Ukholo Nekusasa Lakho
“Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo.”—HEBERU 11:1.
1. Luhlobo luni lwekusasa abantu abaningi abalufunayo?
INGABE unesithakazelo sokwazi ngekusasa? Abantu abaningi banaso. Banethemba lekusasa elinokuthula, elingenakho ukwesaba, elinezimo zokuphila ezinhle, umsebenzi okhiqizayo nojabulisayo, impilo enhle nokuphila isikhathi eside. Ngokungangabazeki zonke izizukulwane emlandweni ziye zafuna lezo zinto. Futhi namuhla, kuleli lizwe eligcwele izinkathazo kangaka, izimo ezinjalo zifiseleka kakhulu kunanini ngaphambili.
2. Isikhulu sikahulumeni sawubeka kanjani omunye umbono wekusasa?
2 Njengoba isintu siphikelele ekhulwini lama-21 leminyaka, ikhona yini indlela yokubona ukuthi ikusasa liyoba njani? Enye indlela yashiwo yisikhulu sikahulumeni saseMelika uPatrick Henry eminyakeni engaphezu kuka-200 edlule. Sathi: “Ayikho indlela engiyaziyo yokubikezela ikusasa ngaphandle kokubheka isikhathi esidlule.” Ngokwalo mbono, ngokwezinga elikhulu ikusasa lomkhaya wesintu lingaziwa ngalokho umuntu aye wakwenza esikhathini esidlule. Abaningi bayavumelana nalowo mbono.
Sasinjani Isikhathi Esidlule?
3. Umlando ubonisani ngokuqondene namathemba ekusasa?
3 Uma ikusasa lizofana nesikhathi esidlule, ingabe kuyakukhuthaza lokho? Ingabe ikusasa belilokhu liba ngcono ezizukulwaneni ezidlule kuze kube manje? Alizange. Naphezu kwamathemba abantu abebenawo izinkulungwane zeminyaka futhi naphezu kokuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo kwezinye izindawo, umlando ubugcwele ukucindezela, ubugebengu, ubudlova, impi nobumpofu. Leli lizwe liye labhekana nezinhlekelele zilandelana, ngokuyinhloko zibangelwa ukubusa komuntu okungenelisi. IBhayibheli linembile lapho lithi: ‘Umuntu ubusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
4, 5. (a) Kungani abantu babenamathemba amakhulu ekuqaleni kwekhulu lama-20? (b) Kwenzekani ngamathemba abo ekusasa?
4 Iqiniso liwukuthi umlando wesintu omubi uyaqhubeka uphinda izinto ezifanayo—kodwa ngezinga elikhulu nelilimaza kakhulu. Leli khulu lama-20 liwubufakazi balokho. Ingabe isintu siye safunda emaphutheni adlule futhi sawagwema? Ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, abaningi babenethemba lekusasa elingcono ngenxa yokuthi kwakube nesikhathi eside sokuthula nangenxa yentuthuko ezimbonini, kuyisayensi nasemfundweni. Ekuqaleni kwawo-1900, uprofesa waseyunivesithi wathi kwakucatshangwa ukuthi impi ngeke isaba khona ngoba “abantu base bephucuzeke kakhulu.” Ngokuphathelene nombono abantu ababenawo emuva ngaleso sikhathi, owayengundunankulu waseBrithani wathi: “Konke kwakuzoya kuba ngcono. Yilelo izwe engazalelwa kulo.” Kodwa wabe esethi: “Ngokushesha, kungazelelwe, ngolunye usuku ekuseni ngo-1914 konke kwashabalala.”
5 Naphezu kokholo olwalukhona ngaleso sikhathi ngekusasa elingcono, ikhulu leminyaka elisha lalingakabiphi lapho izwe lingena enhlekeleleni embi kunazo zonke kwezake zenziwa umuntu—iMpi Yezwe I. Ukuze ubone isibonelo sesimo sayo, cabanga ngalokho okwenzeka kwenye impi ngo-1916 lapho amabutho aseBrithani ehlasela awaseJalimane eduze koMfula iSomme eFrance. Ngamahora ambalwa nje iBrithani yalahlekelwa amasosha angu-20 000, kwafa amaningi nangasohlangothini lweJalimane. Iminyaka emine yalokho kuceka yadlula nokuphila kwamasosha acishe abe izigidi eziyishumi nokwezakhamuzi eziningi. Inani labantu baseFrance lancipha okwesikhashana ngenxa yokufa kwabantu abaningi ngale ndlela. Ezomnotho zawa, okwaholela ekuWohlokeni Okukhulu Kwezomnotho kwawo-1930. Akumangalisi ukuthi abanye baye bathi usuku okwaqala ngalo iMpi Yezwe I kwakuwusuku umhlaba owasangana ngalo!
6. Ingabe ukuphila kwaba ngcono ngemva kweMpi Yezwe I?
6 Ingabe lelo kwakuyikusasa leso sizukulwane esasililindele? Nakancane. Amathemba aso aphela nyá; futhi konke lokho akuvezanga bungcono. Ngemva nje kweminyaka engu-21 kuphelé iMpi Yezwe I, ngo-1939, kwagadla inhlekelele embi nakakhulu eyenziwe umuntu—iMpi Yezwe II. Yadlula nokuphila kwamadoda, abesifazane nezingane abayizigidi ezingu-50. Ukubhonjwa kwenza amadolobha aba imvuthu. EMpini Yezwe I, kwafa izinkulungwane zamasosha ngamahora ambalwa nje, kanti eMpini Yezwe II, amabhomu amabili kuphela e-athomu abulala abantu abangaphezu kuka-100 000 ngemizuzwana nje. Abaningi bakubheka njengokwaba kubi nakakhulu ukubulawa okuhleliwe kwezigidi zabantu emakamu okuhlushwa amaNazi.
7. Siye saba njani isimo kulo lonke leli khulu leminyaka?
7 Imithombo eminingi ithi uma sihlanganisa nezimpi phakathi kwezizwe, izimpi zombango nokufa kwezakhamuzi okubangelwa ohulumeni bazo, abantu abafé kuleli khulu leminyaka bangaba izigidi ezingu-200. Omunye umthombo uze uthi bayizigidi ezingu-360. Cabanga nje ngezinto ezesabekayo ezibangelwa yilokhu—ubuhlungu, izinyembezi, usizi nokuphila okonakalisiwe! Ngaphezu kwalokho, usuku ngalunye kufa isilinganiso sabantu abangu-40 000, iningi labo izingane, ngenxa yezimbangela ezihlobene nobumpofu. Abantu abayilelo nani liphindwe kathathu babulawa ukukhishwa kwezisu nsuku zonke. Futhi, abantu abangaba izigidi eziyinkulungwane bampofu kangangokuthi abakwazi ukuthola ukudla abakudingayo ukuze benze umsebenzi ovamile wosuku. Zonke lezi zimo ziwubufakazi balokho okwabikezelwa esiprofethweni seBhayibheli, bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso esibi sezinto.—2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24:3-12; Luka 21:10, 11; IsAmbulo 6:3-8.
Awekho Amakhambi Abantu
8. Kungani abaholi abangabantu bengenakuzixazulula izinkinga zezwe?
8 Njengoba leli khulu lama-20 lisondela ekupheleni, singafaka nalokho okwenzeke kulo emlandweni wamakhulu eminyaka adlule. Wonke-ke lo mlando usitshelani? Usitshela ukuthi abaholi abangabantu abakaze bazixazulule izinkinga ezinkulu zomhlaba, ukuthi abazixazululi manje nokuthi ngeke bazixazulule esikhathini esizayo. Kumane nje kungaphezu kwamandla abo ukunikeza uhlobo lwekusasa esilufunayo, kungakhathaliseki ukuthi bangase babe nezinhloso ezinhle kanjani. Futhi ezinye iziphathimandla azinazo izinhloso ezinhle; zifuna isikhundla namandla ukuze zifeze izinjongo zazo siqu zobugovu nezezinto ezibonakalayo, hhayi ngenjongo yokuzuzisa abanye.
9. Kungani kunesizathu sokungabaza ukuthi isayensi inawo amakhambi ezinkinga zabantu?
9 Ingabe isayensi inawo amakhambi? Uma sicabangela isikhathi esidlule, ayinawo. Ososayensi bakahulumeni baye bachitha izizumbulu zemali, isikhathi esiningi nomzamo bakha izikhali zamakhemikhali, zemvelo nezinye izinhlobo zezikhali, ezibhubhisa ngendlela emangalisayo. Izizwe, kuhlanganise nalezo ezimpofu, zichitha amaRandi angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezintathu ezikhalini minyaka yonke! Futhi ngokwengxenye, ‘intuthuko engokwesayensi’ iyimbangela yamakhemikhali aye aba nesandla ekungcoleni komoya, umhlaba, amanzi nokudla.
10. Kungani ngisho nemfundo ingenakuqinisekisa ikusasa elingcono?
10 Ingabe singazethemba izikhungo zemfundo zomhlaba ukuthi zizosiza ekwakheni ikusasa elingcono ngokufundisa izindinganiso zokuziphatha eziphakeme, ukucabangela abanye nokuthanda umakhelwane? Cha. Kunalokho, zigxila emisebenzini yokuziphilisa, ekwenzeni imali. Zakha umoya wokuncintisana, hhayi wokubambisana; futhi izikole azikufundisi ukuziphatha okuhle. Kunalokho, zivumela inkululeko yobulili, eye yandisa kakhulu inani lentsha ekhulelwayo nezifo ezidluliselwa ngobulili.
11. Umlando wezinhlangano zamabhizinisi ukubangela kanjani ukungabaza ngekusasa?
11 Ingabe izinhlangano ezinkulu zamabhizinisi zomhlaba ngokushesha zizoshukunyiselwa ukuba zinakekele iplanethi yethu futhi zibonise uthando ngabanye ngokwenza imikhiqizo eyoba inzuzo yangempela, hhayi nje ngenjongo yokuthola imali? Cishe akunakwenzeka lokho. Ingabe zizoyeka ukwenza izinhlelo zethelevishini ezigcwele ubudlova nokuziphatha okubi ezinengxenye ekonakaleni kwezingqondo zabantu, ikakhulu zezingane? Isikhathi esisanda kudlula asikhuthazi neze ngoba, ngokwengxenye enkulu, i-TV iye yaba umthombo wokuziphatha okubi nobudlova.
12. Abantu basesimweni esinjani ngokuqondene nokugula nokufa?
12 Ngaphezu kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi odokotela bezokwelapha bazimisele kangakanani, abanakukunqoba ukugula nokufa. Ngokwesibonelo, ekupheleni kweMpi Yezwe I, bahluleka ukunqanda ukubhebhetheka komkhuhlane waseSpain; emhlabeni wonke, wadlula nokuphila okuyizigidi ezingaba ngu-20. Namuhla, isifo senhliziyo, umdlavuza nezinye izifo ezibulalayo zidlangile. Futhi abezokwelapha abakawunqobi umshayabhuqe wanamuhla wengculaza. Ngokuphambene, umbiko we-United Nations owakhishwa ngo-November 1997 waphetha ngokuthi izinga igciwane lengculaza elisakazeka ngalo liliphinda kabili inani obekulinganiselwa kulo esikhathini esidlule. Kakade isibulele izigidi. Ngomunye unyaka muva nje, kube nabanye abantu abayizigidi ezintathu abangenwa yiyo.
Indlela OFakazi BakaJehova Abalibheka Ngayo Ikusasa
13, 14. (a) OFakazi BakaJehova balibheka kanjani ikusasa? (b) Kungani abantu bengenakuliletha ikusasa elingcono?
13 Nokho, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi isintu sinekusasa eliqhakazile, elihle kakhulu! Kodwa abalindele ukuba lelo kusasa elingcono libe khona ngemizamo yabantu. Kunalokho, babheka kuMdali, uJehova uNkulunkulu. Uyazi ukuthi ikusasa liyoba njani, futhi liyoba lihle kakhulu! Uyazi nokuthi abantu abanakuliletha ikusasa elinjalo. Njengoba abadala, uNkulunkulu ukwazi kangcono kunanoma ubani omunye ukulinganiselwa kwabo. EZwini lakhe, usitshela ngokucacile ukuthi akazange adale abantu benekhono lokubusa ngokuphumelelayo ngaphandle kwesiqondiso saphezulu. Ukuvumela kukaNkulunkulu ukubusa kwabantu isikhathi eside ngaphandle kwakhe kuye kwakubonisa ngendlela engenakungatshazwa ukuthi abanalo lelo khono. Omunye umlobi wavuma: “Ingqondo yomuntu iye yazama zonke izinhlanganisela zezindlela zokubusa ezikhona, kwanhlanga zimuka nomoya.”
14 KuJeremiya 10:23, sifunda amazwi omprofethi ophefumulelwe: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Futhi iHubo 146:3 lithi: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” Eqinisweni, ngenxa yokuthi sizalwa singaphelele, njengoba eyabaseRoma 5:12 ibonisa, iZwi likaNkulunkulu lisixwayisa ukuba singazethembi nathi ngokwethu. UJeremiya 17:9 uthi: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke.” Ngakho, izAga 28:26 zithi: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakukhululwa.”
15. Singakutholaphi ukuhlakanipha okungasiqondisa?
15 Singakutholaphi lokhu kuhlakanipha? “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.” (IzAga 9:10) NguJehova kuphela onokuhlakanipha okungasiqondisa sidlule kulezi zikhathi ezesabekayo. Futhi uye wasinika indlela yokuthola ukuhlakanipha kwakhe ngemiBhalo Engcwele, ayiphefumulelele ukuba isiqondise.—IzAga 2:1-9; 3:1-6; 2 Thimothewu 3:16, 17.
Ikusasa Lokubusa Komuntu
16. Ubani oye wanquma ikusasa?
16 Khona-ke, lisitshelani iZwi likaNkulunkulu ngekusasa? Lisitshela ukuthi ikusasa ngeke neze lifuze lokho abantu abaye bakwenza esikhathini esidlule. Ngakho umbono kaPatrick Henry uyiphutha. Ikusasa lalo mhlaba nabantu abakuwo ngeke linqunywe abantu, kodwa uJehova uNkulunkulu. Kuzokwenziwa intando yakhe emhlabeni, hhayi intando yanoma ibaphi abantu noma izizwe zalo mhlaba. “Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.”—IzAga 19:21.
17, 18. Iyini intando kaNkulunkulu esikhathini sethu?
17 Iyini intando kaNkulunkulu esikhathini sethu? Uhlose ukuqeda lesi simiso sezinto esinobudlova nokuziphatha okubi. Ukubusa kwabantu okubi osekunamakhulu eminyaka, masinyane kuzothathelwa indawo ukubusa okwakhiwe uNkulunkulu. Isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [lawa akhona namuhla] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [ezulwini] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” Lo Mbuso uyosusa nethonya elibi likaSathane uDeveli, into abantu abangasoze bayenza. Ukubusa kwakhe leli lizwe kuyonqamuka phakade.—Roma 16:20; 2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19.
18 Phawula ukuthi lo hulumeni wasezulwini uyochoboza zonke izinhlobo zokubusa kwabantu zingabe zisaba khona. Ukubuswa kwalo mhlaba ngeke kushiyelwe kubantu. Ezulwini, labo abakha uMbuso kaNkulunkulu bayoqondisa zonke izindaba zasemhlabeni ukuze kuzuze isintu. (IsAmbulo 5:10; 20:4-6) Emhlabeni, abantu abathembekile bayobambisana neziqondiso zoMbuso kaNkulunkulu. Lokhu ukubusa uJesu asifundisa ukuba sikuthandazele, lapho ethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
19, 20. (a) IBhayibheli lilichaza kanjani ilungiselelo loMbuso? (b) Ukubusa kwawo kuyosenzelani isintu?
19 OFakazi BakaJehova banokholo eMbusweni kaNkulunkulu. ‘Ungamazulu amasha’ umphostoli uPetru aloba ngawo: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) ‘Umhlaba omusha’ umphakathi wesintu omusha oyobuswa amazulu amasha, uMbuso kaNkulunkulu. Leli yilungiselelo uNkulunkulu alambula embonweni womphostoli uJohane, owabhala: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwakudlulile . . . Futhi [uNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:1, 4.
20 Phawula ukuthi umhlaba omusha uyoba olungile. Bonke abangalungile bayobe besuswe yisenzo sikaNkulunkulu, impi ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Isiprofetho esikuzAga 2:21, 22 sikubeka kanje: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni.” Futhi iHubo 37:9 liyathembisa: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.” Ubungeke yini uthande ukuhlala emhlabeni omusha onjalo?
Yiba Nokholo Ezithembisweni ZikaJehova
21. Kungani singaba nokholo ezithembisweni zikaJehova?
21 Singakholelwa yini ezithembisweni zikaJehova? Lalela lokho akushoyo ngomprofethi wakhe u-Isaya: “Khumbulani izinto zakuqala zamandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami.” Ingxenye yokugcina yevesi 11 ithi: “Ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.” (Isaya 46:9-11) Yebo, singaba nokholo kuJehova nasezithembisweni zakhe, siqiniseke ngazo njengokungathi sezenzekile kakade. IBhayibheli likubeka ngale ndlela: “Ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.”—Heberu 11:1.
22. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyozifeza izithembiso zakhe?
22 Abantu abathobekileyo babonisa ukholo olunjalo ngoba bayazi ukuthi uNkulunkulu uyozifeza izithembiso zakhe. Ngokwesibonelo, kumaHubo 37:29, siyafunda: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” Singakukholelwa lokhu? Yebo, ngoba eyamaHeberu 6:18 ithi: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ Ingabe umhlaba okaNkulunkulu, okwenza akwazi ukuwunika abathobekileyo? IsAmbulo 4:11 sithi: “Wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.” Ngakho, iHubo 24:1 lithi: “Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo.” UJehova wadala umhlaba, ungowakhe, futhi uwunika labo abanokholo kuye. Ukuze sisisize siqiniseke ngalokhu, isihloko esilandelayo sizobonisa indlela uJehova aye wazigcina ngayo izithembiso zakhe kubantu bakhe ezikhathini ezidlule nasosukwini lwethu nokuthi kungani singaqiniseka ngokugcwele ukuthi uzokwenza kanjalo esikhathini esizayo.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Kuye kwenzekani emathembeni abantu kuwo wonke umlando?
◻ Kungani kungafanele silindele abantu ukuba balethe ikusasa elingcono?
◻ Iyini intando kaNkulunkulu ngokuqondene nekusasa?
◻ Kungani siqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzozifeza izithembiso zakhe?
[Izithombe ekhasini 10]
IBhayibheli linembile lapho lithi: “Akukuyo indoda ukuba . . . iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23
[Imithombo]
Bomb: U.S. National Archives photo; famished children: WHO/OXFAM; refugees: UN PHOTO 186763/J. Isaac; Mussolini and Hitler: U.S. National Archives photo