M. G., Italy
Indaba Yengcweti Ngikhonza njengombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova, futhi ngazi umkhaya othile lapho ubaba engakaze athuthuke kangako njengomKristu. Ungumuntu okahle, kodwa uzilibazisa ngokwenza izindiza zempi ezingamathoyizi. Uchitha isikhathi esiningi kuyi-computer yakhe edubulana nezindiza zesitha. Sizamile ukumsiza ukuba abone isidingo sokuba ashintshe umbono wakhe ngempi. Manje kunalesi sihloko esihle esiphathelene noDorothy esithi “Ukudumisa Ukuthula Esikhundleni Sempi.” (April 8, 2001) Ngihlela ukuxoxa ngaso naye.
P. P., Dominican Republic