Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 8/8 k. 10-k. 11 isig. 9
  • Ungazitholaphi Izimiso Zokuziphatha Okuhle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungazitholaphi Izimiso Zokuziphatha Okuhle?
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Ongazivikela Ngayo Kubakhwabanisi
    I-Phaphama!—2004
  • Ukuhlasela Asebekhulile
    I-Phaphama!—1997
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2004
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 8/8 k. 10-k. 11 isig. 9

Ungazitholaphi Izimiso Zokuziphatha Okuhle?

SIPHILA ezweni elinezimiso zokuziphatha ezishintshayo. Imikhuba yokungathembeki eyayigxekwa esikhathini esidlule ngokuvamile ayishaywa mkhuba namuhla. Izigebengu nabakhohlisi bavame ukudunyiswa futhi banconywe yimithombo yezindaba. Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi bachazwa kahle incazelo etholakala eBhayibhelini: “Noma nini lapho ubona isela, wawulijabulela nokulijabulela.”—IHubo 50:18.

Nokho, abakhohlisi akufanele banconywe. Umlobi othile wathi: “Okwenza abakhwabanisi bahluke yikhono labo lemvelo lokuxhaphaza abantu abasondelene nabo, ngokuvamile eliqala umuntu esemncane. Ngaphezu kwalokho, ukuxhaphaza kwabo abantu ngale ndlela akubashiyi benomuzwa wecala noma wokuzisola. Ngokuphambene, baba nomuzwa ojulile wokwaneliseka—injabulo ethile ebakhuthaza ukuba baqhubeke bexhaphaza abanye ukuze bathole noma yini abayifunayo, kungakhathaliseki ukuthi isisulu silahlekelwa yini.”

Kuyiqiniso ukuthi umphakathi uyamzwela umfelokazi okhwabaniselwe imali ayilondoloze konke ukuphila kwakhe, kodwa bambalwa abantu abezwa ubuhlungu lapho umuntu ekhwabanisa imali ebhizinisini elikhulu noma enkampanini yomshuwalense. Abaningi baye bathi amabhizinisi acebile kakade. Kodwa ukukhwabanisa okunjalo akugcini nje ngokuba inkinga yamabhizinisi; wona athwesa amakhasimende ngokulahlekelwa kwawo. Ngokwesibonelo, e-United States, ngokuvamile umkhaya ukhokha imali engaphezu kuka-$1 000 (R6 500) ngonyaka ezindlekweni ezenezelwe zomshuwalense ukuze kuvalwe izindleko zokukhwabanisa.

Abantu abaningi basebenzisa namathuba ukuze bathenge imigunyathi eshibhile yemikhiqizo yabaklami abadumile, njengezingubo zokugqoka, amawashi, amakha okuziqhola, izimonyo, nezikhwama. Kungenzeka bayaqaphela ukuthi lezi zinto zomgunyathi zilahlekisela amabhizinisi izigidigidi zamaRandi ngonyaka, kodwa banomuzwa wokuthi awathinteki. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, amakhasimende kuyaye kudingeke ukuba akhokhe imali ethé xaxa ukuze athole izinto nezinkonzo ezisemthethweni. Ngaphezu kwalokho, ukuthenga izinto zomgunyathi kucebisa izigebengu.

Umlobi othile wabophiko lokulwa nokukhwabanisa wabhala: “Ngiyaqiniseka ukuthi isizathu esiyinhloko esenza kube nokukhwabanisa okuningi kangaka namuhla ukuthi siphila emphakathini ongenazo nhlobo izimiso zokuziphatha okuhle. Izimiso zokuziphatha ziye zawohloka kwadaleka indlela yokuphila ngokukhwabanisa. . . . Siphila emphakathini ongazifundisi izimiso zokuziphatha okuhle ekhaya. Siphila emphakathini ongazifundisi izimiso zokuziphatha okuhle esikoleni, ngenxa yokuthi othisha bangamangalelwa ngokuthi bafundisa isimilo.”

Ngokuphambene nalokho, oFakazi BakaJehova bafundisa izindinganiso zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu futhi balwela ukuphila ngazo. Baqondiswa yizimiso ezinjengalezi ezilandelayo:

● “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” —Mathewu 22:39.

● “Ungaphambi.”—Marku 10:19.

● “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.”—Efesu 4:28.

● “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

Nakuba oFakazi bengazigqaji noma bazishaye abalungile, bakholelwa ukuthi ukube wonke umuntu ubesebenzisa lezi zimiso, umhlaba ubuyoba indawo engcono kakhulu ukuphila kuyo. Futhi bayasikholelwa isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ngolunye usuku kuyoba njalo.—2 Petru 3:13.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Ukube wonke umuntu ubephila ngezindinganiso zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu, umhlaba ubuyoba indawo engcono kakhulu ukuphila kuyo

[Isithombe ekhasini 10]

AmaKristu eqiniso alandela izimiso zeBhayibheli, ezinjengesithi “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela