Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 1/8 k. 3
  • Izingqondo Ezihlukumezekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingqondo Ezihlukumezekile
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Nokuphazamiseka Kwemizwelo
    I-Phaphama!—2004
  • Ithemba Labagulayo
    I-Phaphama!—2004
  • Ukubona Izimpawu
    I-Phaphama!—2001
  • Iyashesha Ukuba Omama
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 1/8 k. 3

Izingqondo Ezihlukumezekile

UNICOLE ubelokhu eba nemizwelo yosizi ngezikhathi ezithile kusukela eseneminyaka engu-14 ubudala. Nokho, lapho eseneminyaka engu-16, waqala ukwehlelwa okuthile okusha—umuzwa wokwesasa ongavamile kanye nomdlandla ongalawuleki. Ukuyaluza komqondo, inkulumo engahlangani, nokuqwasha kwakuhambisana nezinsolo ezingenasisekelo zokuthi abangane bakhe babemxhaphaza. Ngokulandelayo, uNicole wathi wayengashintsha imibala yezinto ngokuthanda kwakhe. Kuleli qophelo, unina kaNicole waqaphela ukuthi kwakudingeka usizo lwezokwelapha, ngakho wayisa uNicole esibhedlela. Ngemva kokubhekisisa imizwelo kaNicole eguquguqukayo, odokotela bagcina befinyelele kulesi siphetho: UNicole wayenesifo sokuphazamiseka kwengqondo.a

NjengoNicole, izigidi zabantu emhlabeni wonke zinokuphazamiseka kwemizwelo—kungaba ukuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo noma olunye uhlobo lwesifo sokucindezeleka. Imiphumela yalezi zifo ingaba mibi kakhulu. USteven, onesifo sokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo, uthi: “Kwaphela iminyaka eminingi ngisezinhlungwini. Ngangizizwa ngicindezeleke kakhulu, kuthi kusenjalo ngizithole sengeneme ngokweqile. Ukuthola ukwelashwa kwakusiza, kodwa kwakuseyimpi enzima.”

Kubangelwa yini ukuphazamiseka kwemizwelo? Kunjani ukuba nesifo sokucindezeleka noma sokuphazamiseka kwengqondo okuguquguqukayo? Abagulayo—kanye nabanakekeli babo—bangakuthola kanjani ukusekelwa abakudingayo?

[Umbhalo waphansi]

a Siza uqaphele ukuthi ezinye zalezi zimpawu zingase zibe uphawu lokusangana, ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma ngisho nezinguquko ezivamile zokukhula. Isiphetho sokuthi umuntu uphethwe yini kufanele senziwe kuphela ngemva kokuba esexilongwe uchwepheshe ofanelekayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela