Ukuphila Emphakathini Okhonzé Ukulahla Izinto
ABANTU abahlala emazweni asethuthukile balahla inqwaba yezibi. Ngokwesibonelo, cabanga ngodoti olahlwa njalo ngonyaka e-United States. Kuthiwa “ulingana namanzi angagcwalisa amadamu angu-68 000 asetshenziswa kuma-Olympic.” Eminyakeni ethile edlule, kwakulinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye izakhamuzi zaseNew York City zizodwa zazilahla udoti ongayigqiba ngamamitha amane iCentral Park enkulu yakuleli dolobha!a
Akumangalisi ukuthi i-United States iye yabizwa ngokuthi “iyisibonelo esiyisixwayiso emhlabeni wonke” endabeni “yokuthenga nokulahla izinto.” Kodwa lelo zwe akulona lodwa. Kuthiwa udoti olahlwa abantu baseJalimane njalo ngonyaka ungagcwala isitimela sezimpahla esisuka enhloko-dolobha yakhona iBerlin, size siyofika ogwini lwase-Afrika, ibanga elingamakhilomitha angu-1 800. Kanti eBrithani kwake kwalinganiselwa ukuthi umkhaya onabantu abane ulahla amaphepha angakhiqizwa izihlahla eziyisithupha ngonyaka.
Amazwe asathuthuka nawo alahla udoti omningi. Umagazini owaziwayo uyabika: “Izindaba ezimbi kakhulu ezokuthi iningi labantu abayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha emhlabeni nalo seliyaqala ukulahla udoti omningi njenge-United States namanye amazwe asethuthukile.” Yebo, sithanda noma singathandi, iningi lethu namuhla lisemphakathini okhonzé ukulahla izinto.
Yiqiniso, bezilokhu zikhona izinto abantu abangazilahla. Kodwa ukudla okusemathinini nezinto ezithengwa zisemaphaketheni sezitholakala yonke indawo manje kunaseminyakeni edlule, ngakho amathini namaphakethe alahlwayo agcwele yonke indawo. Inani lamaphephandaba, omagazini, amapheshana ezikhangiso, namanye amapheshana abhaliwe nalo seliye landa.
Izwe esiphila kulo elithuthuke kakhulu kwezezimboni nakwezesayensi nalo liye labangela izinhlobo ezintsha zikadoti. Iphephandaba laseJalimane i-Welt lithi “izimoto ezibalelwa ezigidini ezingu-9 zilahlwa minyaka yonke yi-European Union.” Akulula ukuzilahla. Umbuzo oyinkinga nakakhulu yilo, Uwulahla kanjani udoti onemisebe yenuzi noma amakhemikhali kodwa ungagulisi muntu? Ngo-1991 kwabikwa ukuthi i-United States “yayinenqwaba kadoti onemisebe yenuzi futhi ingekho indawo yokuwugcina unomphela.” Kwathiwa imigqomo eyisigidi enobuthi yayigcinwe endaweni yesikhashana, okwakungenzeka “ilahleke, intshontshwe futhi yone indawo ngenxa yokuphathwa budedengu.” Ngo-1999 kuphela, izindawo ezingaba ngu-20 000 e-United States zakhiqiza udoti oyingozi ongamathani angaphezu kwezigidi ezingu-40.
Enye imbangela inani labantu emhlabeni, eliye lenyuka ngesivinini esikhulu ekhulwini leminyaka elidlule. Uma abantu bebaningi nodoti uba mningi! Futhi iningi labantu liyathanda ukuba nezimpahla. I-Worldwatch Institute muva nje iphethe ngokuthi: “Kusukela ngo-1950 siye sasebenzisa izimpahla eziningi senzelwa nezinkonzo eziningi kunanini ngaphambili.”
Yiqiniso, bambalwa kulabo abahlala emazweni athuthukile abafuna ukuhlukana nazo zonke lezo ‘zimpahla nezinkonzo.’ Ngokwesibonelo, cabanga nje ukuthi kulula kanjani ukuya esitolo, ufike uthathe izinto esezisemaphaketheni uze nazo ekhaya zifakwe epulasitikini noma ezikhwameni zephepha ozinikwe esitolo. Uma abantu bebengavele bahlukaniswe nezinto ezinjalo zesimanje zokufaka izimpahla, kungasheshe kuse kubo ukuthi bese bethembele kangakanani kuzo. Futhi ngenxa yokuthi izimpahla ezisemaphaketheni zihlanzekile, okungenani zenza abantu babe nempilo engcono.
Nokho, naphezu kwalezo zinzuzo, kuyadingeka yini sikhathazeke ngokuthi kungenzeka ukuthi umphakathi wanamuhla okhonzé ukulahla izinto usuyeqisa? Kusobala ukuthi kuyadingeka, ngoba izindlela ezihlukahlukene ezisungulelwe ukuxazulula inkinga kadoti omningi azizinciphisanga izibi ezilahlwa abantu. Okubi nakakhulu, izimo zengqondo zomphakathi wanamuhla okhonzé ukulahla izinto zona zikhathaza nakakhulu.
[Umbhalo waphansi]
a Leli paki lingamahektare angu-341, noma licishe libe ngamaphesenti ayisithupha edolobha laseManhattan.
[Isithombe ekhasini 4]
Kuyinkinga enkulu ukulahla udoti oyingozi kodwa ungagulisi muntu