Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 4/8 k. 20-k. 22 isig. 3
  • Ukubhekana Nemiphumela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nemiphumela
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngemva Kokusinda
  • Ukunikeza Ithemba Esikhathini Sokuphelelwa Ithemba
  • Ukuzamazama Komhlaba!
    I-Phaphama!—2000
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
    I-Phaphama!—2010
  • Ukuhlaziywa Kokuzamazama Komhlaba
    I-Phaphama!—2002
  • “Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”
    I-Phaphama!—2017
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 4/8 k. 20-k. 22 isig. 3

Ukubhekana Nemiphumela

“SELOKHU KUSILE SIYAHAMBA. SIYABALEKA UKUZE SISINDE. AKUKHO MANZI OKUPHUZA, AKUKHO KUDLA. ZONKE IZINDLU ZIBHIDLIKILE.”—UHARJIVAN, OWASINDA EKUZAMAZAMENI KOMHLABA ENDIYA OKWAKUNGU-7,9.

UKUBHEKANA nokuzamazama komhlaba kuyesabisa. “Izincwadi zazindiza yonke indawo phambi kwami ziwa ekhabetheni lezingubo lokhuni elingamafidi angu-8 ukuphakama eliseceleni kombhede wami,” kukhumbula othile owasinda ekuzamazameni komhlaba eTaiwan ngo-1999. ‘Isigqoko sesivikelo sesithuthuthu engangisanda kusithenga sawa phezu kwekhabethe lezingubo sawela eceleni kwekhanda lami embhedeni.’ Uyanezela: ‘Okuhlekisayo ukuthi sasingase singibulale.’

Ngemva Kokusinda

Ukubona ukuzamazama komhlaba futhi usinde kuyathusa, kodwa ukusinda kumane nje kuyisiqalo. Emahoreni angemva kwalesi senzakalo, abatakuli bazama ngesibindi ukuthola futhi basize labo abalimele. Ngokuvamile, benza kanjalo bebhekene nosongo lokunye ukuzamazama. “Kufanele siqaphelisise,” kusho umlisa owayecabangela ukuba bambe endundumeni kadoti eyayimboze imizi ngemva kokuzamazama komhlaba kwamuva e-El Salvador. “Uma kuzamazama futhi singazelele, lonke leli gquma lingadilika.”

Ngezinye izikhathi abantu babonisa umoya wokuzidela ongaphezu kovamile ekuzameni ukusiza izisulu. Ngokwesibonelo, lapho kuba nokuzamazama komhlaba okukhulu eNdiya ekuqaleni kuka-2001, uManu, indoda esikhulile ngeminyaka manje ehlala e-United States, wabuyela ezweni lakubo. Wacabanga: “Kumelwe ngihambe, hhayi nje ukuyosiza umkhaya wami kuphela, kodwa bonke abantu abahluphekile.” UManu wathola izimo zizimbi kakhulu ezindaweni aya kuzo. Noma kunjalo, waphawula: “Abantu babonisa isibindi esimangalisayo.” Enye intatheli yabhala: “Akekho engimaziyo ohlala lapha ongazange akhiphe noma yini anayo—umholo wosuku, wesonto noma wenyanga, ingxenye yalokho abekulondolozile noma yini enye abengakwazi ukuyinikela ukuze asize.”

Yiqiniso, kungenye into ukususa imfucumfucu futhi kwelashwe abalimele; kodwa kuhluke ngokuphelele ukubuyisela umuzwa wesimo esivamile ekuphileni okuye kwagumbuqelwa ngemizuzwana embalwa yosizi. Cabanga ngoDelores, owesifazane owalahlekelwa umuzi wakhe lapho kuzamazama umhlaba e-El Salvador. Uthi: “Lokhu kubi ukwedlula impi. Okungenani sasinayo indawo yokufihla ikhanda ngaleso sikhathi.”

Njengoba kushiwo esihlokweni sokuqala, ngezinye izikhathi kunesidingo esikhulu, hhayi nje sosizo lwezinto ezibonakalayo kuphela kodwa nesokusekelwa ngokomzwelo. Ngokwesibonelo, lapho ukuzamazama komhlaba kucekela phansi idolobha lase-Armenia entshonalanga yeColombia ekuqaleni kuka-1999, bangaphezu kwenkulungwane abafa, futhi abaningi basala bephazamisekile ngokomzwelo futhi bephelelwe ithemba. Isazi sezifo zengqondo, uRoberto Estefan, indlu yaso eyabhidlizwa yile nhlekelele, sithi: “Noma kuphi lapho uya khona, abantu bacela usizo. Uma ngiya ethilomu, abantu abaningi abangibingelelayo babamba ithuba bangixoxele indlela abaqwasha ngayo nabadabuke ngayo.”

Njengoba uDkt. Estefan azi kahle kamhlophe, ukunyomfeka kwemimoya ngemva kokuzamazama komhlaba kungaba yinhlekelele. Omunye wesifazane owazinikela ukuba asize ekwakhiweni kwekamu lokukhosela waphawula ukuthi abanye abantu abasebenzayo abasazihluphi ngokusebenza ngoba bakholelwa ukuthi ngokushesha bazofa.

Ukunikeza Ithemba Esikhathini Sokuphelelwa Ithemba

Ezikhathini zezinhlekelele ezinjalo, oFakazi BakaJehova benza imizamo yokusiza abasindile hhayi nje ngokomzimba kuphela kodwa nangokomoya nangokomzwelo. Ngokwesibonelo, ngokushesha ngemva kokuzamazama komhlaba kwaseColombia okukhulunywe ngako ekuqaleni, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lapho lahlela ikomiti yendawo yezimo eziphuthumayo. Izinkulungwane zoFakazi kuzo zonke izingxenye zezwe zanikela ngokudla nangemali. Ngokushesha kwathunyelwa amathani angu-70 okudla ezindaweni ezazithintekile.

Ngokuvamile, ukusekela okungokomoya yikho okubaluleke kakhulu. Ngolunye usuku ekuseni ngemva kokuzamazama komhlaba eColombia, omunye woFakazi BakaJehova wabona owesifazane owayebonakala ecindezeleke kakhulu ehla ngomgwaqo edolobheni elalicekeleke phansi lase-Armenia. Waya kuye futhi wamnika ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?a

Lona wesifazane walithatha leli pheshana waya nalo ekhaya wafike walifundisisa. Ngokulandelayo lapho omunye woFakazi BakaJehova efika kwakhe, wayefuna ukumxoxela indaba yakhe. Kwahlaluka ukuthi ukuzamazama komhlaba kwakubhidlize imizi yakhe eminingana kulelo dolobha, ayethola ngayo imali enhle. Manje wayesempofu. Kodwa kwakungapheleli lapho. Ngesikhathi kuzamazama umhlaba, indlu ayehlala kuyo nendodana yakhe eneminyaka engu-25 yabhidlika, yabulala indodana yakhe. Lona wesifazane watshela lo Fakazi ukuthi wayengakaze abe nesithakazelo enkolweni kodwa manje wayesenemibuzo eminingi. Ipheshana lalimnike ithemba langempela. Ngokushesha kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasekhaya.

OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi kuyoba khona isikhathi lapho isintu singeke sisasongelwa izinhlekelele zemvelo, kuhlanganise nokuzamazama komhlaba. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi ngani.

[Umbhalo waphansi]

a Linyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi ekhasini 20]

ZILUNGISELELE!

◼ Qiniseka ukuthi amathange amanzi ashisayo aboshelwe phansi nokuthi izinto ezisindayo ziphansi noma zisemashalofini asezansi.

◼ Fundisa amalungu omkhaya indlela yokucisha ugesi kanye negesi nokuvala amanzi.

◼ Yiba nezicisha-mlilo emzini wakho kanye nezinto zosizo lokuqala.

◼ Yiba nomsakazo ophathwayo kanye namabhethri amasha.

◼ Umkhaya mawuziqeqeshele lokho oyokwenza esimweni esiphuthumayo, futhi gcizelela isidingo (1) sokuzola, (2) sokucisha izitofu nama-heater, (3) sokuma emnyango noma ukungena ngaphansi kwetafula noma kwedeski, (4) nokusuka eduze kwamafasitela, izibuko noshimula.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]

UKUZAMAZAMA KOMHLABA KWA-ISRAEL

Elakwa-Israel “linomlando omude kunayo yonke emhlabeni nosaqhubeka wokuzamazama komhlaba,” kubhala uProfesa Amos Nur. Isizathu siwukuthi ingxenye yeGreat Rift Valley—umfantu ophakathi kwezingqimba zomhlabathi zaseMediterranean nase-Arabia—inqamula kwa-Israel, isuka enyakatho iye eningizimu.

Ngokuthakazelisayo, abanye abavubukuli bakholelwa ukuthi onjiniyela basendulo babesebenzisa isu elikhethekile ukuze banciphise umonakalo wokuzamazama komhlaba. Lokhu kuvumelana nencazelo yeBhayibheli yohlelo lokwakha lukaSolomoni: “Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.” (1 AmaKhosi 6:36; 7:12) Ubufakazi baleli su lokuhlanganisa imishayo yokhuni nesakhiwo samatshe buye batholakala ezindaweni ezihlukahlukene—kuhlanganise nesango laseMegiddo, okucatshangwa ukuthi lakhiwa ngesikhathi sikaSolomoni noma ngaphambi kwalokho. Isazi uDavid M. Rohl sikholelwa ukuthi le mishayo kungenzeka “yayifakwa kuzanywa ukuvikela isakhiwo emonakalweni wokuzamazama komhlaba.”

[Isithombe]

Amanxiwa okuzamazama komhlaba eBet Sheʼan, kwa-Israel

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22]

IMIZUZU EMIBILI YOKWESABA—UKULANDISA KOTHILE OWASINDA

E-Ahmadabad, eNdiya, umkhaya wakithi wawulungiselela umshado kamzala. Ngo-January 26, 2001, angivuswanga ukukhala kwewashi kodwa ngavuswa ukuzamazama okunamandla. Ngezwa kunyakaza amakhabethe ensimbi, ngabe sengibona ukuthi kukhona okungahambi kahle. Ubab’ omncane wayememeza, “Phumani endlini!” Lapho siphumela phandle sabona indlu inyakaza. Kwabonakala sengathi ilokhu inyakaze njalo. Empeleni, ukuzamazama kwathatha imizuzu emibili nje kuphela.

Ukucindezeleka kwakukukhulu kakhulu ukuba sasingakusingatha ngesikhathi esisodwa. Saqiniseka ukuthi amalungu omkhaya wakithi aphephile. Ucingo lwalungasebenzi nogesi ucishile, ngakho sasingakwazi ukusheshe sithole isimo sezihlobo zethu ezisemadolobheni aseduze. Ngemva kwehora sikhathazekile, sathola ukuthi zaziphephile. Kodwa akubona bonke ababesindile. Ngokwesibonelo, e-Ahmadabad, kwawa izakhiwo ezingaphezu kwekhulu, futhi kwafa abantu abangaphezu kwabangu-500.

Kwaphela amasonto amaningana bonke abantu behlalele ovalweni. Ubusuku ngabunye, abantu babelala besaba ukuthi kuzoba khona okunye ukuzamazama komhlaba, njengoba kwakubikezelwe. Ukubuyela kwezinto esimweni kwakuhamba kancane, futhi abaningi basala dengwane. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuzamazama komhlaba okwathatha imizuzu emibili kuphela kodwa okuyohlala njalo ezingqondweni zethu.—Njengoba ilandiswa nguSamir Saraiya.

[Isithombe ekhasini 20, 21]

Owasinda ekuzamazameni komhlaba eNdiya ngo-January 2001 uphethe isithombe sikanina owashona kwabe sekushiswa isidumbu

[Umthombo]

© Randolph Langenbach/UNESCO (www.conservationtech.com)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela