Umbono WeBhayibheli
Ingabe AmaKristu Kufanele Alindele Ukuvikelwa Kwaphezulu?
IBhayibheli livamile ukukhuluma ngekhono likaNkulunkulu lokuvikela abakhulekeli bakhe engozini. INkosi uDavide yathi: “Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi, ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu.” (IHubo 140:1) Namuhla abaningi babakhulekeli bakaNkulunkulu abaye babhekana nobudlova, ubugebengu noma izinhlekelele zemvelo baye basinda ngokulambisa. Abanye baye bazibuza ukuthi uNkulunkulu yini owabavikela ngokuyisimangaliso kulezo zikhathi, ikakhulukazi njengoba kunezinye izimo lapho abantu abesaba uNkulunkulu bengazange basinde kodwa beye babhekana nezinhlekelele ezinkulu, ngisho nokufa okubuhlungu.
INGABE uNkulunkulu uyabavikela abanye ukuba bangalimali kodwa abanye abayeke? Ingabe kufanele silindele ukukhululwa ngokuyisimangaliso ebudloveni nasezinhlekeleleni namuhla?
Ukuvikelwa Okuyisimangaliso Ezikhathini ZeBhayibheli
IBhayibheli linezindaba eziningi elizilandisayo lapho uNkulunkulu angenela khona ngokuyisimangaliso wasiza abakhulekeli bakhe. (Isaya 38:1-8; IzEnzo 12:1-11; 16:25, 26) ImiBhalo ibuye ilandise nokuthi kwezinye izimo izinceku zikaJehova azikhululwanga enhlekeleleni. (1 AmaKhosi 21:1-16; IzEnzo 12:1, 2; Heberu 11:35-38) Ngakho-ke, kusobala ukuthi uJehova anganquma ukuvikela abantu ngenxa yesizathu noma injongo ethile uma ethanda. Ngakho, uma amaKristu ngamanye engakhululwa ovivinyweni, akufanele aphethe ngokuthi uNkulunkulu uwalahlile. Kufanele silamukele iqiniso lokuthi izinto ezimbi ziyokwenzeka, ngisho nasezincekwini zikaJehova ezithembekile. Kungani kunjalo?
Okwenza Izinto Ezimbi Zenzeke Ezincekwini ZikaNkulunkulu Ezithembekile
Esinye isizathu siwukuthi sonke sazuza njengefa isono nokungapheleli ku-Adamu no-Eva. Ngakho siyazi ukuthi siyobhekana nezinhlungu, ukuhlupheka nokufa. (Roma 5:12; 6:23) Esinye isizathu siwukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. IBhayibheli lichaza abantu osukwini lwethu ‘njengabangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Lokhu kufakazelwa ukwanda kokudlwengula, ukuthumba, ukubulala nobunye ubugebengu obunonya.
Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile zihlala futhi zisebenza phakathi kwabantu abanobudlova futhi ngezinye izikhathi ziba yizisulu zabo. Singase sizithole sisesimweni esisongela ukuphila ngenxa nje yokuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. Ngaphezu kwalokho, sihlangabezana neqiniso elashiwo uSolomoni uma ethi “bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.”—UmShumayeli 9:11.
Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu wathi amaKristu ayeyoba izisulu zoshushiso ngoba akhulekela uNkulunkulu. Wathi: “Eqinisweni, bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ebuhlotsheni noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) Eminyakeni yamuva lokhu kuye kwenzeka emazweni amaningi.
Ngakho-ke, abantu abesaba uNkulunkulu nabo babhekana nemiphumela yobudlova, ubugebengu, izinhlekelele zemvelo noma ukufa ngengozi. USathane uye wazama ukuphikisa ngokuthi uJehova uyababiyela abantu baKhe ukuze baphile bangalinyazwa yilutho. (Jobe 1:9, 10) Akunjalo. Kodwa singaqiniseka ukuthi ngisho noma uJehova engabakhululi ngokuyisimangaliso abantu bakhe esimweni esithile, uyabavikela.
Indlela UJehova Avikela Ngayo Abantu Bakhe Namuhla
NgeZwi lakhe, uJehova unikeza isiqondiso saphezulu esivikela abantu bakhe. Ingokomoya nolwazi lweBhayibheli lungasinika ukwahlulela okuhle nokuhluzeka kwengqondo, okungasisiza sigweme amaphutha angadingekile futhi senze izinqumo ezihlakaniphile. (IHubo 38:4; IzAga 3:21; 22:3) Ngokwesibonelo, ukulandela iseluleko seBhayibheli mayelana nokuziphatha kobulili, ukuhaha, intukuthelo nobudlova kuye kwaphephisa amaKristu ezinhlekeleleni eziningi. Kanti futhi ngokungazihlanganisi ngokuseduze nabantu ababi, mancane amathuba okuba sibe lapho kungase kwenzeke khona inhlekelele—endaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. (IHubo 26:4, 5; IzAga 4:14) Labo abaphila ngezimiso zeBhayibheli bajabulela indlela yokuphila engcono kakhulu, evame ukuphumela empilweni engcono ngokwengqondo nangokomzimba.
Okududuza nakakhulu ukwazi ukuthi ngisho noma uNkulunkulu evumela izinto ezimbi ukuba zenzeke, uyonika abakhulekeli bakhe amandla adingekayo ukuba bakwazi ukuzikhuthazelela. Umphostoli uPawulu uyasiqinisekisa: “UNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” (1 Korinte 10:13) IBhayibheli lithembisa ‘namandla angaphezu kwavamile’ ayosisiza sikhuthazelele izinhlekelele.—2 Korinte 4:7.
UNkulunkulu Wenza Ngokwentando Yakhe
Ingabe amaKristu kufanele alindele ukuba uNkulunkulu awakhulule ngokuyisimangaliso njalo lapho esongelwa inhlekelele? Umlando weBhayibheli awulisekeli ithemba elinjalo.
Yiqiniso, uJehova uNkulunkulu angakhetha ukungenela ngokuqondile ukuze asize noma iyiphi yezinceku zakhe. Futhi uma othile ekholelwa ukuthi usindé engozini ngenxa yokungenela kwaphezulu, akufanele agxekwe. Kodwa uma uJehova ekhetha ukungangeneli, akufanele kubhekwe njengophawu lokuthi akathokozi ngathi.
Kwangathi singaqiniseka ngokuthi noma iluphi uvivinyo noma isimo esibhekana naso, uJehova uyozivikela izinceku zakhe ezithembekile, ngokususa leso simo, ngokusinika amandla okusikhuthazelela, noma, uma sifa, ngokusivusela ekuphileni okuphakade ezweni lakhe elisha.—IHubo 37:10, 11, 29; Johane 5:28, 29.