Isiqondiso Esinokwethenjelwa Sesikhathi Esizayo
INGABE ukuthi ukubhula ngezinombolo nezinye izinhlobo zokubhula akunakwethenjelwa kusho ukuthi asinayo indlela yokufunda ngekusasa lethu? Lutho neze!
Izinombolo ezingaphatheki azinakusitshela isintu ukuthi ikusasa liphetheni. Kodwa ‘uNkulunkulu ophilayo,’ obikezela “ngaphambili okuyakuza,” ukwenzile. Lokhu ukwenza eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. (1 Thimothewu 4:10; Isaya 46:10) Yilo kanye izwi likaNkulunkulu ophilayo, hhayi izwi lababhula ngezinombolo, elikwazi “ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo” futhi ngenxa yalokho lingakusiza ukuba uqonde ukuthi yini ekushukumisayo nokuthi yini eyokulethela impumelelo yangempela.—Heberu 4:12.
UMdali wethu, uMlobi weBhayibheli, uwukuphela komuntu ongabikezela ikusasa ngokunembile. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu unamandla onke, futhi ngaso sonke isikhathi ubelokhu ethembekile ezwini lakhe. UJehova uNkulunkulu wathi: “Ngikhulumile, ngiyakukufikisa.” (Isaya 46:11) Ngemva kokuholela ama-Israyeli eZweni Lesithembiso, uJoshuwa wakwazi ukusho la mazwi ngokuqiniseka: “Akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini.”—Joshuwa 21:45; 23:14.
IBhayibheli liqukethe iziprofetho eziningi ezisazogcwaliseka. Phakathi kwazo yilezo ezibikezela isikhathi lapho kuyosuswa khona ububi emhlabeni futhi wona wenziwe ipharadesi. (IHubo 37:10, 11; IzAga 2:21, 22) Ingabe lelo kusasa liyakukhanga? Uyakholelwa yini ukuthi uMdali wethu unokuhlakanipha namandla okulungisa izinto kule planethi? Uma kunjalo, uyothanda ukucabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa lomhlaba.a
Ngakho-ke, sebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha manje—hhayi ngokuzama ukuthola ikusasa lakho ngokufunda izinombolo kodwa ngokulwela ukuzuza ukuqonda okunembile kweBhayibheli neziprofetho zalo. OFakazi BakaJehova bakulungele ukukusiza ukuba uzuze ulwazi oluthé xaxa ngekusasa elembulwa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isahluko 1, 10 no-19 encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.