Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 1/8 k. 16-k. 19 isig. 4
  • Ukufuna Amahlengethwa ENew Zealand

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Amahlengethwa ENew Zealand
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhukuda Namahlengethwa
  • Ukudoba Nokudlala
  • ‘Izithombe Zemisindo’
  • Okuhlangenwe Nakho Okumangalisayo
    I-Phaphama!—1996
  • Ihlengethwa Eduze Kwethu
    I-Phaphama!—1998
  • IShark Bay Indawo Emangalisayo Yendalo
    I-Phaphama!—2007
  • Umkhomo? Ihlengethwa?—Cha, Umkhomo-hlengethwa!
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 1/8 k. 16-k. 19 isig. 4

Ukufuna Amahlengethwa ENew Zealand

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENEW ZEALAND

“LIWUKUPHELA kwesilwane esithanda umuntu ngaphandle kwesizathu,” kubhala umbhali wezindaba ongumGreki uPlutarch. Wayekhuluma ngani? Wayekhuluma ngehlengethwa, isilwane esincelisayo esihlobene nomkhomo.

Ngokwe-World Book Encyclopedia, “ososayensi abaningi bakholelwa ukuthi amahlengethwa aphakathi kwezilwane ezihlakaniphé kakhulu, kanye nama-chimpanzee nezinja.” Nokho, njengoba uPlutarch aphawula, amahlengethwa awathandi abantu ngoba nje efuna ukuphiwa ukudla. Ngokuphambene, kubonakala sengathi amaningi awo amane ayakujabulela nje ukuba nathi. Incwadi ethi Mysteries of the Deep ithi: “Nakuba ihlengethwa lingamdingi umuntu, linelukuluku futhi cishe liyajabula kakhulu lapho libuka imigilingwane yomuntu njengoba nathi siyijabulela eyalo.” Ezinhlotsheni ezingu-32 zamahlengethwa asolwandle, zine ezihlala eNew Zealand: ihlengethwa i-common, i-bottle-nose, i-dusky kanye nelincane kunawo wonke emhlabeni—i-Hector’s.a

Amahlengethwa maningi eBay of Islands, ugu oluwumbukwane eNew Zealand. Simagange ukuvakashela khona, ngakho sisuka ngesikebhe edolobheni laseRussell. Umqondisi wethu usitshela ukuthi ngaphandle kwehlengethwa i-bottle-nose ne-common, singase sibone imikhomo ama-killer nama-pilot—yonke ehlobene namahlengethwa. Usikisela ukuthi ukuze siwathole, kufanele sibheke imbobo efutha amanzi noma amaphiko ayo asemhlane. Uyaphawula: “Ngezinye izikhathi asithola kuqala!”

Ukubhukuda Namahlengethwa

Ngokushesha, phambi kwethu kuvela amahlengethwa ama-bottle-nose amakhulu amnyama—angaba amamitha amane ubude—izimpiko zawo zasemhlane zizihambela nje emanzini. Njengoba etshakadula, agibela mahhala egagasini elidudulwa umkhumbi. Umkhumbi uyama, mina nomqondisi sehla ngokucophelela singene emanzini ajulile aluhlaza, lapho amahlengethwa esivumela khona ukuba sibhukude nawo.

Njengoba ngizungezwe izimpiko zawo zasemhlane, futhi ngingazi ukuthi ngiqalaze ngaphi kuqala, ngidonsa umoya kakhulu futhi ngibuke ngokumangala imizimba empunga ehamba ngaphansi kwami. Elinye ihlengethwa likhuphuka ekujuleni lizongihlola bese liphenduka kancane, lingibonise isisu salo esimhlophe. Nakuba amahlengethwa ezigcina ekude, ukukhala kwawo kuzwakala ngokucacile. Njengoba ebonakala engakuthandi ukulingisa kwami imisindo yawo, amahlengethwa ashona phansi futhi aphinde avele aqhubeke ejikeleza.

Ukudoba Nokudlala

Lapho sesiphindele esikebheni, isikebhe silandela amahlengethwa siye ethekwini elivikelekile. Lapho sibona amahlengethwa amaningi sihluleka nokuwabala—egxuma futhi echaphaza amanzi yonke indawo! Empeleni ayadoba. Ukudla kwawo kuhlanganisa ikakhulu ama-squid, izinhlanzi nezilwane ezinesikhumba esisagobolondo. Size sibone nalokho okubonakala kuyisifundo sokudoba. Umama ubonakala sengathi ukhipha umsindo odiyazelisa inhlanzi encane, futhi umntwana uzama ukuyibamba ngokuyishaya ngomsila. Kubonakala sengathi umntwana usazodinga ezinye izifundo ezimbalwa!

Amahlengethwa achitha ingxenye enkulu yosuku lwawo edlala futhi endawonye. Elinye lidlula lishwibeka, ngokuziqhenya libonisa ukhula lwasolwandle eliluphethe ngephiko lalo elisemhlane. Umqondisi wethu uyachaza ukuthi amahlengethwa ayathanda ukudlala ngokhula. Alibeka ephikweni noma empumulweni futhi adlale ngalo isikhathi eside. Uma elinye seliqedile, elinye liyalithatha nalo lidlale ngalo.

‘Izithombe Zemisindo’

Ukuze “abone” kahle ngaphansi kwamanzi, amahlengethwa asebenzisa isimiso sokuzwa imisindo ngamaza, esisebenza ngezinga elifana nele-ultrasound scan. Amahlengethwa akhipha imisindo, futhi “izithombe” azitholayo ziwenza akwazi ukuthola ukuthi kukuphi ukudla nezinye izinto ezithakazelisayo—kuhlanganise nathi. Amahlengethwa ayaxhumana esebenzisa imisindo ephakeme—edluliswa ngamaza anezinga eliphakeme ngokuphindwe kayishumi nashesha ngokuphindwe izikhathi ezine nesigamu kunenkulumo yomuntu. Kunokusebenzisa ulimi esilwaziyo, amahlengethwa kubonakala sengathi akha ‘izithombe zemisindo.’

Kusobala ukuthi kuningi esisazokufunda ngamahlengethwa. Mhlawumbe ngolunye usuku siyowaqonda ngokugcwele—indlela acabanga ngayo nokuthi acabangani ngathi. Sigcwele ukumangala nothando, siyawashiya la mahlengethwa kuleli theku elihle elingenamuntu, elinamawa ambozwe yinkungu nogu olunesihlabathi esimhlophe. Sesiyazihlonipha lezi zidalwa futhi lokhu kwandisa ukwesaba uMdali wazo.—IsAmbulo 4:11.

[Umbhalo waphansi]

a Ezinye izinhlobo ezike zivakashe eNew Zealand ihlengethwa i-hourglass nehlengethwa laseningizimu elingenazimpiko i-right whale.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18, 19]

Ukukhulisa Umntwana

Amahlengethwa awazona izinhlanzi kodwa ayizilwane ezincelisayo. Ngakho, umntwana wehlengethwa uncela ubisi olukhiqizwa umzimba kanina. Phakathi neminyaka emithathu lapho unina emncelisa, ufundisa umntanakhe lokho adinga ukukwazi ukuze aphile. Ngokwesibonelo, uzomfundisa ukusebenzisa isimiso sakhe sokuzwa imisindo ngamaza kuhlanganise “nesignesha” ehlukile azophetha ngayo “umusho” ngamunye. Uzomfundisa nokudoba, ukukhwelana, nokuba nobudlelwane namanye amahlengethwa.

Lapho ezalwa, umntwana wehlengethwa uphuma ngomsila kuqala, usuke ekade egoqekile ngaphakathi kunina. Imigqa emile iyabonakala kumntwana osanda kuzalwa, ebonisa ukuthi ubegoqeke kuphi lapho esesibelethweni. Umntwana uncela ebhukuda, njalo eseduze kukanina ngoba uthembela ekutshuzeni kwakhe nasemandleni okuhamba kwamanzi lapho ebhukuda.

[Umthombo]

© Jeffrey L. Rotman/CORBIS

[Ibalazwe ekhasini 19]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

NEW ZEALAND

Bay of Islands

[Isithombe ekhasini 17]

Ihlengethwa i-“bottle-nose”

[Umthombo]

© Jeff Rotman

[Isithombe ekhasini 17]

Ihlengethwa i-“Hector’s”

[Umthombo]

Photo by Zoe Battersby

[Isithombe ekhasini 18]

Ihlengethwa i-“dusky”

[Umthombo]

Mark Jones

[Isithombe ekhasini 18]

Amahlengethwa ama-“common”

[Umthombo]

© R.E. Barber/Visuals Unlimited

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela