Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 6/8 k. 3
  • Okwenza Ukuba Izindinganiso Zishintshe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza Ukuba Izindinganiso Zishintshe
  • I-Phaphama!—2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izindinganiso Ziyawohloka?
    I-Phaphama!—2003
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
  • Ukubaluleka Kokuziphatha Kahle
    I-Phaphama!—2019
  • Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 6/8 k. 3

Okwenza Ukuba Izindinganiso Zishintshe

“Yini ebaluleke kunakho konke ekuphileni?”

Abantu abangu-50 000 babuzwa lowo mbuzo emazweni angu-60. AbakwaGallup abenza le nhlolo-vo babika ukuthi impendulo eyayivame kakhulu cishe kuzo zonke izingxenye zomhlaba yayithi “ukuba nokuphila komkhaya okujabulisayo” kanye “nempilo enhle.”

UMA udlulisa amehlo nje, kungase kubonakale sengathi abantu emhlabeni wonke banezindinganiso eziphakeme. Nokho, isimo asisihle ngaleyo ndlela. Esikhathini esidlule, izindinganiso zabantu zazisekelwe ezimisweni ezindala zenkolo nezokuziphatha. Kodwa isimo sishintsha ngokushesha. Lapho ekhuluma ngelase-Italy, umcwaningi uMarisa Ferrari Occhionero uthi: “Izindinganiso intsha ephila ngazo zibonisa ukuthi liya ngokuya lincipha ithonya labazali, lamasiko nelenkolo.” Kungashiwo okufanayo ngabantu—kokubili abasha nabadala—emhlabeni wonke.

UProfesa Ronald Inglehart, ongumxhumanisi wocwaningo okuthiwa i-World Values Survey, uthi: “Ubufakazi obandayo bubonisa ukuthi kunoshintsho olujulile lwemibono olwenzekayo emhlabeni.” Yini ebangela lolu shintsho? U-Inglehart uthi: “Lolu shintsho lubonisa ukuthi kunezinguquko kwezomnotho nakwezobuchwepheshe.”

Ngokwesibonelo, inhlolo-vo kaGallup yembula ukuthi emazweni anothile ukuthola umsebenzi “kwakubhekwa njengento yokugcina” ezintweni ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Kodwa emazweni asathuthuka, ukuthola umsebenzi kwakubhekwa njengento eza kuqala! Yebo, uma abantu bempofu, ukuthola indlela yokuziphilisa nsuku zonke kuba yinto eza kuqala. Njengoba amazwe ethuthuka kwezomnotho, abantu babe sebeqala ukunaka kuqala izinto ezinjengempilo, ukuphila komkhaya okujabulisayo nokuzimela komuntu siqu.

Ngenxa yentuthuko kwezobuchwepheshe, akungabazeki ukuthi lezi zindinganiso ezintsha zizoba nethonya emazweni asathuthuka. Umagazini i-Futurist uthi: “Izinkolelo nezindinganiso zethu zilolongwa yilokho esikubonayo nesikuzwayo.” Ngakho imithombo yezindaba iye yaba nethonya elikhulu ezindinganisweni zamazwe aseNtshonalanga. I-Futurist ithi: “Imithombo yezindaba ifinyelela embulungeni yonke.”

Ngakho-ke, yiluphi ushintsho esilubonayo ezimweni zengqondo nasekuziphatheni? Lezi zindinganiso ezishintshayo zikuthinta kanjani wena nomkhaya wakho?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela