Lapho Ubuntwana Buyigugu
UBUNTWANA obujabulisayo buxhomeke ikakhulukazi ekubeni umzali okahle. Kodwa kuhilelani ukuba umzali okahle? Cishe ziningi izeluleko osuzizwile ngale ndaba. Wezwa kuthiwa zinike isikhathi sokuba nezingane zakho. Zilalele. Zinike isiqondiso esihle. Zwelana nazo, lapho zijabule nalapho zidumele. Yiba umngane wazo wangempela ngaphandle kokudebesela igunya lakho njengomzali. Kuyiqiniso ukuthi lezi zimiso eziphindaphindwa njalo ziyosiza abazali ukuba bawenze kahle umsebenzi wabo. Kodwa kunokuthile okuyisisekelo nokubaluleke kakhulu okumelwe kuze kuqala.
Abazali abayizigidi emhlabeni wonke baye bathola ukuthi ukulandela izimiso zeBhayibheli kuyisihluthulelo sokuba umzali okahle. Ngani? Ngoba uMlobi ohlakaniphile weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, nguye owasungula ilungiselelo lomkhaya. (Genesise 1:27, 28; 2:18-24; Efesu 3:15) Kuyafaneleka-ke ukuba iZwi lakhe eliphefumulelwe libe umthombo ongcono kakhulu wesiqondiso sokukhulisa izingane. Kodwa, incwadi endala njengeBhayibheli ingasiza kanjani ekuthambekeleni kwanamuhla kokujaha izingane ukuba zikhule? Ake sicabangele ezinye zezimiso zemiBhalo ezisebenzayo kulesi simo.
‘Ngokwejubane Labantwana’
UJakobe, indodana ka-Isaka, wayenguyise wezingane ezingaphezu kwezingu-12. IBhayibheli lilandisa ngamazwi akhe ahlakaniphile lapho ekhuluma ngohambo lomkhaya: “Abantwana bantekenteke . . . Ngiyacela, inkosi yami [u-Esawu, umnewabo kaJakobe], mayidlule ngaphambi kwenceku yayo, kodwa mina ngiqhubeke nohambo ngingasheshi . . . nangokwejubane labantwana.”—Genesise 33:13, 14.
UJakobe wayazi ukuthi izingane zakhe azibona abantu abadala. ‘Zazintekenteke’—zizincane, zibuthaka, futhi zinezidingo ezingaphezu kwezabantu abadala. Esikhundleni sokuphoqa izingane zakhe ukuba zihambe ngejubane lakhe, wehlisa ijubane lakhe ukuze lifanelane nelazo. Kulesi sici walingisa ukuhlakanipha uNkulunkulu akubonisa kubantwana bakhe abangabantu. UBaba wethu uyakwazi ukulinganiselwa kwethu. Akalindele okungaphezu kokufanele kithi.—IHubo 103:13, 14.
Ngisho nezinye izilwane zibonisa ukuhlakanipha okufanayo, ngoba uNkulunkulu wazenza ‘zahlakanipha ngokomzwelo wemvelo.’ (IzAga 30:24) Ngokwesibonelo, izazi zemvelo ziye zaphawula ukuthi wonke umhlambi wezindlovu uvumelanisa ijubane lawo nelenkonyane elihamba nawo, uhambe kancane kuze kube yilapho inkonyane selikwazi ukuhambisana nawo.
Izigaba ezithile zomphakathi wanamuhla ziye zakushaya indiva ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kodwa asikho isizathu sokuba ufane nazo. Khumbula ukuthi ingane yakho ‘intekenteke’—ayikwazi ukuthwala imithwalo yabantu abadala. Ngokwesibonelo, uma ungumzali ongayedwa onenkinga ethile futhi uzizwa ulingeka ukuba uthululele isifuba kumntanakho, melana naleso silingo. Kunalokho, funa umngane omdala ovuthiwe oyokusiza ukuba uxazulule leyo nkinga—mhlawumbe othile oyokusiza ukuba usebenzise iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile.—IzAga 17:17.
Ngokufanayo, ungavumeli ukuphila kwengane yakho ukuba kusheshe noma kuminyaniswe yimisebenzi eminingi kangangokuba ingabe isabujabulela ubusha bayo. Bekela ingane yakho ijubane eliyifanele, hhayi elilandela elezwe lanamuhla ngendlela ekhandlayo. IBhayibheli liluleka ngokuhlakanipha: “Ningalivumeli izwe ukuba linenze nifane nalo.”—Roma 12:2, Phillips.
“Kukhona Isikhathi Esimisiwe Sayo Yonke Into”
Esinye isimiso esihlakaniphile seBhayibheli sithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, yebo isikhathi sazo zonke izindaba phansi kwamazulu.” Yiqiniso, kunesikhathi sokusebenza. Izingane zinomsebenzi omningi—ohlanganisa umsebenzi wesikole, imisebenzi yasekhaya kanye nemisebenzi engokomoya. Nokho, indima efanayo yeBhayibheli ithi kukhona “nesikhathi sokuhleka” kanye “nesikhathi sokutshakadula.”—UmShumayeli 3:1, 4.
Izingane zinesidingo esikhethekile sokudlala, ukuhleka nokusebenzisa ubungqabavu bazo zingahlushwa yizinkinga. Uma umzuzu ngamunye wokuphila kwazo usuhlelelwe isikole, imisebenzi yangemva kwesikole, neminye imithwalo yemfanelo emikhulu, khona-ke azikwazi ukwanelisa isidingo sazo sokudlala. Lokho kungazithukuthelisa, noma kuzenze zidangale.—Kolose 3:21.
Cabangela indlela ongasisebenzisa ngayo isimiso esifanayo seBhayibheli nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, njengoba kunesikhathi sayo yonke into, ingabe lokho akubonisi ukuthi ubuntwana buyisikhathi sokuba umntwana? Cishe uzovuma, kodwa kungenzeka izingane zingavumi njalo. Ngokuvamile, abafana namantombazanyana bafuna ukuziphatha njengabantu abadala. Ngokwesibonelo, amantombazanyana angase alingeke ukuba agqoke futhi azilungise njengosisi. Ukushesha ukuthomba kungase kwandise ingcindezi yokufuna ukubonakala emadala.
Abazali abahlakaniphile bayayibona ingozi yokuthambekela okunjalo. Ezinye izikhangiso nezokuzijabulisa zaleli zwe eliwohlokile ziveza izingane zikhanga ngokobulili futhi zivuthiwe. Ziyanda izingane ezisebenzisa izimonyo, imigexo nezingubo zokugqoka ezihehayo. Kodwa kungani izingane kufanele zikhange abantu abonakele abafuna ukuzixhaphaza ngokobulili? Ngokusiza izingane ukuba zigqoke ngendlela evumelana nobudala bazo, abazali basebenzisa esinye isimiso seBhayibheli, esithi: “Onokuqonda oyibonile inhlekelele ucashile.”—IzAga 27:12.
Nasi esinye isibonelo: Ukuvumela ukuba ezemidlalo zibe yinto eza kuqala ekuphileni kwengane kungaholela ekuphileni okungenakho ukulinganisela, okungasenaso isikhathi sayo yonke into. IBhayibheli liluleka ngokuhlakanipha: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, ngoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.
Ungazivumeli izingane zibe nesimo sengqondo sokuthi “kumelwe ngiwine nakanjani.” Abazali abaningi baqeda yonke injabulo kwezemidlalo ngokugqugquzela izingane zabo ukuba zidlalele ukuwina kumnyama kubomvu. Ngenxa yalokho, ezinye izingane zizizwa ziphoqeleka ukuba zikhohlise noma zilimaze ngisho nabanye abadlali ukuze ziwine. Ngokuqinisekile ukuwina akubalulekile ngaleyo ndlela!
Ukufunda Ukuzithiba
Ngokuvamile ukufunda ukuthi kunesikhathi sayo yonke into kunzima ezinganeni. Akulula kuzo ukulinda ngesineke uma zifuna okuthile. Okwenza isimo sibe sibi nakakhulu ukuthi umphakathi wabantu ubonakala uthambekele ekufuneni ukuzanelisa manje. Ezokuzijabulisa zivame ukudlulisela umyalezo othi, “Thola okufunayo futhi ukuthole manje!”
Ungawavumeli amathonya anjalo ngokutotosa izingane zakho. Incwadi ethi The Child and the Machine ithi: “Ikhono lokuthiba umuzwa wokufuna ukuzanelisa liyisici esibalulekile sokulawula imizwelo. Ukuzikhuza nokuzwana nabanye kuyikhambi elinamandla lokulwa nobudlova obandayo obutholakala ezinganeni esikoleni nakwezinye izindawo.” IBhayibheli linalesi simiso esiwusizo: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba ngengabongiyo.” (IzAga 29:21) Yize leli vesi likhuluma libhekisele ekuphatheni izinceku ezisezincane, abazali abaningi baye bathola ukuthi isimiso esifanayo siyazizuzisa kakhulu izingane zabo.
Phakathi kwezinto izingane ezizidingayo, ebaluleke kakhulu ukuzuza lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘isiyalo nokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efesu 6:4) Isiyalo sothando sisiza izingane ukuba zihlakulele izimfanelo ezinjengokuzithiba nesineke. Lezi zimfanelo ziyozisiza ukuba zithole injabulo nokwaneliseka kukho konke ukuphila kwazo.
Lapho Kuyophela Zonke Izinto Ezisongela Ubuntwana
Nokho, ungase uzibuze, ‘Ingabe empeleni uNkulunkulu ohlakaniphile nonothando owaphefumulela lezi zimiso eziwusizo wayehlose ukuba izwe lethu libe yilokhu eliyikho manje? Ingabe wayehlose ukuba izingane zikhulele ezweni ngokuvamile eliyingozi, elingenampatho?’ Kungase kukududuze ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uKristu Jesu, bayasithanda ngempela isintu, kuhlanganise nezingane zabo bonke ubudala. Maduze bazoqeda bonke abantu ababi emhlabeni.—IHubo 37:10, 11.
Ungathanda yini ukuba nombono waleso sikhathi esinokuthula nesijabulisayo? Cabanga ngalesi simo, njengoba sichazwe kahle eBhayibhelini: “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako.” (Isaya 11:6) Ezweni elivame ukuwohloza ubuntwana ngonya olungaka noma elibujaha ngaphandle kwesineke, akuve kududuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uthembisa isintu emhlabeni ikusasa elinjalo eliqhakazile! Ngokusobala, uMdali uhlose ukuba izingane zingaphucwa ubuntwana bazo noma zijahwe—kodwa zibusiswe futhi zaziswe.
[Isithombe ekhasini 18]
Esikhundleni sokuthwesa ingane yakho izinkinga zakho, thululela isifuba komunye umuntu omdala
[Izithombe ekhasini 19]
Izingane ziyakudinga ukudlala