Ukuthola Izimbangela Zesizungu
IISIZUNGU asifani nokuba wedwa. Kunalokho, ngokwesichazamazwi esithile, elithi isizungu “ngokuvamile lidlulisela umqondo wokuba wedwa okuhambisana nokufisa ukuba nabantu.” Sona lesi sichazamazwi siyachaza ukuthi ukuba wedwa kungasho ‘ukuzihlukanisa nabantu ngenhloso.’
Ngakho ukuba wedwa kungafiseleka ngaphansi kwezimo ezithile. Abaningi bayaba bodwa uma befuna ukuthandaza noma ukuzindla, njengoJesu Kristu. (Mathewu 14:13; Luka 4:42; 5:16; 6:12) Ngakolunye uhlangothi, isizungu siwumuzwa obuhlungu. Yini engabangela isizungu?
● Ukuba Wedwa Emadolobheni Aminyene
Emadolobheni amakhulu izinkulungwane ngisho nezigidi zabantu zihlala ezindaweni ezisondelene kakhulu. Kodwa, kuyindida ukuthi lokhu kuminyana kwabantu kwandisa isizungu. Impilo ematasa yasedolobheni ingenza abantu bangasitholi isikhathi sokwazana nomakhelwane. Ngenxa yalokho, abantu abahlala emadolobheni bazithola behlala phakathi kwabantu abangabazi. Ukungabathembi abantu ongabazi okuyinto evamile kanye nesifiso sokuvikela inkululeko yakho yokuba wedwa kungase kube nomthelela omkhulu ngempela ekwandeni kwesizungu emadolobheni amakhulu.
● Ukuphathwa Kabi Emsebenzini
Indlela aphathwa ngayo amabhizinisi amaningi nezimboni iye yabangela izisebenzi kuyo yonke imikhakha ukuba zizizwe zinesizungu futhi zingelutho. Ngokuvamile izisebenzi zibhekana nokucindezeleka okungapheli.
Ngaphezu kwalokho, ezinkampanini ezinkulu, ukuthunyelwa kwezisebenzi kwezinye izindawo kuzenza zizizwe zingalondekile, zilahliwe futhi zinesizungu. Iphawula ngegagasi lokuzibulala kwezinye zezisebenzi zezinkampani zaseFrance, i-International Herald Tribune yathi izisebenzi eziningi zaseFrance zinomuzwa wokuthi “ukushintsha kwesimo somnotho ngokushesha kungaphezu kwamandla azo.”
● Ukuxhumana Okungenamuzwa
EJapane, uProfesa Tetsuro Saito wathi: “Ikhono lokukhulumisana lizoncipha nakanjani ngenxa yokuthi omakhalekhukhwini neminye imishini sekuqeda ukukhuluma kwabantu ubuso nobuso.” E-Australia, i-Sunday Telegraph yabika: ‘Ubuchwepheshe bubangela ukuba abantu baqhelelane ngokomzwelo. Abantu sebethumelelana imiyalezo nge-computer noma ngomakhalekhukhwini kunokuba bakhulume.’
Echaza ukuthi yini embangela isizungu, uRachel oneminyaka engu-21, ohlala eFrance, wakhalaza: “Ngithole ukuthi abantu abazikhathazi ngokukubona, ngoba banomuzwa wokuthi kwanele ukuthumela umyalezo ngomakhalekhukhwini, nge-e-mail noma nge-Internet. Kodwa lokhu kungenza ngibe nesizungu nakakhulu.”
● Ukuthuthela Kwenye Indawo
Isimo somnotho esibucayi sicindezela abantu abaningi ukuba bathuthele kwezinye izindawo ukuze balondoloze noma bathole umsebenzi. Ukushintsha indawo yokuhlala kuhlukanisa abantu nomakhelwane, abangane, izikole nemikhaya yabo ngezinye izikhathi. Abantu abathutha ngaleyo ndlela bazizwa njengesithombo esisishuliwe sayotshalwa kwenye indawo kodwa izimpande zaso zasala.
UFrancis ukhumbula usuku afika ngalo eFrance esuka eGhana. Uyachaza, “Umgoqo wolimi, ukungabi nabangane nesimo sezulu esibandayo konke kwangenza ngazizwa nginesizungu kakhulu.”
Ekhumbula usuku afudukela ngalo eNgilandi, uBehjat uyavuma: “Ngakuthola kunzima ukuzivumelanisa nendlela yokuphila yendawo. Bakhona abantu engangibajwayele kodwa ngangingenabo abangane bangempela noma amalungu omkhaya engangingaxoxa nawo ngezinto ezithile futhi ngithulule imizwa yami.”
● Ukufelwa Othandekayo
Ukufa komuntu oshadile kushiya isikhala esikhulu kulowo abeshade naye. Lokhu kungaba njalo ikakhulukazi kumuntu obekade enakekela umufi isikhathi eside. Uba nomuzwa wokulahlekelwa ngempela.
UFernande, umfelokazi ohlala eParis, uyachaza, “Into enzima kakhulu kimi ukungakwazi ukuthulula isifuba sami kumngane wami omkhulu—umyeni wami.” U-Anny uthi umkhumbula kakhulu umyeni wakhe ‘ikakhulukazi uma enezinqumo ezibalulekile okufanele azenze mayelana nezinkinga zempilo noma ezinye izindaba.’
● Isehlukaniso, Ukuhlala Ngokwahlukana Nokungatholi Umshado
Isehlukaniso noma ukuhlala ngokwahlukana ngokuvamile kubangela umuzwa wokuba nesizungu nokuba yisehluleki. Kuvame ukuba abantwana abathinteka kakhulu kunalokho okwakucatshangwa ngaphambili. Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi izingane zabantu abehlukana cishe ziyoba abantu abadala abanesizungu.
Labo abangashadile ngoba bengamtholi umuntu ofanele, bavame ukuba nesizungu ngezikhathi ezithile. Imizwa enjalo ingase ibe namandla lapho abanye ngokunganaki bekhuluma amazwi anjengokuthi, “Ubuyojabula kakhulu ukuba ushadile, akunjalo?”
Abazali abangabodwa nabo baba nesizungu. Ukuba umzali akuyona nje into ejabulisayo kuphela kodwa kunanezinkinga, futhi abazali abangabodwa kufanele bazixazulule bebodwa.
● Ukuguga Nokuntula Ulwazi Kobusha
Asebekhulile bangase bazizwe benesizungu, ngisho noma benakekelwa amalungu omkhaya. Izihlobo noma abangane bangase bakwazi ukuvakasha ngezikhathi ezithile, kodwa kuthiwani ngezinye izikhathi—mhlawumbe ngezinsuku noma amasonto lapho kungenamuntu ovakashayo?
Ngakolunye uhlangothi, nentsha ivame ukuba nesizungu. Enye iba yimilutha yokuzijabulisa iyodwa—ngokubukela i-TV, ukudlala imidlalo yama-video nokuchitha amahora amaningi iyodwa phambi kwe-computer.
Ingabe ikhona indlela yokuthola ikhambi lale nkinga eyandayo? Umuntu angasinqoba kanjani isizungu?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Umgoqo wolimi, ukungabi nabangane nesimo sezulu esibandayo konke kwangenza ngazizwa nginesizungu kakhulu”