Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 1 kk. 12-13
  • “Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “MANJE SESIYAZIBONA IZINZUZO”
  • ‘SIZIZWA SISONDELENE KAKHULU KUNANINI NGAPHAMBILI’
  • Waqiniseka Lapho UseKathmandu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukubhekana Nemiphumela
    I-Phaphama!—2002
  • Inhlekelele Engalindelekile YaseJapane—Indlela Abantu Ababhekana Ngayo Nayo
    I-Phaphama!—1995
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 1 kk. 12-13
Izakhiwo ezabhidlizwa ukuzamazama komhlaba kwango-April 2015, eNepal

“Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”

NGOMGQIBELO, April 25, 2015, kwaba nokuzamazama komhlaba okwaba ngu-7.8 esikalini sokulinganisa amandla okuzamazama komhlaba, eNepal, izwe elinezintaba elisenyakatho yezwe laseNdiya. Lokhu kuzamazama komhlaba kwashaya ingxenye engamakhilomitha angu-80 enyakatho-ntshonalanga yenhloko-dolobha, iKathmandu. Ngokudabukisayo, kwafa abantu abangaphezu kuka-8 500, okwenza lokhu kuzamazama kwaba yinhlekelele yemvelo eyabulala abantu abaningi kunezinye eNepal. Imizi engaphezu kwengxenye yesigidi yacekeleka phansi. KunoFakazi BakaJehova abangu-2 200 eNepal futhi iningi labo lalihlala ezindaweni ezathinteka. Ngokudabukisayo, kwashona uFakazi oyedwa nezingane zakhe ezimbili.

UFakazi ogama lakhe linguMichelle wathi, “Ukuzamazama komhlaba kwenzeka ngesikhathi amabandla amaningi asezindaweni ezathinteka kakhulu enemihlangano yawo yobuKristu. Ukube kwenzeka abaningi besemakhaya, ngabe baningi abalimala.” Kungani labo ababesemihlanganweni basinda? Indlela amaHholo OMbuso aklanywe ngayo yaba wusizo olukhulu.

“MANJE SESIYAZIBONA IZINZUZO”

AmaHholo OMbuso esimanje aseNepal aklanywe ngendlela yokuthi angawiswa ukuzamazama komhlaba. UMan Bahadur, owayekade akha amaHholo OMbuso, uthi: “Sasivame ukubuzwa ukuthi kungani sakha izisekelo eziqine kangaka zezakhiwo ezincane. Manje sesiyazibona izinzuzo!” Ngemva kokuzamazama komhlaba, sathola imvume yokuba senze amaHholo OMbuso abe izindawo zokukhosela. Naphezu kokundindizela okwakusaqhubeka, oFakazi BakaJehova kanye nomakhelwane babo babezizwa bephephile kuwo.

Abantu bakhosele eHholo LoMbuso ngemva kokuzamazama komhlaba kwango-April 2015, eNepal

OFakazi BakaJehova nomakhelwane bakhosela emaHholo OMbuso

Ngokushesha abadala abangamaKristu baqala ukucinga amalungu ebandla ayengakatholakali. UFakazi okuthiwa uBabita wathi, “Abadala babeka inhlalakahle yabantu basebandleni kuqala kuneyabo. Lwasithinta kakhulu uthando abasibonisa lona!” Ngakusasa, amalungu amathathu ekomiti eliqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eNepal basebenzisana nezikhonzi ezijikelezayo, noma ababonisi besigodi futhi baqala ukuvakashela amabandla ukuze bahlole ukuthi yini edingekayo basekele nabadala bendawo.

UGary Breaux, owayevela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, uvakashela ababethintwe ukuzamazama komhlaba eNepal

UGary Breaux, owayevela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, wavakashela ababethintwe ukuzamazama

Ngemva kwezinsuku eziyisithupha kube nokuzamazama komhlaba, uGary Breaux, owayevela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi e-United States, weza eNepal nomkakhe, uRuby. UReuben, oyilungu lekomiti eliqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eNepal, wathi: “Ngenxa yokudideka eKathmandu kanye nokundindizela okwakusaqhubeka, sasingaqiniseki ukuthi uMfoweth’ uBreaux wayezokwazi yini ukuza. Kodwa wayezimisele ukuza—futhi wafika! OFakazi bendawo bakwazisa kakhulu ukufika kwakhe.”

‘SIZIZWA SISONDELENE KAKHULU KUNANINI NGAPHAMBILI’

USilas, osebenza ehhovisi loFakazi eNepal, wathi: “Ngokushesha nje ngemva kokulungiswa kwezingcingo zethu, zase zikhala imini nobusuku! OFakazi esikanye nabo emhlabeni wonke babekhathazekile ngathi. Nakuba abanye babekhuluma izilimi esasingaziqondi, sasiluzwa uthando lwabo nokuzimisela kwabo ukusisiza.”

UFakazi KaJehova oyilungu leqembu lezokwelapha elalivela eYurophu uhlola umfutho wegazi kumuntu othintekile

Iqembu loFakazi labezempilo elalivela eYurophu lasiza ababethintekile

OFakazi bendawo bahambisa ukudla emaHholo OMbuso izinsuku eziningana ukuze basize abaswele. Ngaphezu kwalokho, kwamiswa iKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni futhi ngokushesha izinto zokusiza zafika zilandelana, eziningi zazo zazivela eBangladesh, eNdiya, naseJapane. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, iqembu labezempilo elalakhiwa oFakazi ababevela eYurophu lafika, labe selihlela indawo elalizosebenzela kuyo kwelinye lamaHholo OMbuso. Ngokushesha baqala ukusebenza, bengagcini nje ngokuhlola ukuthi ababethintekile banjani kodwa bebasiza nokuba babhekane nokukhungatheka.

Echaza indlela abaningi ababezizwa ngayo, owesifazane okuthiwa u-Uttara wathi: “Ukuzamazama komhlaba kwakushaqisa futhi kwethusa. Kodwa ngemva kwakho konke, sazizwa sisondelene nakakhulu nomndeni wethu ongokomoya kunanini ngaphambili.” Yebo, ukuzamazama akuzange kuludambise uthando abantu bakaJehova abanalo ngaye nangomunye nomunye. Kunalokho, kwalwenza lwaqina.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela