Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 6/8 k. 10-k. 11 isig. 9
  • Uhulumeni Oyosekela Izindinganiso ZikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhulumeni Oyosekela Izindinganiso ZikaNkulunkulu
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UMbuso KaNkulunkulu Oyikho
  • Izindinganiso ZeBhayibheli
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
  • Ukushintsha Kwezindinganiso—Ingabe Kuyakukhathaza?
    I-Phaphama!—2003
  • Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo
    I-Phaphama!—1990
  • UMbuso
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 6/8 k. 10-k. 11 isig. 9

Uhulumeni Oyosekela Izindinganiso ZikaNkulunkulu

AKE ucabange ngezwe elinohulumeni oyedwa vó obusa abantu bazo zonke izinhlanga nezilimi. Cabanga ngohulumeni owaziwa ngokuvikela izindinganiso eziphakeme nangokuqeda impi, inzondo, ubugebengu, ubumpofu, ukungcoliswa kwendawo, ukugula, ngisho nokufa!

Ungase uthi: ‘Kuhle lokho, kodwa akunakwenzeka.’ Cha, akuyona into engenakwenzeka. Eqinisweni, kuyokwenzeka nakanjani. UJesu Kristu wathembisa uhulumeni onjalo. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’”—Mathewu 6:9, 10.

Mhlawumbe ujwayelene namazwi alowo mthandazo, ngoba izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyawazi noma zake zezwa ngawo. Kodwa wake wacabanga ngokujulile ukuthi lawo mazwi asho ukuthini ngempela? Phawula ukuthi uMbuso uhlotshaniswa nokwenzeka kwentando kaNkulunkulu emhlabeni. Khona-ke, uyini uMbuso kaNkulunkulu? Futhi iyini intando kaNkulunkulu ngomhlaba wethu?

Lokho UMbuso KaNkulunkulu Oyikho

Enye incazelo yombuso iwukuthi uwuhulumeni ophethwe yinkosi. UMbuso kaNkulunkulu uyindlela kaJehova uNkulunkulu yokubonakalisa ubukhosi bakhe bendawo yonke. Uwuhulumeni wasebukhosini ophethwe yiNdodana yakhe, uJesu Kristu. Intando kaNkulunkulu ngomhlaba yona ivezwe ngendlela elula necacile kumaHubo 37:10, 11: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”

Ngakho uma uzizwa uphelelwa yithemba ngenxa yezindinganiso zaleli zwe eziwohlokayo, yima isibindi. IBhayibheli lithembisa ukuthi maduzane izimo nezindinganiso zezwe kuzoshintsha ngokuphelele. Isithembiso sokuthi maduzane uMbuso kaNkulunkulu uzobusa umhlaba ukuze kusebenze izindinganiso zikaNkulunkulu siyisisekelo esiqinisekile sethemba.

Ukufunda ukuthembela ezithembisweni zoMbuso kaNkulunkulu kungasenza sizizwe silondeke ngempela. Cabangela izindinganiso ezihlobene nokubusa kwalowo Mbuso: “Wozani, bukani imisebenzi kaJehova, ukuthi uzimisé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni. Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.” (IHubo 46:8, 9) Yeka isithembiso esihle sokuthula nokulondeka!

Esiprofethweni esiphathelene neNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu Kristu, iHubo 72:12-14 lithi: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.”

Izindinganiso ZeBhayibheli

Cabangela ezinye zezindinganiso ezikhuthazwa yiBhayibheli: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Nansi enye: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

IBhayibheli lifundisa nokuthi sonke sinomthwalo wokulandisa ngezindinganiso esikhetha ukuphila ngazo. Cabangela umShumayeli 11:9: “Jabula, nsizwa, ebusheni bakho, futhi inhliziyo yakho mayikwenzele okuhle ezinsukwini zobunsizwa bakho, futhi uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nasezintweni ezibonwa amehlo akho. Kodwa yazi ukuthi ngenxa yazo zonke lezi zinto uNkulunkulu weqiniso uyokuletha ekwahlulelweni.” Umthwalo wokulandisa ngezenzo zethu ushiwo ngokuqondile kuzAga 2:21, 22: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”

Njengoba sinaleli themba elikhuthazayo likahulumeni wokulunga, yeka indlela okuzuzisa ngayo ukuhlakulela ubungane obuseduze noNkulunkulu! Ukuzihlanganisa nabanye nabo abafisayo ukuba yizikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu kuyosisiza ukuba sibe sethubeni lokujabulela ukubusa koMbuso wakhe okhazimulayo nezithelo zezindinganiso ezinhle oyozikhuthaza.

[Isithombe ekhasini 10]

Abamnene “bayodla ifa lomhlaba” futhi “bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHUBO 37:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela