Intsha Iyabuza . . .
Ngingasitholaphi Isikhathi Sokwenza Umsebenzi Wesikole Ekhaya?
‘Ngifunda umatekuletsheni esikoleni, futhi ngicindezeleke kakhulu. . . . Nginemisebenzi eminingi nemibiko okufanele ngiyenze, angazi ukuthi ngizoqalaphi. Anginaso isikhathi sokuyenza.’—Intombazane eneminyaka engu-18 ubudala.
I NGABE uzizwa uthwele kanzima ngenxa yomsebenzi omningi wesikole ofika nawo ekhaya njalo ntambama? Uma kunjalo, awuwedwa. Umbiko wezindaba wase-United States uthi: “Njengoba izikole ezweni lonke zilwela ukukhuphula izinga—kanye namamaki ezivivinyo zikazwelonke—zinikeza abafundi umsebenzi wesikole othé xaxa. Kwezinye izindawo abafundi basesikoleni esiphakeme bathi bachitha amahora angaphezu kwamathathu ngosuku benza lo msebenzi. Ucwaningo oluthile lwase-University of Michigan lubonisa ukuthi izingane ezincane zinikezwa umsebenzi wesikole ophindwe cishe kathathu kunalowo owawunikezwa izingane eminyakeni engu-20 edlule.”
Akubona abafundi base-United States kuphela abathola umsebenzi omningi owenziwa ekhaya. Ngokwesibonelo, nakuba izingane ezingamaphesenti angu-30 ezineminyaka engu-13 ubudala kulelo zwe zabika ukuthi zenza umsebenzi wesikole amahora angaphezu kwamabili ngosuku, eTaiwan naseKorea, lelo nani lalingamaphesenti angu-40, kanti eFrance, lalingamaphesenti angaphezu kwangu-50. “Ngezinye izikhathi ngiyacindezeleka ngempela uma umsebenzi wami wesikole unqwabelana,” kukhala uKatie, ongumfundi waseyunivesithi e-United States. UMarilyn noBelinda, abafunda eMarseilles, eFrance, bazizwa ngendlela efanayo. UMarilyn uthi: “Sivame ukuchitha amahora amabili noma ngaphezulu ubusuku ngabunye senza umsebenzi wesikole. Uma uneminye imithwalo, kungaba nzima ukuthola isikhathi.”
Ngingasitholaphi Isikhathi?
Bekungeke yini kube kuhle ukumane unezele amahora ambalwa osukwini uma uwadinga ukuze ukwazi ukuqeda umsebenzi wesikole bese unakekela nezinye izinto okufanele uzenze? Eqinisweni, ungase ukwazi ukwenza okuthile okufuze lokho uma ufunda esimisweni seBhayibheli esikweyabase-Efesu 5:15, 16: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba.” Nakuba umlobi weBhayibheli ayengacabangi ngomsebenzi wesikole uma ebhala la mazwi, lesi simiso singasetshenziswa ekuphileni kwansuku zonke. Lapho uthenga okuthile, kufanele udele okuthile ukuze uthole lokho okufunayo. Iphuzu lapha liwukuthi ukuze uthole isikhathi sokutadisha, kuyodingeka udele okuthile. Kodwa yikuphi?
Osemusha okuthiwa uJillian uyeluleka: “Bhala uhlu lwezinto okufanele uzenze kuqala.” Ngamanye amazwi, hlela izinto eziza kuqala. Imihlangano yobuKristu nezinto ezingokomoya kufanele kube phezulu ohlwini lwakho. Ungayikhohlwa nemisebenzi yakho yasekhaya, kanye nawo umsebenzi wesikole.
Ngokulandelayo, zama ukugcina umbhalo cishe wesonto lonke wendlela osisebenzisa ngayo ngempela isikhathi sakho. Kungase kukumangaze ozokuthola. Singakanani isikhathi osichitha ubuka i-TV? ubheka izingosi ze-Internet? ubuka amabhayisikobho? ukhuluma ocingweni? uvakashela abangane? Umbhalo wakho wembulani uma uwuqhathanisa nohlu lwakho lwezinto eziza kuqala? Kungenzeka kudingeka nje ubhekisise imikhuba yakho yokubuka i-TV, yokusebenzisa ucingo, noma yokubuka i-Internet ukuze uthole izindawo lapho ungathengisisa khona isikhathi esiningi!
Qala Ngezinto Eziza Kuqala
Lokhu akusho ukuthi kufanele ulahle i-TV yakho noma ube unkom’ idlayodwa. Kungase kudingeke uzibekele umthetho othi, “Qala ngezinto eziza kuqala.” Umbhalo weBhayibheli ongawusebenzisa uthi: ‘Qinisekani ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Ngokwesibonelo, njengoba izifundo zakho zesikole zibalulekile, ungazibekela umthetho wokuthi ngeke uyithinte i-TV ungakayenzi imisebenzi yakho yasekhaya, ungakayilungiseleli imihlangano yobuKristu, futhi ungakawuqedi umsebenzi wesikole. Kuyiqiniso ukuthi kuyadumaza ukuphuthelwa uhlelo oluthandayo kuyi-TV. Kodwa ngempela, kukangaki uhlala phansi uzimisele ukubuka uhlelo oluthandayo kuphela kodwa ugcine usuchithe sonke isikhathi sakusihlwa ubuka i-TV—ungenzi lutho olunye?
Ngakolunye uhlangothi, kudingeka ukubheke njengokubaluleke kakhulu ukuya emihlanganweni yobuKristu. Ngokwesibonelo, uma wazi ukuthi kunesivivinyo esibalulekile noma isabelo somsebenzi ozosithola, ungase uzame ukusenza kusengaphambili ukuze singakuthiyi ukuya emihlanganweni. Ungase uzame nokuxoxa nothisha bakho ngesimo sakho, ubazise ukuthi ungajabula kakhulu ukwazi kusengaphambili nganoma yiziphi izabelo zomsebenzi wesikole ezingase zingqubuzane nosuku lwemihlangano. Abanye othisha bangase babambisane nawe.
Esinye isimiso esibalulekile sisifunda ekulandiseni kweBhayibheli ngomngane kaJesu okuthiwa uMarta. Wayengumuntu omatasa nokhuthele, kodwa wayengazihlelanga kahle izinto eziza kuqala. Ngesinye isikhathi, wayematasa ezama ukulungisela uJesu lokho cishe okwakuyisiphihli sedili kuyilapho udadewabo, uMariya, ayelalele uJesu engamsizi. Lapho uMarta ekhononda ngalokhu, uJesu wathi kuye: “Marta, Marta, ukhathazwa futhi uphazanyiswa izinto eziningi. Nokho, kudingeka izinto ezimbalwa, noma eyodwa kuphela. UMariya yena ukhethe isabelo esihle, ngeke aphucwe sona.”—Luka 10:41, 42.
Yini esiyifundayo? Gcina izinto zilula. Ungasisebenzisa kanjani lesi simiso kuwe? Ingabe “ukhathazwa futhi uphazanyiswa izinto eziningi”—mhlawumbe uzama ukwenza umsebenzi wesikole ngapha ube ubambe netoho? Uma usebenza, ingabe umkhaya wakini uyayidinga ngempela leyo mali? Noma uyathanda nje ukuba nemadlana yokuthenga izinto ozifunayo kodwa ongazidingi ngempela?
Ngokwesibonelo, emazweni athile intsha imagange ifuna ukuzithengela izimoto. Umeluleki wasesikoleni esiphakeme uKaren Turner uchaza ukuthi “intsha namuhla ibhekene nengcindezi enkulu yokuthola imali noma iholo ngoba kuyabiza ukunakekela imoto.” Nokho, uTurner uphetha ngokuthi: “Kuyisithiyo uma wenza izinto eziningi kakhulu njengemisebenzi yangemva kwesikole, ube usebenza, kanti unomsebenzi omningi wesikole. Umfundi ube esethwala kanzima.” Kungani uzithwesa umthwalo onzima uma kungadingekile? Uma kuwuphazamisa umsebenzi wakho wesikole, mhlawumbe unganciphisa amahora owasebenza etohweni lakho noma uliyeke.
‘Zithengisisele’ Isikhathi Esikoleni
Ngaphandle kokuzama ukuthola isikhathi esengeziwe ngemva kwesikole, cabangela indlela ongasisebenzisa kangcono ngayo isikhathi sakho lapho usesikoleni. UJosue uthi: “Ngizama ukwenza umsebenzi omningi ngangokunokwenzeka ngenkathi yokutadisha esikoleni. Ngokwenza kanjalo ngiyakwazi ukubuza uthisha uma kunokuthile engingakuqondanga ekilasini ngalolo suku.”
Enye into ongase uyicabangele kungaba ukunciphisa inani lezifundo eziseceleni ozenzayo. Ungase uthande nokuyeka eminye yemisebenzi yangemva kwesikole ohileleke kuyo. Ngokwenza ushintsho kulezi zici, ungathola amathuba athé xaxa okutadisha.
Ukusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokunenzuzo
Ake sithi usuzidelile wenza noshintsho oluthile futhi wathola isikhathi esengeziwe somsebenzi wesikole. Uzosisebenzisa ngokunenzuzo kangakanani leso sikhathi? Uma ungase ukwazi ukwenza ngaphezu kwesigamu somsebenzi wakho wesikole ngesikhathi esifanayo, uyabona yini ukuthi lokho kusho ukuthi ukwazile ukuthola isikhathi esengeziwe esingaphezu kwesigamu saleso obunaso? Ngakho nakhu ukusikisela okuthile kokuthuthukisa indlela osisebenzisa ngayo leso sikhathi.
✔ Hlela. Ngaphambi kokuba uqale umsebenzi wakho wesikole ekhaya, cabangela izinto ezinjengalezi: Yisiphi isifundo okufanele uqale ngaso? Lo msebenzi kufanele uthathe isikhathi esingakanani? Yimaphi amathuluzi—izincwadi, amaphepha, amapeni nomshini wokubala—ozowadinga ukuze uwenze?
✔ Yiba nendawo yokutadisha. Kungakuhle ingabi neziphazamiso. ‘Uma unetafula, lisebenzise,’ kusho osemusha okuthiwa u-Elyse. ‘Ukuhlala uqonde kukusiza ukuba ugxilise ingqondo kangcono kunokuba ucambalale embhedeni.’ Uma ungenalo ikamelo lakho, mhlawumbe abafowenu nodadewenu bangavuma ukukunika ithuba elinokuthula ngesikhathi utadisha. Noma mhlawumbe ungase usebenzise ipaki noma umtapo wezincwadi womphakathi. Uma unalo ikamelo, ungayibhuntshisi imizamo yakho ngokudlala i-TV noma umculo ophazamisayo lapho uzama ukutadisha.
✔ Hlaba ikhefu. Uma uthola ingqondo yakho isizula ngemva kwesikhashana, ukuhlaba ikhefu elifushane kungakusiza ukuba ubuyise ingqondo.
✔ Ungazindeli! UKatie, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Nginenkinga ephikelelayo yokuzindela. Angikwazi ukuqala isabelo kuze kube umzuzu wokugcina.” Gwema ukuzindela ngokuba nesimiso esiqinisekile sokwenza umsebenzi wesikole futhi unamathele kuso.
Umsebenzi wesikole ubalulekile, kodwa njengoba uJesu asho kuMarta, izinto ezibaluleke kakhulu kunazo zonke—‘izabelo ezinhle’—yizinto ezingokomoya. Qiniseka ukuthi umsebenzi wesikole awuminyanisi imisebenzi ebalulekile njengokufunda iBhayibheli, ukuhlanganyela enkonzweni, nokuya emihlanganweni yobuKristu. Lezi yizinto eziyozuzisa ukuphila kwakho kuze kube phakade!—IHubo 1:1, 2; Hebheru 10:24, 25.
[Izithombe ekhasini 15]
Ukuzama ukwenza imisebenzi eminingi ngokweqile kungakwenza kube nzima ukuthola isikhathi somsebenzi wesikole
[Isithombe ekhasini 15]
Ukuhlela okuhle kungakusiza ukuba uthole isikhathi esithé xaxa sokwenza umsebenzi wakho wesikole