Ukusebenzisa I-Phaphama! Ngokunenzuzo
LAPHO eseneminyaka engu-16 ubudala, uVanessa, ongomunye woFakazi BakaJehova e-United States, kwadingeka abhale umbiko wesikole ngesihloko sesifo sokuzincisha ukudla (i-anorexia). Uthi: “Ngacwaninga, kodwa ngathola ukwaziswa okuncane kakhulu. Ngaxoxa nabazali bami ngale ndaba, futhi basikisela ukuba ngibheke lesi sihloko ezincwadini zethu.”
Ngokucwaninga ezincwadini zoFakazi BakaJehova, uVanessa wakwazi ukuthola indathane yokwaziswa ayengakusebenzisa embikweni wakhe. Uthi: “Kodwa lokhu kwakuyingxenye nje yalesi sabelo. Kwakudingeka nokuba nginikeze inkulumo phambi kukathisha nabafundi abangu-20!” UVanessa wayezobhekana kanjani nale nselele?
NjengoFakazi BakaJehova kuzo zonke izingxenye zomhlaba, uVanessa uqeqeshelwa ukukhuluma obala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa eHholo LoMbuso lendawo. UVanessa uthi: “Ngosizo lwalesi sikole, sikulungela kahle ukuya enkonzweni sikhulume nabanye. Sithola neseluleko sokuthi yini okufanele siyithuthukise ukuze abantu basiqonde kangcono.” Waba yini umphumela wokuzikhandla kukaVanessa enza umbiko wakhe wesikole? Uthi: “Ngathola amamaki aphezulu.”
UVanessa ungomunye wentsha eningi ezisebenzisa ngokunenzuzo izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nokunye ukuqeqeshwa okungokomoya. Intsha enjalo kumelwe inconywe, ngoba ilandela isiyalo somShumayeli 12:1: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”