Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 6/8 k. 7-k. 9 isig. 9
  • Ukushintsha Kwezindinganiso—Ingabe Kuyakukhathaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushintsha Kwezindinganiso—Ingabe Kuyakukhathaza?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kudingeka Isibonelo Sikahulumeni
  • Isibonelo Esihle SeNkosi USolomoni
  • Isibonelo Esibi SeNkosi USolomoni
  • Ukungathembani Okwandile Namuhla
  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Uhulumeni Oyosekela Izindinganiso ZikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2003
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 6/8 k. 7-k. 9 isig. 9

Ukushintsha Kwezindinganiso—Ingabe Kuyakukhathaza?

“IYIPHI inkinga enkulu kakhulu leli zwe elibhekene nayo?” Lapho bebuzwa lo mbuzo, abantu abaningi okwaxoxwa nabo e-United States baveza ukuwohloka komkhaya nesimilo njengento eyinhloko ebakhathazayo. Akubona bodwa abazizwa ngale ndlela.

Ngokwesibonelo, iphephandaba lansuku zonke laseParis i-International Herald Tribune lathi: “Kunesifiso esisobala, ikakhulukazi entsheni, sokuthola umbono othile okhuthaza ubunye, izimiso eziqashelwayo okunganqandwa ngazo amandla okuhaha, ubugovu, nokulahlekelwa ubunye, okubonakala sekuqale ukubusa umhlaba. . . . Le mpikiswano eqhubekayo mayelana nendingeko yezindinganiso zembulunga yonke injengokuvuma ukuthi kukhona okuntulekayo.”

Ingabe unomuzwa wokuthi ohulumeni nabaholi bezwe, kuhlanganise nabaholi bezamabhizinisi, banazo izindinganiso ezidingekayo ukuze basiholele ekusaseni elijabulisayo neliphephile? Ingabe uyakhathazeka, okungenani ngezinga elithile, ngenxa yokushintsha kwezindinganiso okubonayo?

Enye indaba ekhathaza kakhulu kungenzeka ukulondeka kwakho siqu. Ingabe uhlala endaweni lapho kuphephile khona ukushiya umuzi wakho ungakhiyiwe? Ingabe uyakhululeka lapho uhamba emgwaqweni ebusuku? Uma unenhlanhla yokuhlala endaweni engenayo impi ngokuqondile, izingxabano zobuhlanga, noma ukulwa kwamaqembu ezigilamkhuba, kungenzeka usakwesaba ukuba yisisulu sokulinyazwa, sokugcwelezwa, sokugqekezelwa, noma sobugebengu. Kuyaqondakala ukuthi lokhu kungabangela imizwa yokucindezeleka nokuphelelwa yithemba.

Ngaphandle kwalokhu, kungenzeka ngezinga elithile usuphelelwe umuzwa wokwethemba abanye owake waba nawo. Ngenxa yezimo owake wahlangabezana nazo, mhlawumbe emsebenzini nasekuphileni okuvamile, kungenzeka uye wabona ukuthambekela okwandayo kwabantu kokuba bakuzwise ubuhlungu ukuze kuzuze bona, ngisho noma kuyinto encane abayizuzayo.

Kudingeka Isibonelo Sikahulumeni

Phakathi nawo wonke umlando, kuye kwaba nobuhlobo obaziwayo phakathi kwezindinganiso umphakathi ophila ngazo kanye nezindinganiso ezisetshenziswa uhulumeni ophethe. UCalvin Coolidge, kamuva owaba ngumongameli wase-United States, wathi: “Abantu bavame ukukhuluma ngamalungelo angokwemvelo, kodwa ngibekela noma ubani inselele yokuba angibonise ukuthi ayekhona yini lawo malungelo angokwemvelo noma aqashelwa ngaphambi kokuba kushaywe imithetho ewagunyazayo newavikelayo.”

Uhulumeni obusayo—kungakhathaliseki ukuthi uwathole kanjani amandla okubusa—yiwo ongavikela noma uthiye amalungelo omphakathi, anjengenkululeko yokunyathelisa, yokubuthana, yokukhulekela, yokukhuluma obala, yokungaboshwa ngokungemthetho noma ukuhlukunyezwa, nokwahlulelwa ngobulungisa.

U-Abraham Lincoln, kamuva owaba ngumongameli wase-United States, wake wathi: “Umgomo oyinhloko kahulumeni uwukwenzela abantu bomphakathi konke obekufanele bazenzele kona, kodwa abangenakukwazi nhlobo ukukwenza, noma abangenakukwazi ukukwenza kahle—uma behlukene, umuntu ngamunye ezimele.” Uma ohulumeni besebenzela ukufinyelela izinjongo eziphakeme ngaleyo ndlela, abantu bavame ukubethemba labo abanegunya.

Nokho, kubonakala sengathi ukwethemba abanye kuye kwathathelwa indawo ukungathembi lutho nokuhlala uxwayile. Ucwaningo oluthile lwamuva nje e-United States lubiké ukuthi abantu abangamaphesenti angu-68 alabo okwaxoxwa nabo bathi imikhuba yezikhulu zombuso isesilinganisweni noma mibi kakhulu. Emazweni amaningi indlela umphakathi ozibheka ngayo izikhulu zikahulumeni iye yathikanyezwa yizenzo eziyihlazo zokufumbathiswa nokukhohlakala kwabantu abasezikhundleni eziphakeme. Kuyaqondakala ukuthi lokhu kuye kwabangela umuzwa wokuphelelwa ithemba kubantu abaningi ngokwandayo.

Isibonelo Esihle SeNkosi USolomoni

Isibonelo esisodwa sasendulo sibonisa ukuthi izindinganiso zalabo ababusayo zingaba nethonya elikhulu kangakanani. INkosi uSolomoni yabusa izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli kusukela ngo-1037 kuya ku-998 B.C.E. Uyise, iNkosi uDavide, wayebe ngenye yamakhosi avelele kwa-Israyeli. IBhayibheli lichaza uDavide njengomuntu owayethanda iqiniso nokulunga, futhi ngaphezu kwakho konke, njengendoda eyayimethemba ngokuphelele uNkulunkulu wayo, uJehova. UDavide wafundisa uSolomoni izindinganiso ezifanayo.

UNkulunkulu uMninimandla Onke wavela kuSolomoni ephusheni wathi: “Cela! Ngikupheni?” (2 IziKronike 1:7) Esikhundleni sokucela ingcebo enkulu, udumo, noma ukunqoba izitha, uSolomoni wembula izindinganiso ayezazisa kakhulu ngokuba acele inhliziyo ehlakaniphile, enokuqonda, nelalelayo ukuze akwazi ukubusa kahle isizwe sakwa-Israyeli.

Ukubusa kukaSolomoni kwabaphatha kanjani abantu? UNkulunkulu wambusisa ngokuhlakanipha, inkazimulo nengcebo—uma nje ayengahlala ethembekile ezindinganisweni zesizwe ezingokomoya. Imiphumela yemivubukulo ifakazela ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo okwakukhona ekubuseni kukaSolomoni. Incwadi ethi The Archaeology of the Land of Israel ithi: “Ingcebo eyayingena esigodlweni sobukhosi ivela nxazonke, kanye nezentengiselwano ezazichuma . . . kwaletha ushintsho olusheshayo noluphawulekayo kuzo zonke izici zokuphila ngokwenyama.”

Yebo, ukubusa kukaSolomoni okuhle kwalethela izikhonzi zakhe ukuthula, ukulondeka, nenjabulo. “UJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.”—1 AmaKhosi 4:20, 25.

Isibonelo Esibi SeNkosi USolomoni

Nokho, ngeshwa, njengezindinganiso zabaholi abaningi namuhla, izindinganiso zikaSolomoni zagcina zishintshile. Ukulandisa kweBhayibheli kufundeka kanje: “Waba nabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; kancane kancane abafazi bakhe bayichezukisa inhliziyo yakhe. Kwathi ngesikhathi sokuguga kukaSolomoni abafazi bakhe base beyichezukisile inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; futhi inhliziyo yakhe ayizange ibe ephelele kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide uyise.”—1 AmaKhosi 11:3, 4.

Izindinganiso ezase zishintshile zeNkosi uSolomoni zaba namuphi umphumela kubantu bakhe? Naphezu kwekhono elikhulu nokuhlakanipha ayenakho, uSolomoni waba umbusi ocindezelayo ngasekupheleni kokubusa kwakhe. Izindleko ezinkulu zikahulumeni wakhe zawuphundla wonke umnotho wesizwe. Izisebenzi zaqala ukukhononda. Izimbangi zezombusazwe zamelana nenkosi futhi zafuna ukugumbuqela ubukhosi bayo. Isizwe sahlukana phakathi. Kuyamangalisa ukuthi uSolomoni uqobo wabhala: “Lapho abalungile banda, abantu bayajabula; kodwa lapho omubi ebusa, abantu bayabubula.”—IzAga 29:2.

Ngemva nje kokufa kukaSolomoni, izingxabano zezombusazwe nokungathembani kwaholela ekuhlukaneni kwesizwe okwadala isimo esinzima, esasingenabo ubunye nesasiwohloka. Ama-Israyeli aphelelwa yithemba ngokuphelele. Uhulumeni wawo wawushintshe izindinganiso zawo, wakhohlwa ukunakekela izithakazelo zabantu. Iphutha elikhulu laliwukuthi abaholi bawo babengamnakanga uJehova nemithetho yakhe. Ngenxa yalokho, sonke isizwe sahlupheka.

Ukungathembani Okwandile Namuhla

Emikhakheni kahulumeni, yezebhizinisi nasenkolweni namuhla, abaningi baye bakuziba ukulondoloza izindinganiso eziphakeme. Lokhu kuye kwadala umuzwa wokukhathazeka ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu. Ohulumeni nabanye abaholi bahluleka ngokwandayo ukuxazulula izinkinga eziyisisekelo zamazwe abo.

Ngokwesibonelo, baye bahluleka ukuqeda impi noma ukunqanda izindleko ezikhulayo zokunakekelwa kwempilo noma imiphumela emibi yokuhweba ngezidakamizwa okungekho emthethweni. Izinhlelo zemfundo nazo ziye zawohloka. Ohulumeni abaningi baxhasa ngisho nokugembula okuhleliwe. Abaholi abaningi bezebhizinisi nenkolo nabo baye badumaza ngendlela eshaqisayo ngenxa yezenzo zabo zokukhohlakala nokuziphatha okubi. Yingakho abantu bengabethembi kangaka labo ababaholayo.

Kungenzeka yini kube nohulumeni ongavikela uze uhole ngisho nasekusimamiseni amalungelo abantu ayisisekelo nezindinganiso zabo? Yebo, kungenzeka. Isihloko sethu sokugcina sizochaza ukuthi kanjani.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

‘KUBONAKALA SENGATHI UKUHAHA, UBUGOVU, NOKULAHLEKELWA UBUNYE SEKUQALE UKUBUSA UMHLABA.’—INTERNATIONAL HERALD TRIBUNE

[Izithombe ekhasini 8]

Lapho iNkosi uSolomoni ilalela imithetho kaNkulunkulu, yadlulisela izindinganiso eziphakeme ezikhonzini zayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela