Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 6/8 k. 2-k. 3 isig. 5
  • Ukungqubuzana Kwesayensi Nenkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungqubuzana Kwesayensi Nenkolo
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Kodwa Wona Uyahamba!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • EZASENDULO
    I-Phaphama!—2015
  • Ukuvumelanisa Isayensi Nenkolo
    I-Phaphama!—2002
  • Ungayethemba Kangakanani Isayensi?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 6/8 k. 2-k. 3 isig. 5

Ukungqubuzana Kwesayensi Nenkolo

“Ingabe inkolo kumelwe iqondwe kangcono njengesifo sengqondo esithathelwanayo?”—Isazi sezinto eziphilayo uRichard Dawkins.

INKOLO nesayensi ngezinye izikhathi kubhekwa njengenja nekati. Kwabanye kubonakala kuyimpi eshube kangangokuba okunye kuyonqoba lapho okunye sekuye kwagoqanyawo.

Kolunye uhlangothi kukhona ososayensi abathile, njengomthaki wemithi uPeter Atkins, onomuzwa wokuthi “akunakwenzeka” ukuvumelanisa inkolo nesayensi. U-Atkins uthi ukukholelwa “ukuthi uNkulunkulu uyimbangela (yanoma yini, ingasaphathwa eyokuthi uyimbangela yakho konke) kuwukusangana.”

Ngakolunye uhlangothi kunabantu benkolo abasola isayensi ngokuqeda ukholo. Abantu abanjalo bakholelwa ukuthi isayensi ekhona namuhla iwukukhohlisa; ingase ibe neqiniso, kodwa ukusontwa kwalo kuwohloza izinkolelo zamakholwa. Ngokwesibonelo, isazi sezinto eziphilayo uWilliam Provine uthi imfundiso kaDarwin ithi “asikho isisekelo esiyinhloko sezimiso zokuziphatha; ayikho injongo yangempela yokuphila.”

Kodwa, okunye kwalokhu kungqubuzana kuye kwabangelwa ukugomela okungamanga noma okungenabufakazi okuvela nhlangothi zombili. Sekungamakhulu eminyaka abaholi benkolo befundisa izinganekwane nezimfundiso eziyiphutha ezingqubuzana nemiphumela yocwaningo lwesayensi lwanamuhla futhi ezingasekelwe emiBhalweni ephefumulelwe. Ngokwesibonelo, iSonto LamaRoma Katolika lalahla uGalileo ngenxa yokuthi waphetha ngokuthi umhlaba uzungeza ilanga, ebe eqinisile. Umbono kaGalileo wawungaphikisani nhlobo neBhayibheli, kodwa wawuphikisana nalokho okwakufundiswa isonto ngaleso sikhathi. Ngakolunye uhlangothi, ososayensi banephutha lapho befundisa ukuthi iyiqiniso inkolelo-mbono engafakazelwe yokuthi ukuphila kwavela ezintweni ezingaphili, akudalwanga uNkulunkulu. Bayihleka usulu inkolo bathi ayivumelani nesayensi.

Khona-ke, kungenzeka yini ukuvumelanisa isayensi nenkolo? Yebo. Empeleni, isayensi efakazelwe nenkolo yeqiniso kuyaphelelisana esikhundleni sokuba kungqubuzane.

[Isithombe ekhasini 2, 3]

UGalileo wafundisa iqiniso elingokwesayensi, asolwa yisonto ngenxa yalo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela