Basinda Kuzamcolo!
Ngumlobeli we-Phaphama! ESwitzerland
NGO-OCTOBER 2000, kwamukelwa imibiko ngezikhukhula eyayivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Imvula yayine ngamandla ezintabeni, okwabangela ukuguguleka kwenhlabathi okwakhukhula imfucumfucu enhlobonhlobo ngisho nemithi imbala!
Isifundazwe saseValais eningizimu yeSwitzerland sahlaselwa yinhlekelele enjalo. Le ngxenye yezwe inqanyulwa umfula iRhône, ogelezela entshonalanga usuka enguzungeni yeqhwa eseRhône eCentral Alps uye eLake Geneva—ibanga elingaba amakhilomitha angu-170. Izintaba eziphahle lo mfula zikhipha amanzi agelezele kulo mfula ngemifudlana eminingi enobukhulu obuhlukahlukene. Ngokuvamile, la manzi ageleza ngaphandle kwenkinga. Kodwa lapho kunemvula eningi kuyo yonke le ndawo, ngokuvamile kuba nenhlekelele.
Yilokho okwenzeka ikakhulukazi eGondo, emngceleni we-Italy. Lo mzana osentabeni onezakhamuzi ezingu-150 wahlaselwa yisikhukhula sodaka namatshe esacekela phansi ingxenye yawo enkulu. Ngokushesha ezinye izingxenye zaseValais zahlaselwa yizimvula ezinkulu. Kwavaleka imigwaqo nemizila kajantshi, nemizi yaqala ukugcwala udaka namatshe. Kwezinye izindawo udaka lwanqwabelana lwaphakama ngamamitha amane. Owesifazane othile wayebukele lapho isikhukhula sodaka esasiphakeme ngamamitha angu-30 sikhukhulela amadwala amakhulu nemithi emile emzaneni wakubo!
UMarkus noTabitha, abawumbhangqwana oshadile, babehlala eMörel ngesikhathi sale nhlekelele. “Ngemva nje kuka-6:00 ekuseni, savuswa umsindo onkenenezayo nokundindizela komhlaba,” kukhumbula uMarkus. “Ngaphumela ngaphandle nethoshi ngiyobheka ukuthi kwenzekani, futhi kwangishaqisa engakubona. Imizi namabhuloho kwakucekelwe phansi amadwala amakhulu, futhi kwakunemoto eyayiphonseke emzini kamakhelwane. Buqamama, kunomakhelwane owayevaleleke endlini nomkakhe. Ngabasiza baphuma ngefasitela. Lapho ngibuyela ekhaya, mina noTabitha saba nethutshana elanele ukuba siqoqe izimpahla ezimbalwa kuphela.”
UMarkus noTabitha bangoFakazi BakaJehova, futhi bakhoseliswa amanye amakholwa akanye nabo endaweni eyayingathintekanga. UMarkus uthi: “Nakuba sasinda, kwaphela izinsuku uTabitha esashaqiswe yilesi senzakalo.” Yini eyamsiza ukuba abhekane nalolu sizi? “Ubudlelwane kanye nokusekela kwabafowethu nodadewethu okholweni,” kuphendula uTabitha, enezela: “Ngasizwa nayisithakazelo esaboniswa omakhelwane bethu abaningi.”
UMarkus noTabitha bakhumbula izAga 18:24, ezithi kukhona “umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” Ngezikhathi zenhlekelele, yeka ukuthi abangane abanjalo baba igugu kangakanani!
[Ibalazwe ekhasini 18]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Indawo eyathinteka
IGondo
[Isithombe ekhasini 18]
UMarkus noTabitha
[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]
Mise à disposition par www.crealp.ch