Izinambuzane Ezingochwepheshe Bokukhuculula Imfucumfucu
EMINYAKENI engaphezudlwana kwengu-150 edlule, abantu basungula izimiso eziyinkimbinkimbi zokukhuculula indle nemfucumfucu. Nokho, wayesekhona kakade uchwepheshe wokukhuculula imfucumfucu—intuthwane encane yasezindaweni ezishisayo zaseMelika.
Kunequlo lezintuthwane eziyisigidi ezidla amaqabunga ezihlala esidlekeni esingaphansi komhlaba. Amalungu ahlukahlukene aleli qembu anezabelo ezingafani. Ezinye izintuthwane ziqoqa imvithi yamaqabunga, bese elinye iqembu liwahlafuna abe yinkafunkafu. Izintuthwane ezilungisa ingadi zisebenzisa le nkafunkafu ukwenza amakhowe emihumeni yesidleke. Zikhipha noma yini engase isakaze amagciwane, njengesikhunta esiyingozi, izintuthwane esezifile noma ezifayo, nezinto ezibolile. Kodwa ziwulahla kanjani lo doti?
Iphephandaba i-Independent libika ukuthi ososayensi baseBrithani e-University of Sheffield bayitholile impendulo. Eduze nemihume yengadi kunemihume emikhudlwana lapho le mfucu- mfucu igcinwa khona. Izintuthwane ezisebenza ngemfucumfucu zihlala lapho ukuphila kwazo konke, zilokhu ziphenduphendula imfucumfucu ukuze ibole, bese ibulala amagciwane adala izifo. Izintuthwane ezisebenza engadini azilokothi zingene emihumeni yemfucumfucu. Ziyifaka emhubheni, bese izisebenzi zemfucumfucu ziyilanda khona. Le ndlela ephumelelayo yokukhuculula imfucumfucu ithiya ingozi yamagciwane ivikele nempilo yaleli qulo.
UJehova uNkulunkulu akazange nje adale izinambuzane zinokuhlakanipha kwemvelo kodwa wanika nama-Israyeli iziqondiso zempilo eziwusizo eminyakeni engaphezu kuka-3 500 edlule. Ukusebenzisa le mithetho kwakuyovimbela ukungcoliswa kokudla namanzi, kunqande ukubhebhetheka kwezifo ezithathelwanayo, futhi kuqinisekise ukulahlwa kwendle ngendlela ephephile. Yeka ukuthi kungakanani ukuhlupheka nokufa okwakuyogwenywa ngokulandela lezi ziqondiso!—Levitikusi 11:32-38; Numeri 19:11, 12; Duteronomi 23:9-14.