Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 5/8 k. 26-k. 29 isig. 10
  • Indlela Ukulimala Okwakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ukulimala Okwakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imizwa Yokucindezeleka
  • Inselele Yezokwelapha
  • Isimo Sengqondo Esihle
  • Olunye Usizo Oluqinisayo
  • Ukhonza Abanye Kudambisa Ukuhlupheka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
  • Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 5/8 k. 26-k. 29 isig. 10

Indlela Ukulimala Okwakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami

NJENGOBA ILANDISWA NGUSTANLEY OMBEVA

Ngo-1982, ngashayiswa imoto eyayidla amagalani. Ngelashwa futhi ngokushesha ngabuyela endleleni yami evamile yokuphila, nakuba ngangiba nezinhlungu ngezinye izikhathi ngenxa yokuthi kwakugudluke ithambo lomgogodla eliphakathi kwentamo nesifuba. Nokho, eminyakeni engu-15 kamuva, ngabhekana nesimo esivivinya ukholo esasinzima kakhulu ekuphileni kwami.

NGAPHAMBI kokwehlelwa yile ngozi, nangemva kwayo, ngangiwumqemane ngokwezinga elithile. Nganginesimiso esihle sokuvivinya umzimba esasihlanganisa ukugijima ibanga elingamakhilomitha ayishumi kuya kwangu-13 ngezimpelasonto, ukudlala i-squash nokwenza umsebenzi onzima. Ngangisiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova kanye neHholo LoMhlangano elikhulu eNairobi, eKenya, lapho sihlala khona.

Khona-ke, ngo-1997, amahlaba asesifubeni aqala ukubhoka. Ukuhlolwa kwembula ukuthi elinye lamathambo omgogodla laligudlukile futhi licindezela umfunkulu. Kwatholakala ukuthi lokhu kwakusukela engozini engikhulume ngayo esethulweni.

Ngaphambi kokuba impilo yami iwohloke, ngangithole umsebenzi wokuba umthengisi. Wawunomshuwalense wokunakekela impilo yomkhaya. Kwakubonakala ikusasa kwezebhizinisi liqhakazile. Kodwa maphakathi no-1998, ngaqala ukuba ndikindiki kusukela esifubeni kuya ezinyaweni. Usuku nosuku, impilo yami yayiwohloka.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaphelelwa umsebenzi, kuhlanganise nazo zonke izinzuzo zawo. Ngaleso sikhathi, amadodakazi ethu amabili, uSylvia noWilhelmina, enye yayineminyaka engu-13 kanti enye ineyishumi ubudala. Njengoba ngase ngiphelelwe umsebenzi, kwakufanele sithembele eholweni lomkami, uJoyce. Njengoba sasibhekene nezimo ezintsha, saguqula ukuphila kwethu ngokuyeka izinto ezingabalulekile. Sakwazi ukuqhubeka siphila.

Imizwa Yokucindezeleka

Kumelwe ngivume ukuthi njengoba ngangiya ngibona ukuthi isimo sami sasisibi kangakanani, ngaphelelwa ithemba, ngaqala ukungabacabangeli abanye nokuhluthuka. Ngezinye izikhathi, ngangithukuthela ngingabi nabungane, ngicasulwa ngisho nayinto encane. Ngangisengcupheni yokucindezeleka. Bonke kwami bathola amachaphazelo. Umkami namadodakazi babhekana nesimo ababesiqabuka.

Ngaleso sikhathi, ngangicabanga ukuthi kwakufanele ngizizwe ngale ndlela. Ngakhuluphala. Ngangiphunyuka uma ngiphisiwe. Ngangiba namahloni kakhulu. Kaningi ngangitholakala ngingedwa, ngikhala. Ngezinye izikhathi ngangithukuthela kakhulu ngibe inhlekisa. Ngangazi ukuthi ngangingasisingathi ngendlela efanele isimo sami.

Njengomdala ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova, ngangivame ukululeka amanye amaKristu ukuba angalokothi asole uJehova uma ehlupheka nganoma iyiphi indlela. Kodwa, ngazithola ngibuza—kaningi—ukuthi ‘UJehova angakuvumela kanjani ukuba ngehlelwe into enje?’ Nakuba ngangisebenzisé imibhalo enjengeyoku-1 Korinte 10:13 ukuze ngiqinise futhi ngikhuthaze abanye, ngaba nomuzwa wokuthi lokhu engangibhekene nakho kwakungaphezu kwamandla ami!

Inselele Yezokwelapha

Kwakuyinselele ukuthola ukwelashwa okuhle. Ngangiya kudokotela owelapha ngokubhucunga umzimba, kudokotela olula amathambo nakudokotela otshopayo ngosuku olulodwa. Noma ibuphi ubungcono engangibuthola babungobesikhashana. Ngaya kodokotela abaningi, kuhlanganise nodokotela wamathambo nowezinzwa. Bonke bavumelana ngazwi linye ukuthi: Kwakumelwe ngihlinzwe ukuze kudanjiswe ubuhlungu futhi kukhishwe ithambo elaligudlukile. Ngenxa yezinkolelo ezisekelwe eBhayibhelini, ngabachazela ngokucacile lab’ ochwepheshe bezokwelapha ukuthi kwakungafanele bangifake igazi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.—IzEnzo 15:28, 29.

Udokotela wokuqala wathi wayengangihlinza ngokungiqaqa umhlane. Ngachazelwa ukuthi le nqubo ingase ibe yingozi kakhulu. Kodwa lo dokotela akanikezanga isiqinisekiso sokuthi igazi lalingeke lisetshenziswe. Angiphindanga ngabuyela kuye.

Owesibili wathi wayengahlinza umgogodla ngokuvula intamo. Ukuhlinzwa ngale ndlela kwangethusa. Nakuba ayengenankinga ngokwenqaba kwami igazi, wayefuna ukuba ngihlinzwe ngokushesha kodwa wanginikeza imininingwane engatheni ngale nqubo. Naye ngamshiya.

Nokho, ngakwazi ukuthola udokotela owabambisana nami ngosizo loFakazi BakaJehova abakhonza eKomitini Yokubonisana Nezibhedlela endaweni yakithi. Inqubo eyatuswa udokotela wesithathu yayifana nekadokotela wesibili; yayihilela ukuvula intamo. Wachaza ukuthi ayemancane amathuba engozi.

Lapho ngiboniswa ngokucacile ukuthi lokhu kuhlinzwa kwakuzokwenziwa kanjani ngethuka kakhulu. Ukwazi ukuthi ukuhlinzwa okunjalo kwakuzosondela ezithweni ezibucayi njengenhliziyo namaphaphu yikona okwakungithusa kakhulu. Ngangizophila yini? Kuyiqiniso ukuthi imicabango enjalo ethusayo ayizange ikudambise ukwesaba kwami.

Ngo-November 25, 1998, ngahlinzwa ngokuphumelelayo amahora amane esibhedlela saseNairobi. Lapho ngihlinzwa kwasuswa nengxenye yethambo lami lenqulu. Leli thambo lalolongwa kwabe sekuvalwa ngalo indawo yethambo elaligudlukile laqiniswa ngongcwecwe nangezipikili. Lokhu kwasiza. Kodwa akuziqedanga zonke izinkinga zami. Ngangihamba kanzima. Ngisenayo inkinga ebeleselayo yokuba ndikindiki.

Isimo Sengqondo Esihle

Njengoba sengishilo, ngangichithe isikhathi esiningi ngibalisa futhi ngiqhatha umunyu ngenxa yesimo sami. Okumangalisayo ukuthi odokotela abaningi babengincoma ngokuzola nangesimo sengqondo esihle enganginaso. Kungani babezizwa ngaleyo ndlela? Babebona ukuthi yize ngangisezinhlungwini ezinkulu, ngangisaxoxa nabo ngokholo lwami kuNkulunkulu.

Nakuba ngezinye izikhathi ngangithukuthela futhi ngibe lusizi ngenxa yesimo engangibhekene naso, ngangisamethemba uJehova. Wayengisekela njalo kukho konke engangibhekene nakho—kangangokuthi ngezinye izikhathi ngangiba namahloni. Nganquma ngokuqinile ukufunda nokuzindla ngemibhalo engangazi ukuthi iyinduduzo esimweni engangikuso. Eminye yayo yile:

IsAmbulo 21:4: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Ukuzindla ngesithembiso seBhayibheli sezwe elisha lapho izinyembezi nobuhlungu kuyobe kungasekho phakade kwangiduduza ngempela.

AmaHebheru 6:10: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” Nakuba ngangilinganiselwe ngokomzimba, ngangazi ukuthi uJehova wayeyazisa imizamo yami enkonzweni yakhe.

UJakobe 1:13: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Akuve kuyiqiniso lokho! Nakuba uJehova akuvumela ukuba ngihlupheke, akuyena owayekubangela.

EyabaseFilipi 4:6, 7: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Umthandazo wangisiza ukuba ngithole ukuthula kwengqondo engangikudinga kakhulu, okwangisiza ukuba ngikwazi ukusingatha isimo sami ngendlela enengqondo.

Ngangisebenzise le mibhalo ekukhuthazeni abanye abacindezelekile—futhi yayibasiza ngempela! Nokho, ngaqaphela ukuthi ngaleso sikhathi ngangingakuqondi ngokugcwele ukubaluleka kwayo. Ukugula ngale ndlela yikona okwangisiza ukuba ngiqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthobeka futhi ngafunda ukuncika ngokugcwele kuJehova.

Olunye Usizo Oluqinisayo

Abaningi bakhuluma ngobuzalwane bobuKristu ngokuthi buyinsika nozime ezikhathini zobunzima. Kodwa, akuve kulula ukubathatha kancane abafowethu nodadewethu abangamaKristu! Yiqiniso, kungenzeka balinganiselwe kulokho abangakwenza ukuze basisize, kodwa bahlale bekulungele ukusiza. Kwaba njalo nakimi. Imihla namalanga wawubathola eceleni kombhede wami esibhedlela, ngezinye izikhathi bafike kusesekuseni kakhulu. Baze banikelela nezindleko zami zokwelashwa bengacelwanga. Ngibabonga ngokusuka enhliziyweni bonke ababona usizi lwami futhi bangisiza.

Ebandleni lakithi, oFakazi bayazi ukuthi kuncane engikwaziyo ukukwenza manje. Njengamanje ngingumbonisi owengamele futhi ngisebenza nendikimba yabadala abangamaKristu abangisekela ngempela. Angikaze ngeqiwe inyanga emsebenzini wokushumayela. Ngesikhathi ngicindezeleke kakhulu, ngasiza abantu ababili ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Oyedwa kubo njengamanje ukhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni elithile loFakazi BakaJehova eNairobi.

Ngiswele amazwi okubonga umkami, oye wangisekela phakathi nalo lonke lolu vivinyo. Wabekezelela intukuthelo yami, iconsi lami, ukungabi nangqondo nokukhungatheka kwami. Njalo lapho ngikhala futhi ngisezinhlungwini, wayengiqinisekisa futhi engiduduza. Amandla akhe nesibindi lapho ebhekene nobunzima kusangimangalisa namanje. Uye wazibonakalisa ‘engumngane weqiniso ngaso sonke isikhathi.’—IzAga 17:17.

Amadodakazi ethu aye afunda ukubhekana nesimo sami. Enza konke okusemandleni ukuze angisize. Ayaziqonda izidingo zami futhi asabela ngokushesha, aqiniseke ukuthi nginakho konke engikudingayo uma unina engekho. USylvia “uwudondolo” lwami, uyangisiza ukuba ngihambahambe endlini uma ngibuthaka.

Kuthiwani ngoMina, uthumbu? Ngikhumbula ngolunye usuku ngiwile endlini ngihluleka ukuphakama. Babengekho abanye. Ekhama wonke amandla anawo, wangiphakamisa futhi wangitotobisa engiyisa ekamelweni. Akakazi namanje ukuthi wakwenza kanjani lokho. Angisoze ngasikhohlwa leso senzo sakhe sesibindi.

Ukuphila nalokhu kulimala kuyimpi enzima kakhulu engake ngayilwa ekuphileni kwami. Ngisalwa namanje. Akukho okwake kwavivinya ukholo lwami nokuphila kwami ngale ndlela. Ngiye ngafunda okuningi ngokuthobeka, ukuba nengqondo nozwela. Ngiye ngabhekana nale nkinga ngokuthembela ngokugcwele kuJehova.

Ngiye ngafunda ukuthi ayiqiniso amazwi omphostoli uPawulu: “Sinale ngcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) Singiduduza kakhulu isithembiso sikaNkulunkulu ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ ozofika. (2 Petru 3:13) Ngithandazela ukuba uJehova aqhubeke engisekela kuze kufike lelo zwe elisha, ngoba ngisebuthaka futhi kuncane engingakwenza ngamandla ami.

[Izithombe ekhasini 28]

Ukuhlanganyela emisebenzini yobuKristu nomkhaya wami kuye kwangisiza ukuba ngikhuthazele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela