‘Nginomsebenzi Omningi Kakhulu!’
OSOZINYAMA bama-Olympic abazami ukuqopha umlando nsuku zonke. Bavame ukuziqeqesha ngezinsimbi ezincane, kanjalo babe nezikhwepha zokutshatha izinsimbi ezisindayo. Ukube bebezikhandla ngokweqile njalo, bebeyolimaza izicubu namalungu omzimba futhi bazifake engozini yokuphuma kulo mdlalo.
Ngokufanayo, nawe njengomfundi kungenzeka uyazikhandla esikoleni. Lapho uthola umsebenzi wesikole onzima noma ulungiselela izivivinyo, uyazimisela futhi uyakwazi ukwenza umzamo othe xaxa.a Kodwa bekuyokwenzekani ukube ubuchitha zonke izinsuku wenza umsebenzi wesikole nezinye izabelo kuphela? Ubungase ukuthole kunzima ukudla ngendlela efanele noma ukulala ngokwanele. Izinga eliphakeme lokucindezeleka belingase ligcine selikugulisa. Kungenzeka uzizwa ngaleyo ndlela njengamanje.b
Umsebenzi Wesikole Ongapheli
UHiroko,c umfundi waseJapane oneminyaka engu-15 uthi: “Njengoba ngidlulela emakilasini aphambili, umsebenzi wesikole uyanda futhi uya ngokuya uba nzima. Ukuwuqeda kuthatha isikhathi eside. Kunezinye izinto eziningi engifuna ukuzenza, kodwa umsebenzi wesikole ufuneka ngakusasa. Ngezinye izikhathi ngiba netwetwe.” Ebhala ngomsebenzi wesikole awunikezwayo, uSvetlana waseRussia oneminyaka engu-14 uthi: “Sekunzima kakhulu ukuqeda umsebenzi wami wesikole. Unyaka ngamunye kunezifundo eziningi okufanele ngizenze futhi othisha basinika umsebenzi omningi. Kanti-ke futhi uthisha ngamunye ubheka isifundo sakhe njengesibaluleke kunazo zonke ezinye. Kunzima ukulinganisela nokuwenza wonke lo msebenzi.”
Kungani umsebenzi wesikole ugcizelelwa kangaka? UGilberto waseBrazil oneminyaka engu-18 uyabhala: “Othisha bathi bafuna ukusilungiselela umkhakha wezomsebenzi onokuncintisana okukhulu.” Noma kunjalo, ungase uzizwe ucindezelekile ngomsebenzi omningi wesikole owunikezwayo. Mhlawumbe unganciphisa ukucindezeleka ngokushintsha indlela owubheka ngayo bese uthatha izinyathelo ezingokoqobo zokuhleleka.
Bheka umsebenzi wesikole othe xaxa njengokuqeqeshwa okudingayo ukuze uphumelele njengomuntu omdala. Nakuba kungase kubonakale sengathi umsebenzi wesikole awupheli, iminyaka oyichitha esikoleni izodlula ngokushesha. Uma ususebenza ukuze uzondle, uyojabula ngokuthi wawuqeda lowo msebenzi onzima. ‘Uyobona okuhle ngenxa yomsebenzi wakho onzima’ owawenza esikoleni.—UmShumayeli 2:24.
Unganciphisa ukucindezeleka okukhulu ngokuziqeqesha nangokuhleleka. (Bheka ibhokisi elithi “Izindlela Ezisebenzayo Zokunciphisa Ukucindezeleka.”) Uma uba nomkhuba wokwenza umsebenzi wakho wesikole ngesikhathi nangokucophelela, othisha bakho bangase bakwethembe futhi bafune ukukusiza. Ake ucabange ngobuhlobo obunjalo nomunye wothisha bakho. Uma kungase kuvele okuthile obungakulindele bese umtshela kusenesikhathi ukuthi ngeke ukwazi ukuwuqeda ngesikhathi umsebenzi wakho, awucabangi ukuthi uthisha wakho ubengathambekela ekukuboneleleni? Enye yezinceku zikaNkulunkulu okwakuthiwa uDaniyeli ‘yayithembekile futhi kungekho kudebesela okwakutholakala kuyo noma into eyonakele.’ Ukufeza kukaDaniyeli umsebenzi wakhe ngokuzimisela kwamenza wanconywa futhi wethenjwa yinkosi. (Daniyeli 6:4) Uma ulingisa uDaniyeli endleleni owusingatha ngayo umsebenzi wakho wesikole, ungase ucatshangelwe kakhudlwana uma kudingeka.
Ingabe ukulalelisisa ekilasini, ukwenza umsebenzi wesikole nokuqeda izabelo ngesikhathi kuyokuqeda konke ukucindezeleka esikoleni? Cha, kodwa okunye ukucindezeleka kungase kubangelwe nje isifiso sakho sokwenza kahle ezifundweni. Esikhundleni sokufuna indlela esheshayo yokubalekela umsebenzi wesikole, empeleni ungase ufune ukufunda nokuzuza ezifundweni zakho.
Ukucindezeleka okunjalo kuhle futhi kufanele. Kodwa ungase ubhekane nokucindezeleka okuyingozi futhi okungadingekile.
Imisebenzi Yangemva Kwesikole Ibagcina Bematasa
Cabanga ngomuntu ohlale egijima lapho eshayela. Uya ngejubane ezimpawini ezithi yima abese enyathela amabhuleki kakhulu. Ngemva kwalokho unyathela amafutha kukhale ithayi. Yini eyogcina yenzeke emotweni yalo mshayeli onokhahlo? Cishe uyolimaza injini noma ezinye izinsimbi zayo. Kodwa kungakenzeki lokho, angase ayilimaze ngokuhileleka engozini enkulu.
Ngokufanayo, abafundi abaningi bayikhandla kakhulu imizimba nezingqondo zabo, ngaphambi nangemva kwesikole. Encwadini yakhe ethi Doing School, uDenise Clark Pope wabhala okulandelayo ngabafundi abaningi ahlangana nabo: “Babeqala umsebenzi wabo wesikole ekuseni kakhulu, kusasele ihora noma amabili ngaphambi kokuba abantu abaningi abadala baqale emsebenzini, futhi baqede ebusuku kakhulu, ngemva kokudlala ibhola, ukuprakthiza umdanso, imihlangano yabafundi, ukubamba itoho nomsebenzi wesikole ekhaya.”
Uma abafundi behlala bematasa ngale ndlela nsuku zonke, bazibangela izinkinga. Ngenxa yokucindezeleka kakhulu, bangase baphathwe yisisu nekhanda. Njengoba ukutubeka kulimaza isimiso somzimba sokuzivikela ezifweni, bangase bagule. Khona-ke, leli jubane liphenduka unyawo lonwabu futhi kungase kube umshikashika ukubuyelwa amandla abo. Ingabe ubhekene nesimo esifanayo?
Kuyinto enhle ukuzikhandla ukuze ufinyelele imigomo encomekayo, kodwa kungakhathaliseki ukuthi unamandla kangakanani, kulinganiselwe ongakwenza ngosuku. IBhayibheli linikeza lesi seluleko esinengqondo: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Izincazelo ezimbili zelithi “ukucabangela” zithi “ukungeqisi” kanye “nokwahlulela okuhle.” Umuntu ocabangelayo wenza izinqumo ezingamlimazi yena noma abanye. Ubonisa ukuvuthwa, okuyigugu kakhulu kuleli zwe lanamuhla elingazinzile. Ngakho ukuze ulondoloze impilo yakho, linganisela—yeka ezinye zezinto ezingabalulekile ozihilele kuzo.
Ukuphishekela Ingcebo
Nokho, kwenye intsha, ukwahlulela okuhle kubonakala kuyisithiyo kunokuba kuyisize ifinyelele imigomo yayo. Abafundi abanjalo bakholelwa ukuthi isihluthulelo sempumelelo siwukuba nomsebenzi oholela kahle kanye nengcebo etholakala ngalowo msebenzi. UPope wahlangana nenye intsha ecabanga ngaleyo ndlela. Wathi: “Laba bafundi babefisa ukuba nesikhathi esengeziwe sokulala nokulondoloza impilo enhle, kodwa isimiso sabo esimatasa, kuhlanganise isikole, umkhaya nemithwalo yasemsebenzini kwakungabavumeli ukuba benze lolu shintsho. Ngokufanayo, babefisa ukuchitha isikhathi esengeziwe nabangane, ukwenza ezinye izinto, noma ukuhlaba ikhefu, kodwa abaningi babekholelwa ukuthi bangakugwema ukwenza lezi zinto kodwa balondoloze amamaki aphezulu esikoleni. Baqaphela ukuthi kwakufanele bakhethe, futhi kubo, impumelelo yesikhathi esizayo yayibaluleke ngaphezu kwenjabulo yamanje.”
Abafundi abanjalo abazikhandla ngokweqile kungakuhle bacabangele lokho okwake kwashiwo indoda ehlakaniphile: “Ingabe kukhona umuntu angakuzuza uma enqoba wonke umhlaba kodwa alahlekelwe ukuphila kwakhe? Lutho neze! Akukho angakwenza ukuze abuye azuze ukuphila kwakhe.” (Mathewu 16:26, Today’s English Version) Ngalawo mazwi uJesu Kristu wayexwayisa ngokuthi imigomo esingase silwele ukuyifinyelela kuleli zwe ayilutho uma isilimaza ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya lapho sizama ukuyifinyelela.
Encwadini yaso ethi The Price of Privilege, isazi sokusebenza kwengqondo uMadeline Levine sabhala “ngeqiniso lokuthi imali, imfundo, amandla, isikhundla nezinto ezibonakalayo azimvikeli umuntu ekuntuleni injabulo noma ekuguleni ngokomzwelo.” UPope, ocashunwe ekuqaleni, waphawula: “Ngivame ukubona izingane eziningi nabazali abalwela ukungawenzi amaphutha—becabanga ngokuyiphutha ukuthi lokho kuyadingeka ukuze baphumelele. Wanezela: “Kufanele silwele ukuba nempilo—ngokwengqondo nangokomzimba nangokomoya.”
Kunezinto ezibaluleke kakhulu kunemali. Lezi zinto zihlanganisa inhlalakahle engokomzwelo nengokomzimba, unembeza omuhle nobungane noMdali wethu. Lezi izipho eziyigugu ezivela kuNkulunkulu. Uma zikulahlekela ngoba uphishekela udumo noma ingcebo, ungase ungaphinde uzithole. Ucabanga ngalokho, phawula lokho uJesu akufundisa: “Bayajabula abaziyo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu, ngoba umbuso weZulu ungowabo!”—Mathewu 5:3, The New Testament in Modern English.
Intsha eningi isilamukele lelo qiniso. Nakuba yenza okusemandleni ayo esikoleni, iyazi ukuthi ukuphumelela ezifundweni nengcebo yezinto ezibonakalayo akuyilethi injabulo ehlala njalo. Iyaqaphela ukuthi ukuphishekela imigomo enjalo kuyibangela ukucindezeleka okungadingekile. Labo bafundi bafunde ukuthi ukwanelisa ‘isidingo sabo ngoNkulunkulu’ kuyisisekelo sekusasa elijabulisa ngempela. Abashicileli balo magazini noma oFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukubonisa indlela ongajabula ngayo njengoba wanelisa isidingo sakho ngoNkulunkulu.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuqondene nabafundi abangaphumeleli kahle esikoleni noma abangawenzi umzamo wokuzimisela, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngingenza Ngcono Esikoleni?” kuyi-Phaphama! ka-March 22, 1998, amakhasi 20-22.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engingayenza Ngomsebenzi Wesikole Omningi Kangaka?” kuyi-Phaphama! ka-April 8, 1993, amakhasi 13-15.
c Amanye amagama ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Kungakhathaliseki ukuthi unamandla kangakanani, kulinganiselwe ongakwenza ngosuku
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
Ukuzuza ulwazi ngoMdali wakho kuyimfundo engcono kakhulu ongayithola
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]
Izindlela Ezisebenzayo Zokunciphisa Ukucindezeleka
❑ Ingabe uchitha isikhathi esiningi uphenya amaphepha nezincwadi, uzama ukuthola okufunayo? Abanye abantu badinga usizo ukuze bahleleke. Ungabi namahloni okucela amacebiso kwabanye.
❑ Ingabe uyazindela? Ake uzihlole, uzame ukuqeda umsebenzi ngaphambi kwesikhathi. Ukwaneliseka nokukhululeka oyokuzwa kuyokushiya umangele futhi kungase kukushukumisele ukuba ungazindeli ekwenzeni umsebenzi wakho wesikole.
❑ Ingabe uye uthole ingqondo yakho izula phakathi nezifundo? Ake uzame lokhu inyanga eyodwa: Lalelisisa izingxoxo zasekilasini, futhi ubhale amaphuzu awusizo ozowasebenzisa kamuva. Ungase umangale ngendlela oba lula ngayo umsebenzi wakho wesikole. Lowo mphumela omuhle uyonciphisa ukucindezeleka kwakho esikoleni.
❑ Ingabe ukhethé izifundo ezikwenza kusheshe ukudlulela kwamanye amakilasi kodwa ezidinga isikhathi nomzamo owengeziwe? Ingabe kubalulekile ukuba uthathe lezo zifundo? Xoxa nabazali bakho. Thola umbono wothile onombono olinganiselayo ngemfundo. Ungase uthole ukuthi lezo zifundo ozikhethayo azikusizi emgomweni wakho wokuthweswa iziqu.
[Ibhokisi ekhasini 6]
UDONGA OLUVIKELAYO OLUSEMCABANGWENI
“Izinto zenani elikhulu zomuntu ocebile zingumzana wakhe oqinile, emcabangweni wakhe zinjengodonga oluvikelayo.” (IzAga 18:11) Ezikhathini zasendulo, abantu babethembele ezindongeni eziphakeme ukuze bavikeleke ekuhlaselweni. Kodwa cabanga uhlala emzini onodonga olusemcabangweni wakho nje kuphela. Kungakhathaliseki ukuthi uzama kangakanani ukuziqinisekisa ngokuthi lolo donga lukhona, ngeke lukuvikele ezitheni zakho.
Njengabantu abahlala endaweni enjalo engavikelekile, intsha ephishekela ingcebo iyodumazeka. Ingabe ungumzali? Uyobe wenza kahle uma usiza ingane yakho igweme ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo futhi ingahlali emzini onodonga olusemcabangweni kuphela.
Amaqiniso alandelayo asekelwe eBhayibhelini angakusiza ukuba ubonisane nendodana noma nendodakazi yakho:
◼ Ingcebo enkulu ivame ukuletha izinkinga ezingaphezu kwalezo ezixazululayo. “Inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.”—UmShumayeli 5:12; 1 Thimothewu 6:9, 10.
◼ Uma ehlela kahle, umuntu akayidingi ingcebo ukuze ajabule. “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5; Luka 14:28.
◼ Umholo osesilinganisweni onakekela izidingo zomuntu uholela ekwanelisekeni. “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.”—IzAga 30:8.d
[Umbhalo waphansi]
d Ukwaziswa okwengeziwe mayelana nogibe lokuthanda izinto ezibonakalayo kungatholakala kuyi-Phaphama! ka-April 8, 2003, amakhasi 18-19.
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuzama ukwenza okuningi kakhulu akuzuzisi
[Izithombe ekhasini 7]
UNGAWUBHEKI umsebenzi wesikole njengenkinga kodwa njengengxenye yokuqeqeshelwa umsebenzi