Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 6/8 k. 29
  • Ibutho Elisemkhankasweni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibutho Elisemkhankasweni!
  • I-Phaphama!—2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yana Entuthwaneni”
    I-Phaphama!—1990
  • Amatsheketshe Oju—Intandokazi Yasogwadule
    I-Phaphama!—2011
  • Izinambuzane Ezingochwepheshe Bokukhuculula Imfucumfucu
    I-Phaphama!—2002
  • Abahlanzi Abancanyana Abakhucululayo
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 6/8 k. 29

Ibutho Elisemkhankasweni!

“Sihlala emzaneni othile waseBelize osathuthuka, ozungezwe uhlaza. Ngolunye usuku cishe ngehora lesishiyagalolunye ekuseni, umuzi wethu wahlaselwa yibutho. Kwatheleka izintuthwane zingena ngaphansi komnyango nangayo yonke imifantu, zifuna ukudla. Kwacaca ukuthi kwakufanele siphume siphele ihora noma amabili, kuyilapho izintuthwane zazizibusisa. Lapho sibuya, kwakungasekho lutho oluyisinambuzane endlini.”

ABANTU ABANINGI abahlala emazweni ashisayo njengaseBelize, babheka lesi senzakalo njengesijwayelekile futhi abasixwayi ngokuphelele. Siyindlela yokuqeda amaphela nezinye izinambuzane eziwuhlupho endlini. Futhi akusali lutho ngemuva.

Ngokuthakazelisayo, izintuthwane okukhulunywa ngazo lapha yizintuthwane ezenza futhi ezihleleke njengebutho.a Esikhundleni sokwakha iziduli, la mabutho ayimizulane, angamakhulu ezinkulungwane, akha izikhoselo zesikhashana ngokuthi inqwaba yezintuthwane ihlanganise imilenze yakhe isihenqo esibiyela uqumbu nabantwana bakhe. Kulesi sikhoselo, kuthunywa amaviyo ahlaselayo ashaye udwendwe eyofuna ukudla, okuhlanganisa izinambuzane nezinye izilwanyana ezincane, njengezibankwa. Abaholi bala maviyo ahlaselayo bakha namaviyo abonakala eyizimpondo zempi ukuze babambe isisulu. Lokhu kwenzeka lapho izisebenzi eziholayo zinqikaza bese zimisa iviyo, ngoba kungekho phunga ezingalithungatha. Izintuthwane ezingemuva ziyaqhubeka ziphokophele phambili, bese kuba nezingxenye eziqhubukushile ebuthweni elisekhaleni, okudala ukuma okunjengezimpondo.

Umjikelezo walezi zintuthwane uthatha izinsuku ezingu-36, zihlasela izinsuku ezingaba ngu-16 bese zihlala ndawonye izinsuku ezingu-20, phakathi naleso sikhathi uqumbu abe ezalela amaqanda. Ngemva kwalokho, indlala ibangela leli butho ukuba liphume umkhankaso futhi. Nxazonke zala mabutho asemkhankasweni akha udwendwe olungamamitha ayishumi, kunezicabucabu, ofezela, izinkubabulongwe, amaxoxo nezibankwa ezibalekayo zijahwa yizinyoni, ezidla laba baleki kodwa ezingasondeli kulezi zintuthwane.

Izintuthwane, ezichazwa eBhayibhelini kuzAga 30:24, 25 ngokuthi “zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo,” zingezinye zezimangaliso zendalo.

[Umbhalo waphansi]

a Lesi sihloko sikhuluma ngezintuthwane zohlobo lwe-Eciton zaseMelika Ephakathi neseNingizimu.

[Isithombe ekhasini 29]

Intuthwane

[Umthombo]

© Frederick D. Atwood

[Isithombe ekhasini 29]

Zihlanganisa imilenze zakhe ibhuloho

[Umthombo]

© Tim Brown/www.infiniteworld.org

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela