Imisebenzi Eminingi Yomama
Ngo-4:50 ekuseni. U-Alex, umntwana uyakhala elele kodwa engazumekile, ugibela ngasohlangothini lukanina, uHelen. Ezinye izingane ezimbili—uPenny (5) noJoanna (12)—nomyeni wakhe uNick, balele. UHelen ugibelisa u-Alex embhedeni abese eyamncelisa. Abuphinde bufike ubuthongo kuHelen.
Ngo-5:45 ekuseni. UHelen uyacathama uya ekhishini, wenza ikhofi abese eyafunda.
Ngo-6:15–7:20 ekuseni. UNick uyavuka. UHelen uvusa uPenny noJoanna, wenza ukudla kwasekuseni abese enza umsebenzi othile wasendlini. Ngo-7:15, uNick uyahamba uya emsebenzini, adlule ashiye uJoanna esikoleni. Kufika unina kaHelen uzogada u-Alex.
Ngo-7:30 ekuseni. UHelen ushiya uPenny enkulisa. Lapho esendleleni eya emsebenzini uHelen uthola isikhathi sokuzindla ngokuthi kusho ukuthini ukuba umama. Uthi: “Umsebenzi onzima kakhulu kwengake ngayenza.”
Ngo-8:10 ekuseni. UHelen ubhekene nedeski eligcwele umsebenzi. Ubekhathazekile ngokuthi angase akhulelwe abese elahlekelwa umsebenzi wakhe. Umkhaya udinga imali eyengeziwe.
Ngo-10:43 ekuseni. Ngemva kokuba uHelen ebeke phansi ucingo—obelumayelana nezingane zakhe—uNancy, abasebenza naye, uyamduduza: “Awuve ubaphatha kahle.” Kwehla izinyembezi kuHelen.
Ngo-12:05 emini. UHelen udla isemishi abese ecabanga ngesikhathi indodakazi yakhe yokuqala ingakazalwa. Ngaleso sikhathi wayenezinto ayezihlelele isikhathi sakhe “esikhululekile.” Uphetha ngokuthi: ‘We mame!’
Ngo-3:10 ntambama. Ngemva kwezingcingo ezimbalwa ezivela ekhaya mayelana nemigilingwane ka-Alex, uHelen uphawula ngomuzwa wothando okhethekile anawo ngezingane zakhe: “Awufani nanoma yiluphi uthando engake ngaba nalo nganoma yimuphi omunye umuntu.” Ukujula kwalo muzwa kwamsiza ukuba anqobe ubunzima basekuqaleni ayengabulindele.
Ngo-5:10 ntambama. Ngemva kokulanda uJoanna, uHelen wenza izinto ezithile. Ushayela uNick ucingo umkhumbuza ukuthi nguye olanda uPenny.
Ngo-6:00–7:30 kusihlwa. Ekhaya, uHelen uphumuza ugogo ‘ngomsebenzi ka-Alex,’ wenza umsebenzi wasendlini, alungise ukudla. Uma ebuzwa ngezidingo zomntwana, uHelen uyabubula: “Ayikho enye into efunwa yingane ngaphandle kukanina: izingalo zakhe, umzimba nobisi nokumephuca ubuthongo.”
Ngo-8:30–10:00 ebusuku. UHelen usiza uJoanna ngomsebenzi wesikole abese encelisa u-Alex. Ngesikhathi uNick efundela uPenny isigamu sehora, uHelen wenza omunye umsebenzi wasendlini.
Ngo-11:15 ebusuku. Ngemva kokuba uPenny noJoanna sebelele, u-Alex usabhekile ugonwe unina, kodwa ekugcineni uyalala. “Ngicabanga ukuthi uselele,” uHelen etshela uNick, oseqala ukuzumeka.