Isasasa Lokugembula Emhlabeni
UJOHN owakhulela eScotland wayephupha ngokuwina ilotho. Uthi: “Masonto onke ngangithenga ithikithi lelotho. Lalingabizi kodwa lalingenza ngihlalele ethembeni lokuthola yonke into engiyifunayo.”
UKazushige ohlala eJapane wayewuthanda umjaho wamahhashi. Uyakhumbula: “Kwakumnandi kakhulu ukubhejela amahhashi nabangane bami futhi ngezinye izikhathi ngangiwina imali eningi.”
ULinda ohlala e-Australia uthi: “Ngangiwuthanda kakhulu umdlalo wokugembula okuthiwa i-bingo. Ngangidliwa u-R350 ngesonto kodwa kwakumnandi ukuwina.”
UJohn, uKazushige noLinda babebheka ukugembula njengokuzijabulisa okungenangozi. Amakhulu ezigidi zabantu emhlabeni akubheka kanjalo. Ukuhlola kukaGallup kwango-1999 kwabonisa ukuthi amaMelika ayizingxenye ezimbili kwezintathu ayekuvuna ukugembula. Ngo-1998, abagembuli baseMelika bachitha ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-50 ekugembuleni okusemthethweni—okuyimali engaphezu kwaleyo abayichitha emathikithini amabhayisikobho, emculweni oqoshiwe, emidlalweni, ekuzijabuliseni emapaki nasemidlalweni ye-video.
Ucwaningo lwamuva luthole ukuthi abantu base-Australia abangaphezu kwamaphesenti angu-80 babegembula okungenani kanye ngonyaka, kanti abangamaphesenti angu-40 babegembula njalo ngesonto. Ngokwesilinganiso, abantu abadala kulelo zwe bachitha imali engaphezu kuka-R4 600 ekugembuleni ngonyaka, okuyimali eyiphinda kabili leyo echithwa abaseYurophu noma abaseMelika, okwenza abantu base-Australia babe phakathi kwezinkakha zokugembula emhlabeni.
Abantu abaningi eJapane baluthwe i-pachinko, umdlalo wokugembula, futhi bachitha izigidi zezigidi zamaRandi ngonyaka bebhejela lo mdlalo. EBrazil, bachitha okungenani izigidi eziyizinkulungwane ezingu-46 zamaRandi unyaka ngamunye ekugembuleni, ikakhulu bethenga amathikithi elotho. Kodwa abaseBrazil akukuphela kwabo abathanda ilotho. Umagazini i-Public Gaming International muva nje ulinganisele ukuthi “kunezinkampani zelotho ezingu-306 emazweni angu-102.” Ngempela ukugembula kunesasasa emhlabeni—abanye bathi isasasa elinezinzuzo ezinkulu.
USharon Sharp, ummeleli we-Public Gaming Research Institute, uthi e-United States kusukela ngo-1964 kuya ku-1999, ilotho “yafaka imali eyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-125 zama-dollar emalini kahulumeni, eningi yayo yangena kusukela ngo-1993.” Eningi yaleyo mali yahlelelwa izinhlelo zokufundisa umphakathi, amapaki kahulumeni nokuthuthukiswa kwezindawo zemidlalo zomphakathi. Imboni yokugembula iqashe nabantu abaningi, e-Australia nje kuphela iqashe abantu ababalelwa ku-100-000 emabhizinisini angaphezu kuka-7 000.
Ngakho, abasekeli bokugembula bathi ngaphezu kokwenza abantu bazijabulise, ukugembula okusemthethweni kudala imisebenzi, kungenisa intela futhi kwenza ngcono ezomnotho zaleyo ndawo.
Ngakho abantu abaningi bangase babuze, ‘Kubi ngani ukugembula?’ Impendulo yalo mbuzo, okuzoxoxwa ngawo ezihlokweni ezilandelayo, ingase iwushintshe umbono wakho ngokugembula.
[Isithombe ekhasini 3]
UJohn
[Isithombe ekhasini 3]
UKazushige
[Isithombe ekhasini 3]
ULinda