‘Isenzo Sobulwane’
UMARIAa waqala ukudayisa ngomzimba eneminyaka engu-14. Wamukela le ndlela yokuphila enyantisayo ngokubeleselwa ngunina, owayemtshela ukuthi muhle nokuthi amadoda ayezozifela ngaye. Wamnunusela nangokuthi wayezothola imali eningi. Kusihlwa unina wayethatha uMaria amyise ehhotela elincane lapho babethola khona abantu besilisa. Unina wayelinda budebuduze ukuze athole imali yenkokhelo. UMaria wayelala namadoda amathathu noma amane ubusuku ngabunye.
Budebuduze nomuzi wakubo kaMaria, kunoCarina oneminyaka engu-13 naye owaphoqelelwa ukuba adayise ngomzimba. Njengeminye imikhaya eminingi yomphakathi wakubo wabantu abasebenza ezimobeni, umkhaya wakubo kaCarina wadayisa ngomzimba wakhe ukuze wenezele emadlaneni encane owawuyithola. Kwenye indawo u-Estela wayeka isikole esemncane, engakakwazi ngisho nokufunda nokubhala, waqala ukusebenza njengomuntu odayisa ngomzimba emigwaqweni. UDaisy wayeneminyaka eyisithupha lapho enukubezwa ngokobulili ngomunye wabanewabo—okwaba yisiqalo sokunukubezwa kaningi yisihlobo ngokobulili. Waqala ukudayisa ngomzimba eneminyaka engu-14.
Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, inkinga yezingane ezidayisa ngomzimba iyiqiniso elishaqisayo. Imiphumela iyadabukisa. Ngokuvamile, izingane ezidayisa ngomzimba, kungakhathaliseki ukuthi zikwenza ngokwethukela noma kuyinsakavukela, zihileleka nasebugebengwini nasekusebenziseni kabi izidakamizwa. Eziningi zazo zinomuzwa wokukhungatheka nowokuba yize, azinalo nhlobo ithemba lokuphuma kule ndlela yokuphila eyichilo.
Abantu abanethonya bayayiqaphela imiphumela eyonakalisayo yezingane ezidayisa ngemizimba yazo. UFernando Henrique Cardoso, owayenguMongameli waseBrazil, wayenembile uma ethi: “Isenzo sokuba izingane zidayise ngemizimba siyisenzo sobulwane.” Iphephandaba laseBrazil lakhipha lo mbiko owethusayo ngezingane ezidayisa ngomzimba: “Amazwe lapho lo mkhuba uvame khona, ubekezelelwa, wamukelwe, uze futhi ugqugquzelwe ngenxa yemali oyingenisayo, abhekana nemiphumela eyonakalisayo ebangelwa yilo mkhuba. Noma iyiphi inzuzo engeniswa yilo mkhuba yenziwa ize usizi oluwubangelayo kumuntu ngamunye, emkhayeni, nasemphakathini.”
Nokho, naphezu kwezinhloso ezinhle zalabo abafuna ukunqanda ukudayisa ngomzimba kwezingane, le nkinga iya idlondlobala. Yini ebangela lesi simo esinyantisa kangaka? Kungani abaningi bezibekezelela baze ngisho bazigqugquzele izenzo ezinjalo?
[Umbhalo waphansi]
a Amagama abantu abakulezi zihloko eziwuchungechunge ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“Ukudayisa ngomzimba kwezingane kuyisenzo sobulwane.”—UFERNANDO HENRIQUE CARDOSO, OWAYENGUMONGAMELI WASEBRAZIL
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
“Zonke izinhlobo zokuxhaphaza abanye ngokobulili ziyasehlisa isithunzi somuntu, ngakho ziphula amalungelo omuntu ayisisekelo, kungakhathaliseki ukuthi oyisisulu ungowabuphi ubudala, ubulili, uhlanga, umphakathi noma isigaba sezomnotho.”—UNESCO SOURCES