Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 5/8 k. 21-k. 23 isig. 4
  • Kungani Abantu Bezishiya Izinkolo Ezivamile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abantu Bezishiya Izinkolo Ezivamile?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umlando Wenkolo Omubi
  • Kwenzekani Emasontweni?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Inkolo Iyaphela?
    I-Phaphama!—1988
  • Ingabe Amasonto Angahlala Enobunye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Isimo Esibucayi Esingokwenkolo ENetherlands
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 5/8 k. 21-k. 23 isig. 4

Kungani Abantu Bezishiya Izinkolo Ezivamile?

IZINKOLO EZITHI zisekela izimfundiso zazo kwezikaJesu Kristu zinabalandeli ababalelwa ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-1,7. ELobukholwa libhekwa njengenkolo enkulu kunazo zonke emhlabeni, lidlula ngisho nezinkolo ezithandwayo njengobuBuddha, ubuHindu nobuSulumane. Nokho, imibiko ibonisa ukuthi emazweni amaningi okuthiwa awobuKristu, eLobukholwa alisenalo izwi kubantu abaningi.

Abantu bazo zonke izizinda zenhlalo bawashiya phansi amasonto abo. URonald F. Inglehart, umcwaningi wase-University of Michigan nomqondisi weWorld Values Survey, wathi iyaphela indaba yenkolo emazweni asethuthukile. Umagazini i-Bible Review umcaphuna ethi: “Akukhona nje ukuthi isibalo sababa khona esontweni masonto onke sesinciphe kakhulu kuphela, kodwa amazwe aseLatin America manje athumela izithunywa zevangeli ukuba ziyohlenga imiphefumulo yabantu ababengabawo manje abakwamanye amazwe.” Uthi “ukuwa kwenkolo” kukhulu kwamanye amazwe asenyakatho yeYurophu. ENorway neDenmark, kunamaphesenti amahlanu kuphela abantu abaya njalo esontweni. ESweden leli nani lingamaphesenti amane kuphela, kanti eRussia lingamaphesenti amabili.

Imibiko evela eJalimane ibonisa ukuthi phakathi kuka-1984 no-1993, inani labaya njalo esontweni phakathi kwamaKatolika abhalisile lehla lisuka kumaphesenti angu-25,3 laya kumaphesenti angu-19. Ngo-1992, amaphesenti amane kuphela amaProthestani ayeya njalo ezinkonzweni ngeSonto. Ngo-1999, i-Christianity Today yabika: “UmJalimane oyedwa kuphela kwabayishumi oya esontweni isonto ngalinye.”

Mayelana nokuncipha kwamakholwa eBrithani, iphephandaba i-Guardian lithi: “UbuKristu abukaze bube sesimweni esibi kanje.” Lesi sihloko sithi “kubapristi nakubabhishobhi, u-1950-2000 kwakuyisigamu sekhulu leminyaka esibi kakhulu.” Libhekisela embikweni okhethekile wenkolo e-United Kingdom, leli phephandaba libonisa ukuthi akubona nje abasha kuphela abaphelelwa ukholo enkolweni ehleliwe kodwa nabadala. Lithi: “Abantu abadala baphelelwa ukholo kuNkulunkulu njengoba bekhula. Ucwaningo olusha olufakazela lokhu luzowashaqisa amasonto aseBrithani abhekene nenhlekelele, abelokhu ebheka abantu abadala njengomgogodla wamabandla awo awayo kuze kube manje.”

Kunezimo ezifanayo nangaphandle kweYurophu. Ngokwesibonelo, umagazini waseCanada i-Alberta Report uthi iCanada ibhekene “nokuwa kwezinhlangano zezinkolelo nokukhulekela” futhi “abantu baseCanada abaningi ngokuphindwe kathathu bakhetha lokho abakucabangayo bona siqu ngoNkulunkulu kunokuvuma izinkolelo ezicacile.”

Abantu abaningi bamane nje abasizakali noma abakhanyiseleki ngokomoya uma beya esontweni. Ngokukamagazini waseCanada i-Maclean’s, kokubili amaJuda namaKatolika okwaxoxwa nawo lapho esendaweni yokuzehlukanisa eHimalaya, noma indawo yamaHindu yokuzehlukanisa ngenxa yenkolo, azwakalisa umbono wawo: “Asisashukunyiswa noma sithintwe amasiko angathi shú.” Ngempela, ngisho nangemva kweminyaka eminingi yokungaphuthi esontweni, abanye bazithola bezibuza, ‘Yini ngempela engiyifundile esontweni? Ingabe sengisondele kuNkulunkulu ngenxa yalo?’ Akumangalisi ukuthi njengoba umlobi uGregg Easterbrook ekubeka, “eNtshonalanga, indlala engokomoya isithathe isikhundla sendlala engokwenyama njengendingeko ehamba phambili enkathini yethu.”

Kuyiqiniso ukuthi maningi amazwe anenani eliphakeme labantu abaya esontweni. Kodwa ukuya esontweni akusho ngaso sonke isikhathi ukuthi umuntu uzigcina ngokwethembeka izimfundiso zesonto. Ngokwesibonelo, iphephandaba lase-Australia i-Age lithi eNtshonalanga, “inani lamaKristu enza lokho okushiwo inkolo yawo lincipha ngokushesha. Engxenyeni enkulu ye-Afrika, e-Asia naseLatin America, ubuKristu bumane nje buyisembozo abantu abazigubuzela ngaso bese beqhubeka bemukela izinkolelo zamasiko noma zamahlelo eziyinqaba, ezingahlangene ngalutho nezimfundiso ezivamile zobuKristu, ngokuvamile eziphikisana nazo futhi ezalahlwa eminyakeni eminingi edlule.”

Kungani abantu abaningi kangaka, abancane nabadala, bewashiya phansi amasonto abo? Kubonakala sengathi okukhulu ukudideka.

Umlando Wenkolo Omubi

I-Guardian iphawula lokhu okulandelayo: “Isonto lamaRoma Katolika lalinomlando odabukisayo wokwenza uzungu nombuso wobushiqela phakathi nekhulu lama-20, kusukela lahalalisela uJenene Franco ngemva kwempi yombango yaseSpain, kuya emizamweni yalo yamuva elenzelé uJenene Pinochet.” I-Guardian yaphawula nokuthi uPapa Pius XII, umbhishobhi wangesikhathi sempi, “wayezimisele ukwenza isivumelwano [noHitler] futhi agweme into eyayizombangela amazinyo abushelelezi njengokulahla ukuQothulwa Kwesizwe.”

I-Age ithi: “Okushiwo ubuKristu akuzange kuthembeke ezimweni eziningi. AmaKristu ahlulekile ukulondoloza ukuthula nobunye bawo bangaphakathi. . . . Izimpi eziningi zokuphanga nokunqoba ezathethelelwa ngokuthi kwakungezokuguqulela abantu ebuKristwini zifakazela lokho. Ukholo, ithemba nothando kungase kube izimfanelo ezinhle zobuKristu, kodwa labo okuthiwa balangazelela lezo zimfanelo ezinhle bangase babe ngababhuqayo, abathambekele ekuphelelweni ithemba njengalabo abangewona amaKristu, futhi mhlawumbe abangaphani. . . . Yizwe lamaKristu elaqala ukuQothulwa Kwesizwe futhi elinye ladedela impi yama-athomu eyayihlasimulisa eJapane.”

Abanye bangase baphikise ngokuthi sekuyisikhathi eside eLobukholwa ligqugquzela izimfanelo ezinhle ezinjengokuqapha, amandla, ukulinganisela nobulungisa. Kodwa, i-Age iyaphawula: “Nokho, amaKristu eYurophu, eNyakatho Melika nase-Australia athola okungaphezulu kakhulu kwengxenye yawo emikhiqizweni yoMhlaba futhi ayaqhubeka ebekezelela ukuxhashazwa, ukucindezelwa nokuwohlozwa kwemvelo komakhelwane abangenamandla ukuze anelise izidingo zawo.”

Mayelana nekusasa leLobukholwa, i-Age iyaqhubeka: “Ngaphandle kohlaka oluhleliwe olunempilo, ubuKristu ngeke buze bube nethemba lokuthola amandla elalinawo emphakathini emakhulwini eminyaka adlule. Lokhu kungase kube kubi noma kube kuhle, kuye ngokuthi umuntu ukubheka kanjani. Kodwa iqiniso elibhekene nobuKristu eminyakeni ezayo.”

Ngenxa yokuwohloka okunjalo enkolweni ehleliwe, abaningi bayabaleka emasontweni. Kodwa ingabe inkolo ehlukile abayitholayo iyazanelisa ngempela izidingo zabo? Ingabe iyikhambi?

[Izithombe ekhasini 23]

Imikhosi emikhulu ishiya abaningi benganelisekile ngokomoya

[Isithombe ekhasini 23]

Abaningi baye babaleka ezinkolweni ezivamile ngenxa yendima yazo ekusekeleni izimpi nemibuso yezombangazwe ecindezelayo

[Umthombo]

foto: age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela