Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 10/8 k. 27-k. 29 isig. 8
  • Izindlela Eziyisithupha Zokuvikela Impilo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindlela Eziyisithupha Zokuvikela Impilo Yakho
  • I-Phaphama!—2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindlela Eziyisithupha Zokuvikela Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1997
  • Lapho Amagciwane Engeke Esalimaza Muntu
    I-Phaphama!—2003
  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | THUTHUKISA IMPILO YAKHO—IZINTO EZINHLANU ONGAZENZA KWAMANJE
    I-Phaphama!—2015
  • Ukuhlangabezana Nenselele Yokuhlanzeka
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 10/8 k. 27-k. 29 isig. 8

Izindlela Eziyisithupha Zokuvikela Impilo Yakho

Inselele Yamazwe Ampofu

KUNGUMSHIKASHIKA kubantu abaningi namuhla ukuzigcina behlanzekile, ikakhulukazi emazweni antula amanzi ahlanzekile nesimiso sokukhuculula indle esifanele. Noma kunjalo, kufanele siwenze umzamo wokuhlala sihlanzekile. Kulinganiselwa ukuthi ingxenye yezifo eziphatha izingane ezisezincane nokufa kwazo kubangelwa amagciwane angena emilonyeni ngezandla ezingcolile noma ngokudla noma amanzi angcolile. Izifo eziningi, ikakhulukazi isifo sohudo, zingavinjelwa ngokusebenzisa ukusikisela okulandelayo okunikezwe encwadini ethi Facts for Life, ekhishwa yi-United Nations Children’s Fund.

1 Lahla indle ngendlela efanele

Amagciwane amaningi atholakala endleni. Lapho amagciwane athwala izifo engena ekudleni noma emanzini noma ezandleni, ezitsheni noma ezindaweni okulungiselwa futhi kuphakwe kuzo ukudla, angase adlulele emlonyeni, umuntu awagwinye, abese ebangela isifo. Indlela engcono yokuvikela ukusakazeka kwalawo magciwane ukulahla yonke indle. Indle yabantu kufanele ilahlwe endlini yangasese. Qinisekisa ukuthi akubi nendle yezilwane eduze nekhaya, endleleni, noma lapho izingane zidlala khona.

Lapho zingekho khona izindlu zangasese, yigqibe masinyane indle. Khumbula ukuthi yonke indle inamagciwane angabangela izifo, ngisho nendle yezinsana. Indle yezingane nayo kufanele ifakwe endlini yangasese noma igqitshwe.

Yihlanze njalo indlu yangasese. Umgodi wendlu yangasese engaphandle kufanele uhlale umboziwe kanti kwengaphakathi endlini kufanele amanzi ashaywe njalo ngemva kokuyisebenzisa.

2 Geza izandla

Kufanele uzigeze njalo izandla. Ukuzigeza ngensipho namanzi noma ngomlotha namanzi kususa amagciwane. Ukumane unyakambise izandla emanzini akwanele—kumelwe uzihlikihle zombili izandla ngensipho noma ngomlotha.

Kumelwe nakanjani ugeze izandla lapho uphuma endlini yangasese noma lapho uqeda ukuphipha usana noma ingane. Geza izandla nangemva kokuthinta izilwane, ngaphambi kokuba uthinte ukudla nangaphambi kokuba ufunze ingane.

Ukugeza izandla kuyasiza ekuvikeleni abantu ezibungwini ezincane ezidala izifo. Lezi zibungu zincane kakhulu kangangokuba ngeke uzibone ngeso lenyama. Zihlala endleni nasemchamweni, emanzini amile nasenhlabathini, nasenyameni eluhlaza noma engaphekisiswanga kahle. Indlela eyinhloko yokuvimbela izibungu ukuba zingangeni emzimbeni ukugeza izandla. Ngaphezu kwalokho, ukugqoka izicathulo lapho ungasendlini yangasese kungavimbela izibungu okungenzeka zibe lapho ukuba zingangeni emzimbeni ngesikhumba sezinyawo.

Izingane zivamile ukufaka izandla zazo emlonyeni, ngakho zigeze njalo izandla zazo, ikakhulukazi lapho zivela endlini yangasese nangaphambi kokuba zidle. Zifundise ukuba zigeze izandla futhi zingadlaleli eduze kwendlu yangasese noma eduze kwezindawo abantu abazithuma kuzo.

3 Geza ubuso nsuku zonke

Geza ubuso ngamanzi nangensipho nsuku zonke ukuze uvikele izifo zamehlo. Nezingane kudingeka nazo uzigeze ubuso. Ubuso obungcolile bubiza izimpukane, ezithwala amagciwane. La magciwane angabangela izifo zamehlo ngisho nobumpumputhe.

Wahlole njalo amehlo ezingane zakho. Amehlo anempilo amanzi futhi achachambile. Uma amehlo omile, ebomvu noma ebuhlungu, noma enezimbici, ingane kufanele ihlolwe isisebenzi sezempilo noma udokotela.

4 Sebenzisa amanzi ahlanzekile kuphela

Zimbalwa izifo imikhaya engaba nazo uma isebenzisa amanzi ahlanzekile futhi iwagcina engenawo amagciwane. Cishe amanzi ahlanzekile uma ephuma kumpompi owakhiwe kahle futhi ogcinwa usesimweni esihle noma uma ephuma emithonjeni naseziphethwini ezingangcolile. Amanzi avela emachibini amancane amile, emifuleni nasemathangini avulekile noma emithonjeni evulekile mancane amathuba okuthi abe ngahlanzekile, kodwa ungawenza abe aphephile ngokuwabilisa.

Imithombo kufanelwe imbozwe. Amabhakede, izindophi, nemigqomo esetshenziselwa ukukha nokugcina amanzi kufanele kugezwe njalo futhi kubekwe endaweni ehlanzekile, hhayi phansi. Izilwane kufanele zibe kude namanzi aphuzwayo nasezindaweni umkhaya ohlala kuzo. Ungasebenzisi izibulali zinambuzane noma amakhemikhali eduze kwamanzi.

Ekhaya, amanzi kufanele agcinwe ehlanzekile, entweni evalekayo. Kungcono ukugcina amanzi entweni enompompi. Uma ingenawo umpompi, amanzi kufanelwe acakulwe ngenkezo noma ngenkomishi ehlanzekile. Akufanele uthinte amanzi aphuzwayo ngezandla ezingcolile.

5 Vikela ukudla emagciwaneni

Amagciwane ungawabulala ngokukuphekisisa ukudla. Ukudla, ikakhulukazi inyama ebomvu neyenkukhu, kufanele kuphekwe kuvuthwe kahle. Amagciwane anda ngokushesha ekudleni okufudumele. Ngakho-ke, ukudla kufanele kudliwe lapho nje kuqeda ukuphekwa. Uma kudingeka ukuba ukudla kuhlale isikhathi esingaphezu kwamahora amabili, qiniseka ukuthi ukugcina endaweni eshisayo noma ebandayo. Futhi uma kudingeka ubeke ukudla okuphekiwe okuzodliwa ngesinye isikhathi, kumboze. Lokhu kukuvikela ezimpukaneni nakwezinye izinambuzane. Kufudumeze kushise impela ngaphambi kokuba kudliwe.

Ubisi lwebele yilona kuphela olungcono noluphephe kakhudlwana ezinsaneni nasezinganeni ezincane. Ubisi lwezilwane olusanda kubiliswa noma oluthengwa selubulewe amagciwane (pasteurized) luphephile kunobisi olungabiliswanga. Gwema ukusebenzisa ibhodlela ekunceliseni ingane, ngaphandle uma uligeza ngamanzi abilayo isikhathi ngasinye umncelisa. Amabhodlela okuncelisa ngokuvamile anamagciwane abangela ukucubuluza. Kungcono ukuncelisa ingane ubisi lwebele noma ukuyiphuzisa ubisi ngenkomishi evulekile, ehlanzekile.

Geza izithelo nemifino ngamanzi ahlanzekile. Lokhu kubalulekile ikakhulukazi uma izingane zizokudla kungaphekiwe.

6 Chitha wonke udoti

Izimpukane, amaphela, amagundane nezimpuku konke kuthwala amagciwane. Lezi zilwanyana zithanda imfucumfucu. Uma lingekho ilungiselelo lokuthutha imfucumfucu lapho uhlala khona, faka udoti emgodini wezibi lapho uzokwazi khona ukuwugqiba noma ukuwushisa nsuku zonke. Gcina umuzi wakho uhlanzekile ungenayo imfucumfucu namanzi angcolile.

Uma ukusebenzisa njalo lokhu kusikisela, uyothola ukuthi kuyosheshe kube ingxenye yokuphila kwakho kwansuku zonke. Akunzima ukukwenza futhi akudingi mali eningi, kodwa kuyoyivikela impilo yakho neyomkhaya wakho.

[Isithombe ekhasini 27]

Lapho zingekho khona izindlu zangasese, indle kumelwe uyigqibe ngokushesha

[Isithombe ekhasini 27]

Zigeze njalo izandla

[Isithombe ekhasini 28, 29]

Geza ubuso ngensipho namanzi nsuku zonke

[Izithombe ekhasini 28]

Imikhaya ayiphathwa yizifo eziningi uma isebenzisa amanzi ahlanzekile futhi iwagcina engenawo amagciwane

[Isithombe ekhasini 29]

Uma kudingeka ubeke ukudla okuphekiwe okuzodliwa ngesinye isikhathi, kumboze

[Isithombe ekhasini 29]

Udoti kufanele ugqitshwe noma ushiswe usuku ngalunye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela