IShark Bay Indawo Emangalisayo Yendalo
Yasolwandle
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA
ISHARK BAY iyichweba elikhulu, elingajulile elisemaphethelweni angasentshonalanga ye-Australia, ebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-650 enyakatho yedolobha lasePerth. Ngo-1629, umhloli wamazwe ongumDashi uFrancois Pelsaert wabiza lendawo ewugwadule ngokuthi “izwe elomile neliqalekisiwe, elingenalo uhlaza noma utshani.” Kamuva izivakashi ezabona le ndawo zayibiza ngokuthi iHopeless Reach (uMfudlana Ongenathemba), i-Useless Inlet (iChweba Elingenamsebenzi) nangokuthi iDisappointment Loop (iSiyingi Esidumazayo).
Nokho, namuhla abantu abangaphezu kuka-120 000 bathuthelekela eShark Bay minyaka yonke. Izinto ezikhangayo zale ndawo esemajukujukwini zinhle kangangokuba yafakwa oHlwini Lwengcebo Yomhlaba ngo-1991.a
Izimfunda Ezinentilibathwa Yezinto Eziphilayo
UPelsaert wayeyozithola izimfunda ayezifuna ukube wabheka ngaphansi kwamanzi, ngoba eShark Bay kunezimfunda ezibanzi futhi ezihlukahlukene kakhulu emhlabeni ezinezimila okuthiwa ama-sea grass, ezihlanganisa amakhilomitha-skwele angu-4 000 sezizonke. IWooramel Seagrass Bank iyodwa ingamakhilomitha-skwele angu-130 ohlangothini olungasempumalanga yeShark Bay.
Izimila zasolwandle okuthiwa ama-sea grass, empeleni eziqhakazayo, zisekela izilwane zasolwandle ezihlukahlukene. Izimfanzi nezinhlanzi ezincane kanye nezinye izilwane ezingenakubalwa zasolwandle zihlala kulesi siphephelo esinezimila. Lezi zimfunda zinanokudla okwanele kwama-dugong, noma ama-sea cow angaba ngu-10 000 atholakala kule ndawo. Lezi zilwane ezincelisayo ezingeyona ingozi futhi ezinelukuluku, ezinesisindo esingaba amakhilogremu angu-400, ziklaba ngokuthula kula madlelo amakhulu angaphansi kwamanzi, ngezinye izikhathi ziwumhlambi ongaphezu kweziyikhulu. Inyakatho ye-Australia, ukusuka eShark Bay ngasentshonalanga kuye eMoreton Bay ngasempumalanga, kungenzeka inama-dugong amaningi kakhulu emhlabeni.b
Ngokuvumelana negama layo lesiNgisi, iShark Bay inesibalo esikhulu sezinhlobo zoshaka ezingaphezu kweshumi nambili. Zihlanganisa ushaka osabekayo i-tiger shark kanye ne-whale shark enkulu kodwa engeyona ingozi, okuyinhlanzi enkulu kunazo zonke emhlabeni. Oshaka bahlala namahlengethwa kula manzi, okuphikisa inkulumo yokuthi lapho kunamahlengethwa khona, ngeke uwuthole ushaka. Empeleni, abacwaningi baye bathola ukuthi cishe amaphesenti angu-70 amahlengethwa akule ndawo anezibazi ngenxa yokuhlaselwa oshaka. Izilwane ezihlukahlukene kuleli chweba zihlanganisa nezinkulungwane zemikhomo okuthiwa ama-humpback ezidlula kule ndawo zithi ukuphumula lapho zilibangise eningizimu, kanye nezinkulungwane zezimfudu ezifika lapha unyaka ngamunye zizobekela amaqanda ogwini.
Ingabe Amadwala Ngempela?
Ngokungefani nezinye izingxenye zeShark Bay, iHamelin Pool, esemaphethelweni aleli chweba ngaseningizimu, ibonakala ingenampilo. Ngenxa yezinga eliphakeme lomhwamuko, la manzi angajulile asivivi anezinga eliphindwe kabili likasawoti kunamanzi asolwandle oluvamile. Osebeni kunalokho okubonakala kungamadwala ampunga. Kodwa uma ubhekisisa, uthola ukuthi la “madwala” empeleni angama-stromatolite, indawo yokuhlala yezilwane ezinengqamuzana elilodwa okuthiwa ama-cyanobacterium noma ulwelwe oluluhlaza. Endaweni engangemitha-skwele ungathola ezingaba yizigidi eziyizinkulungwane ezintathu!
Lezi zilwanyana eziqinile zihlanganisa ujengezi olunamfukayo nezinto ezizithathe olwandle ukuze zakhe usimende, eziwunameka kancane kancane kuleli khaya lazo eliyidwala. Le nqubo ithatha kancane ngendlela emangalisayo. Empeleni, lapho i-stromatolite isikhule yaba amasentimitha angu-30, kungenzeka isuke isineminyaka engaba inkulungwane ubudala!
IHamelin Pool inama-stromatolite amaningi kakhulu futhi ahlukahlukene emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, ingenye yezizinda ezisasele zama-stromatolite ezikhona.
Izintandokazi ZaseShark Bay
Izinto ezithandwa kakhulu eShark Bay amahlengethwa okuthiwa ama-bottlenose aseMonkey Mia, ugu olusemaphethelweni eNhlonhlo YaseDenham. IMonkey Mia ingenye yezindawo ezimbalwa emhlabeni lapho amahlengethwa asolwandle esondela khona njalo ngasogwini ukuze abe nobudlelwane nabantu. Akekho owaziyo ngempela ukuthi lobu budlelwane baqala nini.
Abanye balandisa ukuthi kwakunamahlengethwa ayejaha izinhlanzi aziyise emanzini angajulile ngawo-1950—umkhuba osekhona nanamuhla. Kungenzeka abantu babesebenzisa leli thuba ukuze bafunze amahlengethwa futhi badlale nawo. Ngo-1964 umdobi wesifazane wendawo waphonsela ihlengethwa elaliseceleni kwesikebhe sakhe inhlanzi eMonkey Mia. Leli hlengethwa, abantu ababelibiza ngokuthi uCharlie, labuya ngakusasa ebusuku futhi lavuma ukuba alifunze inhlanzi ngokuqondile. Ngokushesha, abanye abangane bakaCharlie benza okufanayo.
Kusukela ngaleso sikhathi, izizukulwane ezintathu zamahlengethwa ziye zajabulisa izigidi zezivakashi. Ziye zajabulisa nezazi zezinto eziphilayo ezivela emazweni ahlukahlukene, ezingaphezu kweziyikhulu kuzo eziye zacwaninga ngala mahlengethwa, okuwenza abe amahlengethwa okucwaningwa ngawo kakhulu emhlabeni.
Namuhla, la mahlengethwa, kanye nabantwana bawo, avame ukuvakashela ebhishi laseMonkey Mia ekuseni. Izixuku zezivakashi ezinesasasa zilinda ukufika kwawo, kodwa zimbalwa kuphela ezithola ithuba lokuwafunza. Ngani? Ngoba abanakekeli bezilwane bafuna ukuqiniseka ukuthi lezi zilwane azithembeli ekufunzweni. Noma kunjalo, bonke abantu abakhona bakubona kahle okuqhubekayo. Owesifazane othile wababaza: “Ukube nje abantu bebengasondelana ngale ndlela nazo zonke izilwane zasemhlabeni!”
IBhayibheli Iembula ukuthi izifiso ezinjalo zibonisa injongo yokuqala kaNkulunkulu yokuba abantu babuse zonke izilwane ngokuthula. (Genesise 1:28) Uma uzithanda izilwane, uyojabula ukwazi ukuthi injongo kaNkulunkulu, nakuba iphazanyiswe yisono okwesikhashana, iyofezeka lapho uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini ophethwe uJesu Kristu, ubusa umhlaba.—Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 11:15.
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, wonke umhlaba uyoba indawo yobuhle obungokwemvelo, echichima impilo nokuphila. Ngokushesha, abantu abavakashela izindawo ezinjengeShark Bay bangase bajabulele ukubona okungaphezu kwalokho abakubona manje.—IHubo 145:16; Isaya 11:6-9.
[Imibhalo yaphansi]
a I-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization inezela oHlwini Lwengcebo Yomhlaba izindawo ezivelele ezinamasiko noma imvelo eyigugu.
b Nakuba ehlobene nama-manatee, ama-dugong awuhlobo oluhlukile. Ama-manatee anomsila oyindilinga, kanti ama-dugong anomsila ocijile, njengamahlengethwa.
[Amabalazwe ekhasini 15]
AUSTRALIA
SHARK BAY
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Isithombe saseMonkey Mia esithwetshulwe emoyeni
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Ama-“dugong,” noma ama-“sea cow” angeyona ingozi
[Umthombo]
© GBRMPA
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Ama-“stromatolite” akhiwa yizigidigidi zezilwanyana
[Imithombo Yesithombe ekhasini 15]
© GBRMPA; satellite map: Jeff Schmaltz, MODIS Rapid Response Team, NASA/GSFC
[Isithombe ekhasini 17]
Amahlengethwa asuka olwandle avame ukuvakashela ebhishi laseMonkey Mia
[Umthombo Wesithombe ekhasini 17]
All images, except dugong, supplied courtesy Tourism Western Australia