Ukubukeza Komkhaya
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda IzEnzo 9:36-41. Iziphi izici ezintathu ezingalungile kulo mdwebo? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yiliphi elinye igama uThabitha aziwa ngalo futhi asho ukuthini amagama akhe?
UMKHONDO: Funda umbhalo waphansi wezEnzo 9:36 e-Nguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele—Enezikhombo.
Ingabe uThabitha wayengumuntu onobugovu? Chaza.
UMKHONDO: Funda IzEnzo 9:36, 39.
Amazwi kaJesu atholakala kuLuka 6:38 agcwaliseka kanjani kuThabitha? Ungasilingisa kanjani isibonelo sakhe?
UMKHONDO: Funda eyabase-Efesu 4:28; noJakobe 2:14-17.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Ilungu ngalinye lomkhaya malicabange ngothile elingathanda ukumupha isipho. Menzeleni isipho esincane lowo muntu. Ngokwesibonelo, menzeleni ikhadi elinevesi leBhayibheli.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 7 UPETRU
IMIBUZO
A. Kungani uPetru aqala ukucwila?
B. Ingabe le nkulumo iyiqiniso noma ingamanga? UPetru wahlala engashadile.
C. Lapho abaholi benkolo betshela abaphostoli ukuba bayeke ukufundisa, uPetru nabanye abaphostoli baphendula: “Kumelwe . . . ”
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila Kwalotshwa incwadi
ngekhulu lokuqala C.E. yokugcina yeBhayibheli
[Ibalazwe]
Wayehlala eBhetsayida naseKapernawume
IGALILE
IKapernawume
IBhetsayida
ULwandle LwaseGalile
UPETRU
UMLANDO
Umdobi okhuthele owaba omunye wabalandeli bakaJesu bokuqala. UJesu wakhetha uPetru ukuba abe ngomunye wabaphostoli bakhe noma isithunywa. Amavangeli amane alotshwe amazwi amaningi ashiwo uPetru kunanoma yimuphi omunye umphostoli. UJehova wamsebenzisa kakhulu ekushumayeleni ‘nasekuqiniseni abafowabo.’—Luka 22:32; Marku 3:13-19.
IZIMPENDULO
A. Wangabaza.—Mathewu 14:28-31.
B. Amanga.—Marku 1:29-31; Johane 1:42; 1 Korinte 9:5.
C. “ . . . silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:18, 27-29.
Abantu Namazwe
4. Igama lami ngingu-Antonia. Ngineminyaka engu-8 kanti ngihlala eChile eNingizimu Melika. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eChile? Ingabe bangu-69 500, 96 500 noma bangu-106 500?
5. Yiliphi ichashazi elibonisa izwe engihlala kulo? Likokelezele, bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona, futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neChile.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
● Izimpendulo zemibuzo “YOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 23
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. UPetru akazange athandaze emile; wayeguqile.
2. Abesifazane (abafelokazi) babonisa uPetru izingubo ezazithungwe uThabitha, hhayi izitsha zobumba.
3. UPetru wathandaza eyedwa, kungenabantu endlini.
4. 69 500.
5. B.