Ingabe Kulungile Ukukopela Ukuze Uthole Amamaki Aphakeme?
INGABE ufunda isikole? Uma kunjalo, cishe uyazi ukuthi abanye abafundi bayakopela ekilasini ukuze bathole amamaki aphakeme. Ngempela, le nkinga isakazeke kabanzi. Ngo-2008, i-Josephson Institute yenza inhlolo-vo cishe kubafundi abangu-30 000 abasezikoleni zamabanga aphakeme e-United States, futhi abangamaphesenti angu-64 bavuma ukuthi bakopela esivivinyweni ngalowo nyaka. Nokho, abanye balinganisela ukuthi inani langempela lingaphezulu kakhulu kwalokho—lingaphezu kwamaphesenti angu-75.
EYurophu nakhona ukukopela sekuyinkinga enkulu, ikakhulukazi ukusebenzisa umqondo womunye. “Izingosi ezithengisela umfundi izindaba ezilotshiwe, iziqu zomgunyathi nezindaba eziphathelene nezifundo zodokotela zitholakala kalula, ziyinkinga entsha futhi eyandayo nekhathazayo,” kusho isihloko esanyatheliswa kuyi-Digithum.
Kungani ukukopela sekuyinkinga enkulu kangaka? Ingabe ukukopela kuyabazuzisa ngempela labo abakwenzayo? Ingabe ukwethembeka—ngisho noma kusho ukuthola amamaki aphansi—kuseyindlela engcono kakhulu?
Kungani Kwande Kangaka?
Ukuwohloka kwesimilo. I-American School Board Journal ithi: “Othisha abaningi bathi ukwanda kokukopela kubangelwa ukuwohloka kwesimilo okwenza abantu bazicabangele bona kuphela.” Ngokuphathelene nalabo abasesikoleni samabanga aphakeme futhi abasemakilasini abahlakaniphile, omunye umfundi wavuma: “Sonke. . . sakopela; sasidinga amamaki ukuze sikwazi ukuya ezikoleni ezikahle. Sasingabafundi abahle, abanesimilo; sasingafani nabantu abangenasimilo . . . Sasimane nje sifuna ukuya emayunivesithi akahle.” Ngisho nabanye abazali baye “babanjwa” yilo mqedazwe. Bekhathazeke ngokubona izingane zabo “ziphumelela,” bayakuvumela ukukopela noma benza sengathi abakuboni, ngaleyo ndlela basishaya indiva isimilo sezingane zabo.
Ingcindezi yokuphumelela. NgokukaDonald McCabe, umsunguli we-International Center for Academic Integrity, abafundi abakopelayo bakholelwa ukuthi ukwethembeka kubavalela amathuba uma beqhathanisa nabanye abakopelayo futhi bangabanjwa.
Usizo lwezobuchwepheshe. Ezobuchwepheshe namuhla zenza abafundi bakwazi ukukopela kalula ngezindlela ezintsha neziyinkimbinkimbi. Bangakopisha amaphepha okuhlolwa anemibuzo nezimpendulo kuyi-Internet ukuze bawabhale ekhaya futhi bawahlanganyele nabanye. Ngokuvamile, lincane kakhulu inani lababanjwayo, futhi lokhu kwenza abanye babe nesibindi sokukwenza lokho.
Ithonya lezibonelo ezimbi. Ukungathembeki sekuvame kakhulu kubantu abadala—ezimbonini zamabhizinisi ezinkulu, kwezombusazwe, kwezemidlalo ngisho nasekhaya, lapho abazali bekhohlisa ngentela edonswa eholweni noma becela imali yomshuwalense. UDavid Callahan, umlobi wencwadi ethi The Cheating Culture, uthi: “Uma abantu abasezikhundleni eziphakeme noma abayizibonelo bekhohlisa, khona-ke ngicabanga ukuthi lokho kutshela abantu abasha ukuthi ukukhohlisa KULUNGILE.” Kodwa ingabe kulungile? Ingabe ukufuna amamaki angcono ngempela kukwenza kuthetheleleke ukukopela?
Kungani Kufanele Ukhethe Ukungakopeli?
Zibuze lokhu, ‘Uyini umgomo wemfundo enhle?’ Awukona yini ukuhlomisela abafundi imithwalo yemfanelo eminingi ekuphileni, njengokuhlaziya izinkinga emsebenzini nokuzixazulula? Abafundi ababa nomkhuba wokukopela bangase bahluleke ukufunda lawo makhono abalulekile. Ngakho, abantu abanomkhuba wokukopela bafihla ubuthakathaka babo futhi bawashaya indiva amathuba okuphumelela ezicini eziningi zokuphila.
Ngaphezu kwalokho, uCallahan uthi: “Abantu abakhetha izindlela ezinqamulelayo besebancane—njengokukopela kakhulu esikoleni—bangase babe nalo mkhuba nasemsebenzini.” Ngandlela-thile, labo bantu banjengengubo enegama-mbumbulu noma banjengewashi lasesandleni elibukeka liqinile kodwa ligcine ngokukuphoxa.
Yiqiniso, abakopelayo bazibeka nasengozini yokubanjwa bese bethola imiphumela ebuhlungu. Lokhu kungase kuhilele ukuphoxeka nehlazo. Kodwa kungase kukwenze nokuba uxoshwe esikoleni noma ngisho uthole isijeziso esiqatha. IBhayibheli lisixwayisa ngokungagunci: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Nokho, ukwesaba ukubanjwa akufanele kube isizathu esiyinhloko sokwethembeka. Kunezizathu ezibaluleke kakhulu kunalokho.
Ukwethembeka—Isihluthulelo Sangempela Sempumelelo
Intsha ehlakaniphile ilwela ukuhlakulela izimfanelo eziyoyenza iphumelele, hhayi nje lapho ivivinywa kodwa ekuphileni kwayo konke. Ngakho, iyazikhadla esikoleni futhi ilwela ukuhlakulela izimfanelo ezikhuthaza ukuzihlonipha, eziyoyenza ihlonishwe abaqashi bayo besikhathi esizayo, neziyoyenza ithole injabulo yaphakade.
Lezo zimfanelo zingatholakala eBhayibhelini, futhi intsha ephila ngokuvumelana nazo ayivalekelwa amathuba. Ngokuphambene, njengoba eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 isho, iba ‘efaneleke ngokugcwele, eyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ UJorge, ofunda ibanga lesishiyagalolunye, uthi: “Engifunda nabo ekilasini bayakopela ngoba bafuna ukuthola amamaki aphakeme bengawasebenzelanga. Kodwa mina ngifuna ukujabulisa uNkulunkulu. KweyezAga 14:12, iBhayibheli lithi ‘ohamba ngobuqotho bakhe uyamesaba uJehova, kodwa oyisigwegwe ezindleleni zakhe uyamedelela.’ Ngiyazi ukuthi akukho lutho esingamfihlela lona uNkulunkulu. Ngakho, angikopeli, futhi angibasizi abanye ukuba bakopele.”
Abafundi abalwela ukuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli bangase babe abafundi abakhaliphe kakhulu ekilasini noma bangase bangabi njalo. Kodwa bahlakaniphe kunabo bonke, ngoba bakhela esisekelweni esiyidwala eliqinile ukuze bathole impumelelo ehlala njalo ekuphileni. (IHubo 1:1-3; Mathewu 7:24, 25) Ngaphezu kwalokho, bangaqiniseka ngokuthi uMdali uyabamukela futhi uyabasekela.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28]
IZIMISO ONGACABANGA NGAZO
● “Wudebe lweqiniso oluyomiswa luqine kuze kube phakade, kodwa ulimi lwamanga luyohlala umzuzwana nje.”—IzAga 12:19.
● “Umuntu wezenzo zokuthembeka uyothola izibusiso eziningi.”—IzAga 28:20.
● “UNkulunkulu weqiniso ngokwakhe uyoletha umsebenzi wazo zonke izinhlobo ekwahluleleni maqondana nayo yonke into efihliweyo, ukuthi yinhle yini noma yimbi.”—UmShumayeli 12:14.
● “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.
[Isithombe emakhasini 26, 27]
Ezobuchwepheshe zanamuhla zenza abafundi bakwazi ukukopela kalula
[Isithombe ekhasini 28]
Abafundi abakopelayo bafana namawashi omgunyathi agcina ngokuba mahle nje kuphela