Ukuhwebelana Kwembulunga Yonke Okuyokuzuzisa
“Ukuze ukuhwebelana kwembulunga yonke kuphumelele, kumelwe kusize abampofu kanye nabacebile ngokufanayo. Kumelwe kuqinise amalungelo futhi kulethe nengcebo. Kumelwe kulethe ubulungisa nokulingana emphakathini kanye nokuchuma kwezomnotho nokukhulumisana okungcono.”—UKOFI ANNAN, UNOBHALA-JIKELELE WEZIZWE EZIHLANGENE.
NJENGOBA uKofi Annan asho, ukuhwebelana kwembulunga yonke okuphumelela ngempela bekuyothuthukisa ukuphila kwazo zonke izakhamuzi zomphakathi wembulunga yonke. Kodwa esikubonile kule minyaka yamuva nje akusondeli nakancane lapho. Amalungelo abantu nokulingana emphakathini kuye kwasilela kakhulu entuthukweni yezobuchwepheshe nezinto ezibonakalayo.
Inkinga eyinhloko iwukuthi ukuhlanganiswa komnotho wembulunga yonke kuqhutshwa yisifiso sokwenza imali. Lesi sisusa sokwenza imali asinamsebenzi nabampofu nabahlukumezekile noma izidingo zembulunga yonke zesikhathi eside. UDkt. David C. Korten uthi: “Umnotho wembulunga yonke ongaqondisiwe obuswa yizinkampani ezibheke imali kuphela uyantengantenga . . . uphofisa isintu ngazo zonke izindlela.”
Ingabe ohulumeni bomhlaba bayokwazi ukuqondisa umnotho wembulunga yonke ngendlela yokuba kube nobulungisa emphakathini? Cha. Kuze kube manje, ohulumeni baye bakuthola kunzima ukuxazulula noma yiziphi izinkinga zembulunga yonke—kungakhathaliseki ukuthi ubugebengu, ukwenyuka kwezinga lokushisa, noma ubumpofu bembulunga yonke. U-Annan uyachaza: “Kudingeka umzamo wobumbano ukuze kulondolozwe izithakazelo zembulunga yonke, kodwa ezweni lanamuhla elihlangene, izinqubo zomzamo wobumbano zisafufusa.”
Okudingekayo akuzona nje izinqubo zokusingatha izinkinga zembulunga yonke. IKhomishane Yokubuswa Komhlabaa ibonisa ukuthi umhlaba udinga nezimiso zokuziphatha. Umbiko wayo uthi: “Ngaphandle kwezimiso zokuziphatha zembulunga yonke, ukungqubuzana kwemibono nezingxabano zokuphila emphakathini wembulunga yonke ziyokwanda; ngaphandle kobuholi, ngisho nezinhlangano namasu acatshangelwe kahle kuyofadalala.”
Le khomishane yatusa ziphi izimiso zokuziphatha zembulunga yonke? Lo mbiko uthi: “Abantu kufanele baphathe abanye ngendlela nabo abafisa ukuphathwa ngayo.” UJesu Kristu, umholi omkhulu kunabo bonke abake baziwa emhlabeni, wafundisa le ndinganiso yokuziphatha eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule. (Mathewu 7:12) Kodwa lesi simiso sisasebenza nanamuhla. Akungabazeki ukuthi ukuhwebelana kwembulunga yonke okusekelwe kuleyo ndinganiso bekuyozuzisa wonke umuntu. Kungenzeka yini lokho?
Ikhambi Lembulunga Yonke Eliyingqayizivele
IBhayibheli libikezela ukuthi maduzane, uhulumeni wembulunga yonke uzohlanganisa isintu ngesisekelo sokungabi nabugovu hhayi ngemali noma ngobuchwepheshe. Uyophumelela ngoba unamandla nezinqubo zokuthatha isinyathelo embulungeni yonke ukuze kuzuze sonke isintu. UJesu Kristu ngokwakhe wagxila kulo hulumeni wembulunga yonke lapho efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba ‘uMbuso kaNkulunkulu uze nentando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni.’—Mathewu 6:10.
UMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini ophethwe nguJesu Kristu, uyosebenzisa isimiso esisha sokuziphatha sembulunga yonke, isimiso uJesu ngokwakhe afundisa ngaso lapho esemhlabeni. Ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane kuyoba yizona zimiso eziqondisayo. (Mathewu 22:37-39) Kuneziprofetho eziningi eBhayibhelini ezibonisa lokho okuyokwenziwa yilo hulumeni omusha. IBhayibheli lithembisa lokhu ngoMbusi wawo, uJesu Kristu: “Uyokwahlulela abampofu ngobulungisa avikele nabathobekileyo ezweni ngokulinganayo.” (Isaya 11:4, The New English Bible) Abacebile nabanamandla ngeke baxhaphaze abahlukumezekile. UJesu ‘uyohawukela odangeleyo nompofu . . . Uyokhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni.’—IHubo 72:13, 14.
Izinkinga ezithinta imvelo ziyoxazululwa ngokushesha. Esikhundleni sokwanda kwezingwadule, ‘kuyothokoza uqwathule, lukhahlele njengentebe.’ (Isaya 35:1) Esikhundleni sokuntuleka kokudla, “kuyakuba khona inala kakolweni ezweni.”—IHubo 72:16.
UMbuso kaNkulunkulu uhlanganisa abantu bazo zonke izizinda. “Ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu,” kuthembisa uNkulunkulu. ‘Ngiyakunika abantu [“ulimi oluhlanzekile,” NW] ukuze bangikhonze nganhliziyonye.’ (Mika 2:12; Zefaniya 3:9) Lolu “limi oluhlanzekile,” oluhlanganisa iqoqo elilodwa lezimiso zokuziphatha nezenkolo, luhlanganisa abantu kwamanje.
Ngenxa yezinto ezenza kube lula ukuhamba emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bavame ukuba nemihlangano yezizwe emikhulu, eqinisa izibopho phakathi kwamaqembu ahlukahlukene ezinhlanga, izizwe namasiko. Le mihlangano iwubufakazi obuphathekayo bobunye obuthinta izinhliziyo nezingqondo, hhayi obuhilela ubuchwepheshe nezentengiselwano. (Bheka ibhokisi elikulesi sihloko.) Isazi senkolo saseSpain esike saya kuleyo mihlangano sabhala: ‘Ngaphuma ngakhekile, hhayi nje ngenxa yezinkulumo ezingokomBhalo ezifundisayo kuphela kodwa nangenxa yobunye obuphakathi kwalaba bantu, izindinganiso zabo zokuziphatha eziphakeme nesimilo sabo.’
OFakazi BakaJehova basebenzisa nezinye izici zokuhwebelana kwembulunga yonke ukuze basheshise ukushumayela kwabo izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, i-Phaphama! ihunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-80 abahumushi abaningi emhlabeni wonke abasebenzisa izimiso zama-computer nezindlela zokuxhumana ngawo. Amathuluzi anjalo asiza oFakazi BakaJehova basakaze isimiso sabo sokufundisa ngeBhayibheli embulungeni yonke. Kusobala ukuthi amathuluzi okuhwebelana kwembulunga yonke angasetshenziselwa ukwakha noma ukudicilela phansi.
Ngokufanayo, esikhundleni sokubanga izinkinga, njengoba kuye kwenza ukuhwebelana kwabantu embulungeni yonke, uhulumeni wembulunga yonke omiswe uNkulunkulu uyoletha amakhambi. Sinezizathu ezinhle zokwethemba leli gunya lokuphatha lasezulwini. UNkulunkulu uyathembisa: “Ngenza umhlaba omusha. Izenzakalo zesikhathi esidlule ziyolibaleka ngokuphelele. Jabulani nithokoze phakade ngalokho engikudalayo.” (Isaya 65:17, 18 TEV) “Umhlaba omusha” kaNkulunkulu uyobazuzisa ngempela abantu embulungeni yonke.
[Umbhalo waphansi]
a Le khomishane, eyakhiwa abaholi bomhlaba abavelele abangu-28, yabhala umbiko omude ngo-1995, owawunesihloko esithi “Umphakathi Wethu Wembulunga Yonke,” kuwona eyaveza izihlongozo zokuthuthukisa ukubuswa komhlaba.
[Ibhokisi ekhasini 28]
BAHLANGANISIWE KODWA BASAHLUKENE
Yize ubuchwepheshe buye benza umhlaba waba mncane, kusekhona ukuhlukana. Ithelevishini, omakhalekhukhwini ne-Internet kuye kwaba usizo ekuxhumaniseni abantu kodwa hhayi ekubenzeni babe nobunye. Ukuhlanganiswa komnotho nokuphela kombango phakathi kwemibuso emikhulu kuye kwanciphisa inani lezimpi phakathi koHulumeni, kodwa izimpi zombango ezinonya ziyaqhubeka zibulala futhi zigoga amakhulu ezinkulungwane zabantu minyaka yonke.
Kungani? Ngenxa yokuthi ukuzondana kwamaqembu ezinhlanga, ezizwe nawenkolo abangisanayo—okuyiyona mbangela yezimpi zombango—akubonakali kudamba. Kanti amabhizinisi embulunga yonke namaqembu obugebengu enza okusemandleni ukuba kutholakale izikhali eziningi ezingabizi ukuze amaqembu alwayo ahlale ehlome eyizingovolo. Ubunye bangempela abusoze bakhiwa ngemishini. Kanti nokuchuma kwezimakethe akusoze kwabuletha ubulungisa emphakathini.
Ngandlela-thile ukuhwebelana kwembulunga yonke kwezomnotho kungabangela ukuhlukana. Uma umnotho uchuma kamuva uwohloke, abantu abampofu baba yizisulu zosombangazwe abeqisayo abasizakala ngezikhalo zezomnotho ukuze bafeze izinjongo zabo. Liyini ikhambi? “Ukubuswa kwamazwe nembulunga yonke kufanele kwakhiwe kabusha—kucatshangwa ngokuthuthukiswa nokulingana kwabantu,” kuvuma i-Human Development Report 1999. Yilokho kanye uMbuso kaNkulunkulu oyokwenza.
[Izithombe ekhasini 29]
Uhlelo loFakazi BakaJehova lokufundisa ngeBhayibheli embulungeni yonke luye lwasiza abantu bazo zonke izizinda ukuba babe nobunye