Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 2/8 k. 5-k. 8 isig. 4
  • Kungani Le Nkinga Idlondlobala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Le Nkinga Idlondlobala?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubumpofu Nokudayisa Kwezingane Ngomzimba
  • Ingabe Ukudayisa Kwezingane Ngomzimba Kuyoke Kuphele?
  • ‘Isenzo Sobulwane’
    I-Phaphama!—2003
  • “Ngiyobuqeda Ubufebe Bakho”
    Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
  • Ukubandlululwa Kwabesifazane
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuxhashazwa Kwezingane Ngokobulili—Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 2/8 k. 5-k. 8 isig. 4

Kungani Le Nkinga Idlondlobala?

BEWAZI yini ukuthi ukushushumbisa abantu kuyisenzo sobugebengu sesithathu esivelele kakhulu emhlabeni, kulandela ukushushumbisa izidakamizwa nezikhali? Ngokwe-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization, kunokwanda okuqhubekayo kwazo zonke izinhlobo zokudayisa ngomzimba.

Ezweni elithile laseLatin America, iKomiti YoPhenyo Yomkhandlu yakulelo zwe yabika ukuthi kunamantombazanyana angaphezu kuka-500 000 adayisa ngomzimba, yize ukudayisa ngomzimba kungavunyelwe ngokomthetho.

Kwelinye izwe, kunezingane ezingaba ngu-300 000 ezidayisa ngomzimba emigwaqweni, ikakhulukazi ezindaweni okushushumbiswa kuzo izidakamizwa.

Emazweni ase-Asia kubikwa ukuthi amantombazanyana acishe abe yisigidi asetshenziswa njengabadayisi bomzimba ngaphansi kwezimo ezifanayo nezobugqila. Amanye amazwe aziwa ngokuthi ayizikhungo zokudayisa ngomzimba kwezingane nezokuvakasha ukuze uyozitika ngobulili.

Ngenxa yokwanda kwezifo ezithathelwana ngobulili, ezinjengengculaza, amakhasimende azimisele ukukhokha imali ethé xaxa ukuze athole izingane okucatshangelwa ukuthi zisemsulwa ngokobulili ngakho cishe azikabi nazo lezi zifo. ULuíza Nagib Eluf woMnyango Wezobulungisa uchaza kanje: “Ukwesaba ingculaza kuye kwabangela amadoda ukuba afune amantombazane nabafana abasebancane nakakhulu, okwenza le nkinga ibe yimbi ngokwengeziwe.” Wathi: “Ukuxhashazwa ngokobulili kwamantombazane nentsha kuyinkinga yomphakathi embi kunazo zonke phakathi kwabesifazane abampofu baseBrazil.”

Ubumpofu Nokudayisa Kwezingane Ngomzimba

Ukudayisa kwezingane ngomzimba kuchuma emphakathini wabantu abahluphekile nabampofu. Ngokwesinye isikhulu sikahulumeni, ezweni lakubo ukuxhashazwa kwezingane nokudayisa kwazo ngemizimba “kuhlobene ngokuqondile nokuwohloka komkhaya futhi kuyizithelo zokuhlupheka nokulamba.” Abanye abazali bathi ngubumpofu obabenza ukuba badayise izingane zabo kulo mkhuba wokudayisa ngomzimba. Izingane ezingenamakhaya ziphendukela ekudayiseni ngomzimba ngoba zikubona kuwukuphela kwendlela yokuziphilisa.

Iphephandaba i-Estado de S. Paulo lichaza ukuthi intombazane ingagcina isidayisa ngomzimba uma kuneqembu elithile lezigilamkhuba elijoyinile. Ukuze ithole ukudla, ingase yebe noma idayise ngomzimba wayo ngezikhathi ezithile. Ngokulandelayo, ukudayisa ngomzimba kuba ngumsebenzi wayo.

Ngezinye izikhathi intsha ithunyelwa kwamanye amazwe ukuze iyosebenza lo msebenzi wokudayisa ngomzimba. I-UNESCO Sources ibika ukuthi “imali ethunyelwa emindenini ngabadayisa ngomzimba abakwamanye amazwe ngokuvamile ibonakala iyizishaqane uma kucatshangelwa ubumpofu obukwamanye amazwe ase-Asia nase-Afrika. Ukudayisa ngomzimba kuyakhuthazwa kulawa mazwe, ngenxa yezivakashi ezivela emazweni adla izambane likapondo ezisuke zizele kona ukuzosizakala ngale ‘nkonzo’ eziyithola entsheni nasezinganeni.”

Lapho uchaza izingozi izingane ezidayisa ngomzimba emgwaqweni ezichayeke kuzo edolobheni elithile laseLatin America, umagazini i-Time ubika lokhu: “Abanye balaba abadayisa ngomzimba baneminyaka engu-12 nje kuphela ubudala. Ngokuvamile bayizinkubela zemikhaya ebhidlikile, balala nomaphi lapho bethola khona indawo yokubeka umzimba emini, futhi abapheli ema-disco, lapho amatilosi echitha khona isizungu ebusuku.”

Lapho idakwe yizidakamizwa, ingane edayisa ngomzimba ingase yenziswe amanyala ebingasoze yawavumela ukube ibisangulukile. Ngokwesibonelo, ngokombiko kamagazini i-Veja, amaphoyisa athola amakhasethi angu-92 e-video aqoshwa udokotela othile abonisa ukuhlukunyezwa ngobulwane kwabesifazane abangaphezu kuka-50, abanye babo abaseyizingane.

Naphezu kwale mpatho embi kangaka, intombazane ethile edayisa ngomzimba yathi: “Ukube bengithe ngiyofuna umsebenzi, bengingeke ngiwuthole ozonginika imali eyanele ukuba ngiziphilise njengoba kungekho msebenzi engiwufundele. Umkhaya wakithi uyazi ukuthi ngiziphilisa kanjani, futhi angikucabangi ukuyiyeka le ndlela yokuphila. Umzimba ngowami, futhi ngenza engikuthandayo ngawo.”

Noma kunjalo, kwakungewona neze umgomo wala mantombazane ukudayisa ngomzimba. Ngokwesisebenzi esithile sezenhlalakahle, abantu abaningi abadayisa ngomzimba “bayakufuna ukushada” futhi banamaphupho okuthola “igeza.” Nakuba kunezimo eziyinkimbinkimbi ezibaholela ekubeni bagcine sebephila ngokudayisa ngomzimba, omunye umcwaningi uthi: “Okushaqisa kakhulu ukuthi iningi labo ladlwengulwa emakubo.”

Ingabe Ukudayisa Kwezingane Ngomzimba Kuyoke Kuphele?

Nokho, likhona ithemba ngalezi zingane eziseshweni. Abantu abadayisa ngomzimba babo bonke ubudala baye bayishintsha inkambo yabo yokuphila. (Bheka ibhokisi elithi “Abantu Bangaguquka,” ekhasini 7.) IZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, liye lasiza izigidi zabantu emhlabeni wonke ukuba zibe omakhelwane abahle namalungu omkhaya athembekile. Ngokuphathelene nabantu ngaphambili ababeyizifebe, iziphingi, amasela, abahahayo, izidakwa, sifunda lokhu: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.

Namuhla, njengasezikhathini zeBhayibheli, kunabantu abashintsha indlela yabo yokuphila ibe engcono kakhulu. Noma kunjalo, kusadingeka lukhulu ukuze kunqandwe ukuxhashazwa kwabanye ngokobulili. Abanye ohulumeni nezinye izinhlangano balwa nokuvakashela kwamanye amazwe ngenjongo yokuzitika ngobulili nokudayisa ngomzimba kwezingane. Kodwa, empeleni, kuncane kabi okungase kwenziwe abantu ukuze baqede ukuhlupheka nobumpofu. Abashaya imithetho ngeke bavimbele imicabango nezimo zengqondo eziwumsuka wokuziphatha okubi.

Nokho, esikhundleni semizamo yabantu, ikhona enye indlela eyozixazulula zonke lezi zinkinga—uMbuso kaNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi kanjani.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Ngokuvamile ubumpofu bunomthelela ekudayiseni kwezingane ngomzimba

[Ibhokisi ekhasini 6]

Ukhokha Kabuhlungu

Lapho eseneminyaka eyisithupha nje ubudala, uDaisy wanukubezwa ngokobulili ngomunye wabafowabo. Ngenxa yalokho, wahlala nomfowabo omdala, waze waba neminyaka engu-14 lapho aqala khona ukusebenza kuyi-nightclub. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, uDaisy wagula. Lapho elulama, abaqashi bakhe bamtshela ukuthi wayekweleta, bamphoqa ukuba asebenze ngokudayisa ngomzimba. Unyaka waphela, kodwa kwakusathiwa uyakweleta, futhi kwakubonakala sengathi wayengasoze aqeda ukusikhokha lesi sikweletu. Nokho, itilosi elithile lamkhokhela imali esele ayeyikweleta, lamthatha laya naye kwelinye idolobha, lapho lafike khona lamphathisa okwesigqila. Walishiya, futhi kamuva wakipita nenye indoda iminyaka emithathu kwathi ngemva kwayo bashada. Ngenxa yezinkinga eziningi ezinkulu aba nazo emshadweni, wazama ukuzibulala kathathu.

Ekugcineni, bobabili yena nomyeni wakhe baqala ukutadisha iBhayibheli. Kodwa uDaisy wazizwa engafaneleki ukuba abe ngomunye woFakazi BakaJehova. Lapho eboniswa eBhayibhelini ukuthi uJehova uNkulunkulu wamukela abantu abenza izinguquko ezidingekayo, wanikezela ukuphila kwakhe kuye. UDaisy wazikhandla ukuze enze okulungile, kodwa wayengabi nomuzwa wokuthi usenze okwanele, ngakho wayeba neziqubu zokucindezeleka. Nokho, kuyajabulisa ukuthi wamukela usizo lokunqoba usizi olubangelwa ukuxhashazwa ngokobulili nokuphila kwakhe kokudayisa ngomzimba futhi wasimama.

[Ibhokisi ekhasini 7]

Abantu Bangaguquka

Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, waba nesihe ngabantu abahluphekile, abayizoni. Waqonda ukuthi abantu abadayisa ngemizimba yabo, kungakhathaliseki ukuthi badala kangakanani, bangayishintsha indlela yabo yokuphila. UJesu waze washo lokhu kubaholi benkolo: “Ngiqinisile ngithi kini abathelisi nezifebe bangena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.” (Mathewu 21:31) Nakuba indlela yabo yokuphila yayingathandeki, abantu abanjalo abanhliziyo-nhle bathethelelwa ngenxa yokholo lwabo eNdodaneni kaNkulunkulu. Izoni eziphendukayo zazizimisele ukulahla indlela yazo yokuphila ngokudayisa ngemizimba yazo ukuze zithole izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, zaphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Nanamuhla, abantu bazo zonke izinhlobo bamukela iqiniso leZwi likaNkulunkulu bashintshe indlela yabo yokuphila.

Cabanga ngalokho okwenzeka kuMaria, uCarina no-Estela, okukhulunywe ngabo esihlokweni sokuqala. Ngaphezu kokwenqaba ukucindezelwa ngunina kokuba aqhubeke edayisa ngomzimba, uMaria kwadingeka ukuba alwe kanzima ukuze ayeke ukusebenzisa kabi izidakamizwa. Uyachaza: “Ngangisebenzisa izidakamizwa ukuze ngigqibe imizwa yami yokuzizwa ngingelutho ngenxa yokuphila ngokudayisa ngomzimba.” UMaria ulandisa indlela amukelwa ngayo ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova: “Ngahlatshwa umxhwele uthando oluboniswa amalungu ebandla. Bonke—abadala nezingane—bangiphatha ngenhlonipho. Ngaphawula ukuthi amadoda ashadile ayethembekile komkawo. Ngiyajabula ngokuthi bangamukele njengomngane wabo.”

UCarina wavakashelwa ngoFakazi BakaJehova lapho eneminyaka engu-17. Waqala ukufunda iBhayibheli nakuba aqhubeka okwesikhashana nomsebenzi wakhe wokudayisa ngomzimba. Kancane kancane waqala ukuwaqonda nokuwazisa amaqiniso eBhayibheli. Ngakho wanquma ukuthuthela edolobheni elikude, futhi wafika khona waba omunye woFakazi BakaJehova.

U-Estela, owaqala esemncane ukudayisa ngomzimba, ukuhambela imibuthano exokozelayo, nokuphuza ngokweqile, waba nesithakazelo eBhayibhelini. Nokho, waphetha ngokuthi uNkulunkulu wayengasoze amthethelela. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi waqala ukuqonda ukuthi uJehova uNkulunkulu uyabathethelela abantu abaphendukayo. Manje njengoba eseyilungu lebandla lobuKristu, eshadile futhi ekhulisa izingane ezintathu, u-Estela uthi: “Ngijabula kakhulu futhi ngiyambonga uJehova ngoba wangikhipha obishini wangamukela enhlanganweni yakhe ehlanzekile.”

Lokhu kulandisa kufakazela amazwi eBhayibheli athi intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.

[Isithombe ekhasini 7]

Ngokuvamile izingane ezidayisa ngomzimba zisebenzisa nezidakamizwa

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

© Jan Banning/Panos Pictures, 1997

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela