Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 7/8 k. 3-k. 4 isig. 4
  • Ubugebengu Obunobudlova—Bubangelwa Yini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubugebengu Obunobudlova—Bubangelwa Yini?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kuqala Ubugebengu Bolunye Uhlobo?
  • Kungani Ubugebengu Obunobudlova Sebande Kangaka?
    I-Phaphama!—2003
  • Likuphi Izwe Elingenabo Ubugebengu?
    I-Phaphama!—1996
  • Ubudlova—Isizathu Sokuba Ukukhathazeka Ngakho Kwande
    I-Phaphama!—1989
  • Ukwehluleka Ukulwa Nobugebengu
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 7/8 k. 3-k. 4 isig. 4

Ubugebengu Obunobudlova—Bubangelwa Yini?

UFRANK noGabriella babezelulela imilenze ngasogwini lwase-Oregon, e-U.S.A., ngamahora asekuseni, bebukela ukuphuma kwelanga. Babengaxwaye lutho, kwazise elokufa alitsheli. Emizuzwini engemingaki kamuva, base befile bobabili, bedutshulwe bukhoma emakhanda. Ingabe kwakuyisenzo sokuziphindiselela? Noma somhawu? Lutho. Umbulali-ndini, owayengabazi nakubazi, wanelisa ilukuluku ayenalo—wayefuna ukwazi ukuthi kunjani ukubulala umuntu.

“NgeSonto ngomhla ka-28 ku-April 1996 uMartin Bryant waba undab’ uzekwayo emazweni aseNtshonalanga ngokwenza into eyamjabulisa kakhulu ekuphileni. Ehamba edubula noma ubani ayehlangana naye njengoba enqamula ePort Arthur, eTasmania, wafikelwa umuzwa omangalisayo wokwesasa namandla.” (A Study of Our Decline, kaPhilip Atkinson) Wabulala abantu abangu-35!

ECanada, ikhehla elineminyaka engu-65 elase lithathe umhlalaphansi, lalizihambela ngebhayisikili lalo ekuseni njengenhlalayenza. Njengoba liqhubeka lishova ibhayisikili lalo, lashayiswa ngemuva umshayeli owalishiya khona lapho ecabanga ukuthi lifile. Ibhayisikili lalo lahudulwa amamitha angaba ngu-700 kulowo mgwaqo. Kwaqale kwacatshangwa ukuthi lalishayiswe umuntu mumbe ngengozi wabe esebaleka, kodwa lapho kuphenyisiswa ngokwengeziwe kwatholakala ukuthi lalishayiswe umshayeli wemoto eyebiwe, owayezijabulisa ngokuhamba ngemoto eyebiwe. Kubonakala sengathi, ukushayisa lo muntu owayegibele ibhayisikili kwakuyingxenye yalokho “kuzijabulisa.”

Ingabe Kuqala Ubugebengu Bolunye Uhlobo?

Sekungamakhulu amaningi eminyaka ubugebengu bukhona, kodwa izibonelo eziphawulwe ngenhla zenza abantu bazibuze ngokumangala: “Kwenzenjani? Umuntu angakucabanga kanjani ukwenza into enjalo?” Nakuba ubugebengu obuvamile, njengokweba noma ukuphamba, bungase bungadonsi amehlo abaningi, kunesibalo esandayo sezenzo ezidonsa amehlo abezindaba futhi zenze abantu bathi, ‘Yinto engenangqondo le! Kwenzekani kulo mhlaba?’

Lobu bugebengu buhlukile. Ngokuvamile buyashaqisa futhi bunonya. Njengoba sibonile ezibonelweni ezingenhla, ngokuvamile benziwa kubantu abangenacala abangazani nabenzi babo. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile sisuke singekho isisusa esiqondakalayo salobu bugebengu obunobudlova. Kungashona ilanga silandisa izenzo ezingenangqondo.

Ngo-April 1999 eColorado, e-U.S.A., abafundi ababili badubula futhi babulala abafundi abangu-12 kanye nothisha esikoleni ngaphambi kokuba bazibulale kwabona. Ngo-1982 kwafa umlisa mumbe eCalifornia ngemva kokuphuza umuthi ayewuthenge esitolo kanti lowo muthi wawuthakwe ngobuthi i-strychnine. Ngo-1993, abafana ababili abaneminyaka eyishumi banxenxa umfanyana oneminyaka emibili, uJames Bulger, ukuba ahambe nabo basuke endaweni enoxhaxha lwezitolo eBootle, eMerseyside, eNgilandi, unina esangené esilaheni. Behlela naye kujantshi bafike bamshaya ngomshiza waze wafa.

Izenzo ezithile zingabhekwa njengezobuphekula, njengokuhlasela ngobuthi emzileni ohamba ngaphansi komhlaba eTokyo ngo-1995. Abantu baseJapane bashaqeka lapho amalungu ehlelo elithile evulela isisi esinobuthi emzileni ohamba ngaphansi komhlaba eTokyo, kwafa abantu abangu-12 kwalimala izinkulungwane. Bambalwa abangakukhohlwa ukubhujiswa kwe-World Trade Center eNew York nokuhlaselwa kwePentagon, eWashington, D.C., okwabulala abantu abangaba ngu-3 000, kanye nokuqhunyiswa kwamabhomu ngonyaka odlule eBali, e-Indonesia, okwabulala abantu abacishe babe ngu-200.

Kusobala ukuthi sebandile ubugebengu obunjalo obunobudlova. Le nkinga isemhlabeni wonke, ithinta izizwe eziningi nezigaba zabantu.

Kwezinye izimo kunjengokungathi abenzi balobo bugebengu babencintisana, bezama ukubona ukuthi ubani ongenza ubugebengu obuzoshaqisa kakhulu ukwedlula abanye. Ngaphezu kwalokho, ubugebengu obuqhutshwa yinzondo sebuba yinsakavukela. Benziwa ngesihluku esingenakuchazwa kubantu abakuphela ‘kwecala’ labo kuwukuthi bangabolunye uhlanga, inkolo, noma isizwe—njengoba kwenzeka ngo-1994 lapho kubulawa amaTutsi angaba ngu-800 000 eRwanda.

Konke lokhu kwenza abantu abaningi bacabange: ‘Kwenzekani? Ingabe kwakunje ngaphambili? Yini okungenzeka ukuthi iyimbangela yobugebengu obunyantisa kangaka? Likhona yini ithemba lokuthi ubugebengu obunjalo obunobudlova bungancishiswa noma buqedwe?’ Izihloko ezilandelayo zizodingida le mibuzo kanye neminye.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Ubugebengu obunobudlova ngokuvamile benziwa ezisulwini ezisuke zizihambela nje futhi sisuke singekho isisusa esiqondakalayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela