Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 9/8 k. 15
  • Ukusebenzisa I-Phaphama! Ngokunenzuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenzisa I-Phaphama! Ngokunenzuzo
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engivimbela Ukuba Ngibhapathizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • UNkulunkulu Uyakhulisa E-Alaska
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Lapho Kushona Umuntu Omthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • “Ngabona, Kodwa Ngangingaqondi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 9/8 k. 15

Ukusebenzisa I-Phaphama! Ngokunenzuzo

LAPHO eseneminyaka engu-16 ubudala, uVanessa, ongomunye woFakazi BakaJehova e-United States, kwadingeka abhale umbiko wesikole ngesihloko sesifo sokuzincisha ukudla (i-anorexia). Uthi: “Ngacwaninga, kodwa ngathola ukwaziswa okuncane kakhulu. Ngaxoxa nabazali bami ngale ndaba, futhi basikisela ukuba ngibheke lesi sihloko ezincwadini zethu.”

Ngokucwaninga ezincwadini zoFakazi BakaJehova, uVanessa wakwazi ukuthola indathane yokwaziswa ayengakusebenzisa embikweni wakhe. Uthi: “Kodwa lokhu kwakuyingxenye nje yalesi sabelo. Kwakudingeka nokuba nginikeze inkulumo phambi kukathisha nabafundi abangu-20!” UVanessa wayezobhekana kanjani nale nselele?

NjengoFakazi BakaJehova kuzo zonke izingxenye zomhlaba, uVanessa uqeqeshelwa ukukhuluma obala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa eHholo LoMbuso lendawo. UVanessa uthi: “Ngosizo lwalesi sikole, sikulungela kahle ukuya enkonzweni sikhulume nabanye. Sithola neseluleko sokuthi yini okufanele siyithuthukise ukuze abantu basiqonde kangcono.” Waba yini umphumela wokuzikhandla kukaVanessa enza umbiko wakhe wesikole? Uthi: “Ngathola amamaki aphezulu.”

UVanessa ungomunye wentsha eningi ezisebenzisa ngokunenzuzo izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nokunye ukuqeqeshwa okungokomoya. Intsha enjalo kumelwe inconywe, ngoba ilandela isiyalo somShumayeli 12:1: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela