Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 5/8 k. 9
  • Ukuthula Komhlaba Akulona Nje Iphupho!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthula Komhlaba Akulona Nje Iphupho!
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthula Emhlabeni—Kuyofika Kanjani?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • “Ukuthula KukaNkulunkulu” Makulondoloze Inhliziyo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ubani Oyoholela Isintu Ekuthuleni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 5/8 k. 9

Ukuthula Komhlaba Akulona Nje Iphupho!

UKUBE u-Alfred Nobel ubengabheka emuva ekhulwini leminyaka elidlule, ingabe ubengaba namathemba okuthula komhlaba? Akungabazeki ukuthi ubengajabula ukwazi ukuthi abaningi baye benza imizamo eqotho yokuqeda impi. Noma kunjalo, ubeyobhekana neqiniso elibuhlungu. UProfesa Hugh Thomas uyifingqa kahle le ndaba ngokuthi: “Ikhulu lamashumi amabili—nakuba ngokuvamile liye lathuthuka kwezenhlalo nasekukhathaleleni kukahulumeni ukuphila kwabampofu—liye labuswa izibhamu ezingontuluntulu, izinqola zempi, ama-B-52, amabhomu enuzi kanye nezikhali ezicitshwayo. Livelele ngezimpi ezichithé igazi eliningi kunanoma iyiphi enye inkathi.” UThomas unezela ngokuthi “ngakho-ke, kumane nje kukumuntu ngamunye ukuthi le nkathi angayichaza njengenkathi yentuthuko yini noma cha.”

Ingabe amathemba okuthula komhlaba abonakala emakhulu manje njengoba sesingene ekhulwini lama-21? Phinde! Ubhekisela ekuhlaseleni kwango-September 11, 2001, eNew York City naseWashington, D.C., umagazini i-Newsweek uthi: “Ezweni lapho izindiza i-767 zingashintsha zibe amabhomu acitshwayo aqondiswayo, ayikho into ebonakala ingenakwenzeka, iwubuhlanya—noma, okubi nakakhulu, ayikho ebonakala ingavimbeleka.”

Abanye bathi ukuze kube khona ukuthula komhlaba, zimbili izinto okufanele zenzeke: Okokuqala, kudingeka izinguquko ezinkulu embonweni nasekuziphatheni kwabantu; futhi okwesibili, zonke izizwe kufanele zihlangane ngaphansi kukahulumeni owodwa. IBhayibheli libikezela ngesikhathi lapho kuyoba khona ukuthula—kodwa hhayi ngemizamo yomuntu. IHubo 46:9 lithi mayelana noMdali, uJehova uNkulunkulu: “Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba.” UNkulunkulu uyokufeza kanjani lokhu? NgoMbuso wakhe, abantu abaningi abaqotho abawuthandazela njalo. Lowo Mbuso awusona isimo sezinhliziyo esingachazeki, kodwa uhulumeni ongokoqobo uNkulunkulu ayomisa ngawo ukuthula kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuye komunye. Umprofethi ophefumulelwe u-Isaya wabikezela ukuthi abangaphansi kwalo hulumeni ngeke ‘besafunda ukulwa.’ (Isaya 2:4) Ngohlelo lwemfundo yomhlaba wonke, abantu bayofunda ukuphila ngokuthula futhi ngaleyo ndlela ‘bakhande izinkemba zibe amakhuba nemikhonto yabo ibe ngocelemba.’

Ngisho namanje oFakazi BakaJehova bayakwenza lokhu. Bayenqaba ukuphakamisela umakhelwane izikhali, nakuba bengamaqembu ahlukahlukene ngezizwe futhi behlala emazweni angaphezu kwangu-200. Isimo sabo sokungathathi hlangothi emhlabeni okhungethwe yimpi sibonisa ukuthi ukuthula akulona iphupho elingenakufezeka kodwa kuyinto ezokwenzeka.

Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngaleli themba elisekelwe eBhayibhelini lokuthula kwangempela? Siza ubhalele abanyathelisi balo magazini, usebenzisa ikheli eliseduze nawe kulawo asekhasini 5, noma uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela