UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Vikela Ubunye Obuyigugu
KUNGANI KUBALULEKILE: Ngaphambi kobusuku uJesu afa ngabo, wathandazela ukuba abafundi bakhe ‘bapheleliswe ebunyeni.’ (Joh 17:23) Ukuze sihlale simunye kumelwe sibonise uthando ‘olungenamagqubu.’—1Ko 13:5.
INDLELA YOKUKWENZA:
Lingisa uJehova ngokubheka okuhle kwabanye
Thethelela ngokukhululekile
Ngemva kokuxazulula udaba, ungabe usakhuluma ngalo.—IzA 17:9
BUKELA IVIDIYO ETHI ‘YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU’—UNGABAMBI AMAGQUBU, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Engxenyeni yokuqala yale vidiyo, uThandi ubonise kanjani ukuthi ubambe ‘igqubu’?
Engxenyeni yesibili yale vidiyo, uThandi wayinqoba kanjani indlela yokucabanga eyiphutha futhi wazama ukuba nombono omuhle?
Ekugcineni, uThandi wanezela kanjani ebunyeni bebandla?
Ubani esimdumaza kakhulu lapho sibamba amagqubu?