Ukusuka Emkhankasweni Obulalayo Kuya Ekuphishekeleni Ukuthula
NJENGOBA ILANDISWA NGUTOSHIAKI NIWA
Indoda eyayingumshayeli wezindiza waseJapane eyayiqeqeshelwe ukuhlasela umkhumbi wempi waseMelika ngendlela ye-“kamikaze” phakathi neMpi Yezwe II ilandisa indlela eyazizwa ngayo lapho ilinde lowo mkhankaso obulalayo.
LAPHO iJapane inqotshwa kabuhlungu eMpini YaseMidway ngo-June 1942, ukuthatha kwayo amazwe asePacific kwanqandwa. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, elaseJapane lehlulwa ezimpini zilandelana lilwa nelase-United States nabasizi balo, njengoba babebuyisa amazwe elaseJapane elaliwanqobile.
Ngo-September 1943 uhulumeni waseJapane wamemezela ukuthi abafundi baseyunivesithi ababekhululiwe enkonzweni yempi babebuthelwa kuyo futhi. Ngo-December, lapho ngineminyaka engu-20 ubudala, ngajoyina ibutho lasolwandle elaliseyunivesithi. Ngemva kwenyanga ngafundela impi yasolwandle. Ngo-December 1944, ngaqeqeshelwa ukushayela uhlobo lwendiza okuthiwa i-Zero.
Amabutho Akhethekile E-kamikaze
ElaseJapane lalizonqotshwa nakanjani. Ngo-February 1945, ukuhlaselwa kwelaseJapane ngezindiza ze-B-29 kwasekukubi. Ngesikhathi esifanayo, amabutho asolwandle ase-United States ayesondela ogwini lwezwe, aluhlasela ngezindiza ezazisuka emkhunjini.
Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kwalokho, abaholi bempi baseJapane babenqume ukuzilahla amathambo ngokuhlasela bazibulale nesitha. Nakuba ngaleso sikhathi kwakusobala ukuthi elaseJapane lalingeke liyinqobe impi, leso sinqumo sayinweba impi futhi sabulala izinkulungwane zabantu abengeziwe.
Labunjwa kanjalo-ke iButho Elikhethekile Le-kamikaze. Lethiwa ngomoya waphezulu, i-kamikaze, okuyisiphepho ngokomlando okuthiwa saphephula imikhumbi yabahlaseli baseMongolia ngekhulu le-13. Lapho i-kamikaze ihlasela okokuqala, ngayinye yezindiza ezinhlanu ze-Zero yafakwa ibhomu elingamakhilogremu angu-250 futhi yayizoshayelwa iyoshaya umkhumbi umuntu afe nesitha.
IYatabe Naval Flying Corps, engangikuyo, yanikezwa umyalo wokuba imise iqembu elikhethekile labantu ababezofa nesitha. Sonke sanikezwa ifomu saligcwalisa, elalibonisa ukuthi sasizinikela yini ukuba sibe amalungu ebutho elizofa nesitha.
Ngaba nomuzwa wokuthi kwakufanele ngidele ukuphila kwami ngenxa yezwe lakithi. Kodwa noma ngangingadela ukuphila kwami ngokushayela indiza ngiyofa nesitha, ngangingase ngidutshulwe ngingakafiki endaweni ehlosiwe, ngifele ize. Ingabe umama wayeyojabula uma ngifa ngingazifezanga izibopho zomkhaya wakithi? Kwaba nzima ukuvuma ukuthi ukuzinikela enkonzweni yokufa nesitha kwakuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwami. Kodwa, noma kunjalo, ngazinikela.
Ngo-March 1945 kwakhiwa iqembu lokuqala le-Yatabe Special Attack Corps. Nakuba kwakhethwa abangane bami abangu-29, mina angizange ngikhethwe. Ngemva kokuthola ukuqeqeshwa okukhethekile, kwahlelwa ukuthi babeyothatha lolu hambo lokufa besuka esikhungweni sezindiza saseKanoya esifundazweni saseKagoshima ngo-April. Ngaphambi kokuba bathunyelwe eKanoya, ngahamba ngayovakashela abangane bami, nginethemba lokuthola indlela ababezizwa ngayo njengoba babebhekene nesabelo sokufa nesitha.
Omunye wabo washo ngokuzola, ethi: “Sizofa, kodwa wena ungajaheli ukufa. Uma othile kithi esinda, kufanele atshele abanye ukuthi ukuthula kuyigugu kangakanani futhi alwele ukukuthola.”
Ngo-April 14, 1945, abangane bami bahamba. Ngemva kwamahora athile, sonke salalela umsakazo ukuze sizwe ukuthi babehambe kanjani. Umsakazi wathi: “IQembu Lokuqala LeShowa leButho Elikhethekile Le-kamikaze lihlaselé ibutho lesitha olwandle, empumalanga yeKikai Shima. Bonke bafele empini.”
I-Ohka—Ibhomu Elingumuntu
Ngemva kwezinyanga ezimbili, ngathunyelwa eKonoike Naval Flying Corps njengelungu leButho Elikhethekile Le-Jinrai. Elithi Jinrai lisho “umbani waphezulu.” Leli butho lalinezindiza ezisukela ezweni (ezazibizwa ngokuthi ama-Attacker), izindiza ezingabaphelezeli kanye nezindiza ezisukela emkhunjini.
Endizeni ngayinye enkulu—okungukuthi, i-Attacker enezinjini ezimbili—kwakulenga i-Ohka, igama elisho “isithungu samathunduluka.” Yayimelela abashayeli bezindiza abasebasha ababezimisele ukudela ukuphila kwabo. I-Ohka kwakuyindiza engenanjini, enesihlalo esisodwa namaphiko angaba amamitha amahlanu ubude, nesisindo esingamakhilogremu angu-440. Yayithwala iziqhumane ezingaba ithani ekhaleni layo.
Lapho indiza enkulu isondela esitheni, umshayeli wayegibela i-Ohka, eyayidedelwa ihlukane nendiza enkulu. Ngemva kokundiza isikhashana ngosizo lwamarokhethi amathathu, ngayinye evutha imizuzwana eyishumi, yayihlasela isitha. Yayibizwa ngokufanele ngokuthi ibhomu elingumuntu. Lapho isicitshiwe yaphuma, kwakungenandlela yokujika!
Ngesikhathi sokuzivivinya, umshayeli we-Ohka wayegibela indiza i-Zero azijikijele entweni ayihlaselayo esuka phezulu ebangeni elingamamitha angu-6 000. Ngabona abashayeli abaningi befa ngalezi zikhathi zokuzivivinya.
Ngaphambi kokuba ngabelwe kuleli butho, iqembu lokuqala lase lihambile. Lalinama-Attacker angu-18 anama-Ohka, ayephelezelwa yizindiza zempi ezingu-19. Ama-Attacker ayesinda futhi engakwazi ukushesha. Ayikho neyodwa eyafinyelela lapho ayeya khona. Wonke la ma-Attacker nabaphelezeli bawo badutshulwa bafa yizindiza zempi zase-United States.
Njengoba lalingasenazo izindiza zokuliphelezela, iQembu Le-Jinrai kwadingeka lithathe uhambo lwakamuva ngaphandle kwazo. Labo abahamba kamuva ababange besabuya. Bonke bafa, baphelela enkundleni yempi yase-Okinawa.
Izinsuku Zokugcina Zempi
Ngo-August 1945, ngathunyelwa e-Otsu Naval Flying Corps. Isikhungo engathunyelwa kuso sasingaphansi kwentaba iHiei-zan eduze kwedolobha laseKyoto. Njengoba kwakulindelwe ukuthi amabutho ase-United States ayezofika ogwini lwezwe laseJapane, kwenziwa amacebo okuciba ama-Ohka esuka entabeni ukuze kuhlaselwe imikhumbi yempi yase-United States. Imizila yokuciba lezi zindiza yakhiwa esiqongweni sentaba.
Salinda iziyalezo zokuba kuhlaselwe. Kodwa akuzwakalanga lutho. Ngemva kokuba iHiroshima neNagasaki zibhujiswe ngamabhomu e-athomu ngo-August 6 no-9, elaseJapane lacela umaluju kwelase-United States nakubasizi balo ngo-August 15. Ekugcineni impi yaphela. Ngangisinde ngokulambisa.
Ekupheleni kuka-August, ngabuyela ekhaya eYokohama, kodwa umuzi wakithi wawubhidlike ngokuphelele ekuhlaseleni kwezindiza ze-B-29. Umkhaya wakithi wawuphelelwe ithemba. Udadewethu nomshana babefe ngesikhathi kusha indlu. Nokho, kwasiduduza ukubuya komfowethu ongelamayo ephephile.
Nakuba kwakunencithakalo nendlala enkulu, ngabuyela eyunivesithi ngayoqedela izifundo zami. Ngemva kokufunda unyaka, ngathola iziqu ngayofuna umsebenzi. Ngo-1953, ngashada noMichiko futhi ngokuhamba kwesikhathi ngaba ubaba wamadodana amabili.
Ukuphishekela Kwami Ukuthula
Ngo-1974 uMichiko waqala ukutadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. Ngokushesha waqala ukuya emihlanganweni yabo nokuhlanganyela emsebenzini wabo wokushumayela. Ngangingakufuni ukuhamba kwakhe njalo. Wangichazela ukuthi inkonzo yobuKristu ithuthukisa ukuthula nenjabulo yangempela. Ngacabanga ukuthi uma kunjalo, akufanele ngimphikise. Kunalokho, kufanele ngibambisane naye.
Cishe ngaleso sikhathi, ngaqasha abasha abambalwa abangoFakazi ababezosebenza njengonogada ebusuku. Lapho laba basha abangoFakazi befika, ngababuza ngenhlangano yabo nangenkonzo yabo. Ngamangala lapho ngithola ukuthi, ngokungefani nenye intsha engontanga yabo, babenengqondo ehluzekile nomoya wokuzidela. Lezo zimfanelo babezifunde eBhayibhelini. Bachaza ukuthi oFakazi emhlabeni wonke babengacwasani ngokobuhlanga futhi babewulalela ngokuqinile umyalo weBhayibheli wokuba bathande uNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:36-40) Babebheka abakanye nabo njengabafowabo nodadewabo, kungakhathaliseki imingcele yamazwe.—Johane 13:35; 1 Petru 2:17.
Ngacabanga: ‘Ukuzikhohlisa konke lokhu.’ Njengoba izinkolo eziningi zeLobukholwa zazilwa, ngangingakukholelwa neze ukuthi oFakazi BakaJehova babehlukile.
Ngabatshela ukuthi ngiyakungabaza abakushoyo. Besebenzisa INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova, laba basha abangoFakazi bangibonisa ukuthi oFakazi eJalimane babegqunywe ejele baze babulawa ngisho nokubulawa ngenxa yokungathathi hlangothi embusweni kaHitler. Ngabona ukuthi oFakazi BakaJehova bangamaKristu eqiniso.
Phakathi naleso sikhathi, umkami wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini ngo-December 1975. Nganikezwa isifundo ngaleso sikhathi. Kodwa lapho ngicabanga ngezibopho zezimali enganginazo, njengezindleko zesikole zamadodana ami amabili nokukhokhela umuzi wethu, angizange ngithuthuke. Amadoda ashadile ebandleni ayeshintsha imisebenzi yawo yokuziphilisa ukuze abe nesikhathi esithé xaxa esikhululekile. Ngangicabanga ukuthi kwakuzolindeleka ukuba nami ngenze okufanayo. Kodwa ngemva kokuboniswa indlela ukuphila kobuKristu okungase kuvunyelaniswe ngayo nomsebenzi wokuziphilisa, ngagcina nginqume ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
Isinqumo Sokukhonza UNkulunkulu Wokuthula
Ngemva kweminyaka emibili engifundela, umuntu owayengiqhubela isifundo seBhayibheli wangibuza ukuthi ngase ngikucabangele yini ukunikezela ukuphila kwami kuNkulunkulu. Kodwa kwakunzima ukuthatha leso sinyathelo, futhi lokho kwangikhathaza.
Ngolunye usuku ngangehla izitebhisi ngishesha emsebenzini. Ngakhutshwa okuthile, ngawa, ngashayeka ngesiphundu futhi ngaquleka. Lapho ngiphaphama, ngangiphethwe ikhanda elinkenkethayo futhi ngayiswa esibhedlela nge-ambulense. Nakuba isiphundu sasivuvukele kakhulu, ugebhezi lwalungaqhekekanga futhi ngangingophi ngaphakathi.
Ngambonga kakhulu uJehova ngokuphila enginakho! Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ngazimisela ukukusebenzisela ukwenza intando kaJehova, futhi nganikezela ukuphila kwami kuye. Ngo-July 1977, ngabhapathizwa ngineminyaka engu-53 ubudala. Indodana yami endala, uYasuyuki, nayo yatadisha iBhayibheli futhi yabhapathizwa ngemva kweminyaka engaba mibili.
Ngemva kweminyaka eyishumi ngibhapathiziwe, ngathatha umhlalaphansi. Phakathi naleyo minyaka ngisasebenza, ngaphishekela inkambo yobuKristu, ngiyivumelanisa nomsebenzi wokuziphilisa. Njengamanje, nginelungelo lokukhonza njengomdala eYokohama, ngisebenzisa isikhathi esiningi enkonzweni yobuKristu. Indodana yami endala ingumdala nesikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni elingumakhelwane.
Njengoba ngasinda ebuthweni lempi elikhethekile nasemisebenzini yalo ebulalayo, ngiyabonga ngokuthi ngiyaphila futhi ngikubheka njengelungelo ukuhlanganyela ekushumayeleni “lezi zindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Ngiqiniseka ngokugcwele ngokuthi indlela engcono kakhulu yokuphila ukuba omunye wabantu bakaNkulunkulu. (IHubo 144:15) Ezweni elisha eliseduze, abantu abasoze baphinde babhekane nempi, ngoba “isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.
Uma kuyintando kaNkulunkulu, ngingathanda ukuhlangana nabantu engangibazi abafa empini abayovuswa kwabafileyo. Kuyojabulisa kakhulu ukubatshela ngokuphila okunokuthula abangakujabulela emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kokubusa kokulunga koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini!—Mathewu 6:9, 10; IzEnzo 24:15; 1 Thimothewu 6:19.
[Isithombe ekhasini 25]
Lapho ngisebuthweni lezindiza lasolwandle
[Isithombe ekhasini 24, 25]
I-“Ohka”—Ibhomu elingumuntu
[Umthombo]
© CORBIS
[Isithombe ekhasini 26]
Nginabangane bami ngaphambi kohambo lokufa. Ngingowesibili kusuka kwesokunxele, futhi yimina kuphela owasinda
[Isithombe ekhasini 27]
Nginomkami, uMichiko, nendodana yami endala, uYasuyuki
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
U.S. National Archives photo