Intsha Iyabuza . . .
Kunani Ukukopela?
“Wonke umuntu uyazi ukuthi kubi ukukopela, kodwa kulula ukukwenza.”—UJimmy, oneminyaka engu-17.
WAKE walingeka yini ukuba ubheke iphepha lengane enifunda nayo ngesikhathi nibhala isivivinyo? Uma kunjalo, awuwedwa. UJenna, osebangeni leshumi, uphawula indlela iningi lalabo afunda nabo elikopela ngayo isidanasi. Uthi: “Bakuqhoshela ngendlela abakwenza ngayo. Bathi uyinqaba wena ongakopeli!”
Ukuhlola okuthile e-United States, kubonisa ukuthi amaphesenti angu-80 entsha eqwaqwada enye emakhanda avuma ukuthi akopela, futhi ezingamaphesenti angu-95 kulezi zingane “eziphuma ngamalengiso” azikaze zibanjwe. Ngemva kokwenza inhlolo-vo ezinganeni ezingaphezu kuka-20 000 ezisebangeni eliphakathi nezisezikoleni eziphakeme, i-Josephson Institute of Ethics yaphetha kanje: “Ngokuphathelene nokwethembeka nobuqotho, isimo siya siba sibi nakakhulu.” Othisha bayamangala lapho bebona indlela umkhuba wokukopela owande ngayo! Umqondisi wesikole uGary J. Niels waze wathi: “Izingane ezingakopeli yizo manje eziyivelakancane.”
Abazali abaningi balindele ukuba izingane zabo ziziphathe kahle emsebenzini wazo wasesikoleni. Ngeshwa, intsha eningi ikhetha ukukopela kunokwethembeka. Zisebenzisa ziphi izindlela ezintsha? Kungani ezinye izingane ziphendukela ekukopeleni? Kungani kufanele uwugweme lo mkhuba?
Ukusebenzisa Ubuchwepheshe Ekukopeleni
Ingane yanamuhla ekopelayo inenqwaba yezindlela zokukopela ezisebenzisayo. Empeleni, ukukopela ngokubheka umsebenzi wasekhaya noma ukugwaza lapho kubhalwa akuselutho lapho kuqhathaniswa namaqhinga anamuhla obuchwepheshe obuphambili. La maqhinga ahlanganisa ukusebenzisa ama-pager akunikeza izimpendulo zemibuzo yesivivinyo ozithunyelelwa abantu abakwenye indawo; imishini yokubala enokwaziswa “okwengeziwe” okufakwe kusengaphambili, amakhamera amancane afihlwe ezingutsheni, asetshenziselwa ukuthumela imibuzo kumuntu okusizayo okwenye indawo; imishini edlulisela ngamaza imiyalezo kwezinye izingane ofunda nazo eziseduze; ngisho nezingosi ze-Internet ezinamaphepha ezimpendulo esivivinyo sonyaka sanoma yisiphi isifundo!
Othisha bayazama ukuwunqanda lo mkhuba owethusayo wokukopela, kodwa kusinda kwehlela. Kakade, akubona bonke abafundi—noma othisha—abavumelanayo ngokuthi yikuphi okumelwe kubhekwe njengokukopela. Ngokwesibonelo, lapho amaqembu abafundi enza umsebenzi othile ndawonye, akulula ukubona ukuthi ziye zabambisana ngokulinganayo noma ukuthi kuye kwaba nokhohlisayo ngokungathembeki. Bese-ke futhi kuba khona nalabo abasizakala ngomsebenzi weqembu, bashiyele wonke umsebenzi kwabanye. UYuji, osekholiji lomphakathi uthi: “Abanye balaba bafundi bayavilapha—abenzi lutho! Bese bethola amamaki afanayo nawethu. Ngicabanga ukuthi nalokho kuwukukopela!”
Kungani Bekopela?
Enye inhlolo-vo yabonisa ukuthi isizathu esiyinhloko esenza abafundi abaningi bakopele ukungalungiseleli. Abanye abafundi lapho bejojwa umoya wokuncintisana esikoleni noma ngabazali abalindela lukhulu kubo, baphetha ngokuthi abakwazi ukwenza ngenye indlela ngaphandle kokukopela. USam oneminyaka engu-13, uthi: “Amamaki asemqoka kunakho konke kubazali bami. Bangibuza ukuthi: ‘Uthole amamaki amangaki esivivinyweni sakho sezibalo? Mangaki owatholile kwesesiNgisi?’ Ingiphatha kabi leyo nto!”
Kwabanye, ingcindezi engapheli yokuthola amamaki amahle ibenza bakopele. Incwadi ethi The Private Life of the American Teenager ithi: “Kukhona okushaya amanzi ngesimiso esicindezela kangangokuba injabulo yokufunda ithathelwe indawo ingcindezi yokuthola amamaki, ngezinye izikhathi aze atholakale ngokungathembeki.” Abafundi abaningi bayavumelana nalokhu. Phela, akekho ofuna ukufeyila isivivinyo, kangakanani-ke ukufeyila ekupheleni konyaka. UJimmy, ofunda esikoleni esiphakeme uthi: “Abanye abantu bahlushwa kakhulu uvalo lokuthi bazofeyila. Ngisho nalapho bezazi izimpendulo, bayakopela ukuze nje baqiniseke.”
Isibalo esiphakeme sabantu abazimisele ukudela izindinganiso zokwethembeka sisodwa singenza ukukopela kubonakale kungenangozi. Ngezinye izikhathi kungase kubonakale kuzuzisa impela. UGreg oneminyaka engu-17 uthi: “Izolo ngibone enye ingane ikopela isivivinyo kwesinye sezifundo zethu. Namuhla lapho uthisha ebuyisa izincwadi zethu, ngiphawule ukuthi ithole amamaki angaphezu kwawami.” Abaningi bathonywa ukwanda kokukopela okwenziwa ontanga yabo. UYuji uthi: “Abanye abafundi banomuzwa wokuthi ‘uma abanye bekopela, kumelwe nami ngikopele.’” Kodwa ingabe kunjalo ngempela?
Ukulutheka Okukhohlisayo
Qhathanisa ukukopela nokweba. Ingabe iqiniso lokuthi abantu abaningi bayeba likwenza kwamukeleke? Ungase uthi, ‘Lutho neze’—ikakhulukazi uma kuyimali yakho eyebiwe! Lapho sikopela sithola udumo olungasifanele—mhlawumbe size siqilizele labo abathembekile. (Efesu 4:28) UTommy, osanda kuphothula esikoleni esiphakeme uthi: “Kubi nje. Uzitshela ukuthi, ‘Ngiyasazi lesi sifundo,’ ube ungasazi. Ngakho uqamba amanga.” Umbono weBhayibheli ngale ndaba uboniswe ngokucacile kweyabaseKolose 3:9: “Ningaqambi amanga omunye komunye.”
Ukukopela kungaba njengokulutheka okunzima ukugqashula kuko. UJenna uthi: “Abantu abakopelayo bathole ukuthi akudingeki ukuba batadishe ukuze baphase. Ngakho bamane bathembele ekukopeleni. Kodwa-ke lapho sebezimele, kuba mnyama ebusweni benkawu.”
Isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 siyasangulukisa: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Imiphumela yokukopela esikoleni ingahlanganisa nobuhlungu bokuhlushwa unembeza, ukungathenjwa abangane, ukukhinyabezeka kwamakhono okufunda ngenxa yokugwema kwakho inqubo yokufunda. Njengomdlavuza oba yingozi, lo mkhuba wokukhohlisa unganda uthinte nezinye izici zokuphila futhi ungalimaza ubuhlobo obuyigugu kakhulu. Ngokuqinisekile, uyobulimaza ubuhlobo bakho noNkulunkulu, okumnengayo ukukhohlisa.—IzAga 11:1.
Labo abathembele ekukopeleni bamane bazikhohlisa bona. (IzAga 12:19) Ngezenzo zabo bathatha ukuma okufana nokwababusi abakhohlakele bomuzi wasendulo waseJerusalema: “Senzé amanga aba yisiphephelo sethu, futhi sizithukusé emangeni.” (Isaya 28:15) Nokho, umuntu okopelayo akakwazi ngempela ukufihlela uNkulunkulu izenzo zakhe.—Hebheru 4:13.
Ungakopeli!
Ezimweni eziningi intsha yenza umzamo omkhulu isebenzise nobunyoninco ukuze ikopele—ebingabusebenzisa kangcono ekutholeni imfundo ngobuqotho. Njengoba u-Abby oneminyaka engu-18 echaza, “ukube bebezikhandla ngendlela efanayo ekufundeni njengoba bezikhandla ekukopeleni, mhlawumbe bebengenza kangcono kakhulu.”
Yiqiniso, isilingo sokukopela singase sibe namandla. Kodwa kumelwe usigweme lesi sihibe! (IzAga 2:10-15) Ungakwenza kanjani lokho? Okokuqala, khumbula isizathu sokuya kwakho esikoleni—ukuyofunda. Yebo, kungase kubonakale kungenanzuzo etheni ukuqongelela ulwazi ngezinto mhlawumbe ongasoze wazisebenzisa. Kodwa lapho umuntu eyinqamulela le nqubo ngokukopela, uthiya ikhono lakhe lokufunda izinto ezintsha nelokusebenzisa ulwazi. Ukuqonda kwangempela, akutholakali ngaphandle komzamo; kuyasetshenzelwa. IBhayibheli lithi: “Thenga iqiniso ungalithengisi—ukuhlakanipha nesiyalo nokuqonda.” (IzAga 23:23) Ngempela, kudingeka ukubheke ngokungathí sina ukufunda nokulungiselela. “Kumelwe uwenze umsebenzi wakho,” kutusa uJimmy. “Kuyokwenza uzethembe ukuthi uyazazi izimpendulo.”
Yiqiniso, ngezinye izikhathi ungase ungazazi zonke izimpendulo, futhi lokhu kungakwenza uthole amamaki aphansi. Noma kunjalo, uma ungayekethisi ezimisweni zakho, ungase ukwazi ukubona ukuthi yini okumelwe uyenze ukuze uthuthukise.—IzAga 21:5.
UYuji, ocashunwe ekuqaleni, ungomunye woFakazi BakaJehova. Uchaza lokho yena akwenzayo lapho labo afunda nabo bemcindezela ukuba abasize bakopele: “Okokuqala—ngiyabatshela ukuthi nginguFakazi,” esho. “Lokho kuye kwangisiza kakhulu ngoba bayazi ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abathembekile. Uma othile ecela ukuba ngimtshele impendulo phakathi nesivivinyo, angivumi. Ngibe sengimchazela kamuva ukuthi kungani ngingavumanga.”
UYuji uvumelana namazwi omphostoli uPawulu awalobela amaHebheru: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Ukunamathela kwakho ezindinganisweni eziphakeme zokuthembeka nokwenqaba ukuyekethisa ngokukopela kwenza amamaki owatholayo abe nesisindo sangempela. Ulethela abazali bakho isipho ovela naso esikoleni esingcono kunazo zonke ongase ubanike zona—ubufakazi bobuqotho bobuKristu. (3 Johane 4) Ngaphezu kwakho konke, ulondoloza unembeza ohlanzekile futhi uthole injabulo yokwazi ukuthi wenza inhliziyo kaJehova uNkulunkulu ijabule.—IzAga 27:11.
Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi kwande kangakanani, kugweme ukukopela! Ngokwenza kanjalo, uyolondoloza ubuhlobo obuhle nabanye, futhi okubaluleke nakakhulu, uyolondoloza ubuhlobo noNkulunkulu weqiniso, uJehova.—IHubo 11:7; 31:5.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
Umuntu okopelayo ngokuvamile akaboni ukuthi empeleni uyeba
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
Ngokuvamile, ukukopela kuholela ezenzweni ezinkulu nakakhulu zokungathembeki
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Umuntu okopelayo akanakumfihlela uNkulunkulu izenzo zakhe
[Isithombe ekhasini 23]
Ukutadisha ngokwanele ngaphambi kokubhala isivivinyo kuyokwenza ukuba uzethembe