Lapho Ukukhathazeka Ngokubukeka Kuba Yisifo
LAPHO iningi lethu lizibuka esibukweni, sibona izici esinomuzwa wokuthi zingathuthukiswa. Ngakho silungisa izingubo zethu noma izinwele noma sigcobe izimonyo bese siqhubeka nosuku. Ukuyikhathalela kanjalo indlela esibukeka ngayo kungokwemvelo futhi kufanele. Kodwa abanye abantu bayeqisa endleleni abakhathazeka ngayo ngokubukeka kwabo, okubangela isimo esiye sabizwa ngokuthi ukukhathazeka ngokungakheki kahle komzimba, noma i-BDD (body dysmorphic disorder).
I-Merck Manual of Diagnosis and Therapy ichaza i-BDD ngokuthi “ukukhathazeka ngesici ekubukekeni, okubangela ukucindezeleka okukhulu noma okuphazamisa ukuzihlanganisa nabanye emphakathini, emsebenzini, noma kwezinye izici ezibalulekile ekuphileni.”a Ngenxa yokuthi abanale nkinga bangase bacabange ukuthi banesici esithile noma bathathe isici esincane basenze into enkulu, indlela abazibheka ngayo iye yabizwa nangokuthi ububi obucatshangelwayo.
UProfesa J. Kevin Thompson wase-University of South Florida, e-United States, uthi i-BDD cishe ayivamile, “mhlawumbe ithinta iphesenti elilodwa kuya kwamabili omphakathi uwonke nabantu abanezifo zengqondo abangamaphesenti ayishumi kuya kwangu-15.” Nokho uyanezela: “Abacwaningi abathile bakholelwa ukuthi ukuvama kwayo kuyanda, njengoba izindlela zokuxilonga ziya zithuthuka ekuboneni le nkinga nomphakathi uya ukhathazeka nakakhulu ngokubukeka.” Nakuba le nkinga ingathinta abantu babo bonke ubudala, ngokuvamile iqala lapho umuntu esanda kweva eminyakeni eyishumi nambili. Kubantu abadala, kubonakala sengathi ithinta abesilisa nabesifazane ngezinga elifanayo. Lokhu kuhlukile ezinkingeni zokudla, ezivame kakhulu kwabesifazane.
Ukukhathazeka ngokweqile ngokubukeka, okuwuphawu lwabantu abane-BDD, kuvame ukuholela ekuzibukeni esibukweni ngokuphindaphindiwe, futhi kwezinye izimo, ngisho nasekuzihlukaniseni nabantu. Okubi nakakhulu, “ukucindezeleka nokuphazamiseka okuhambisana nale nkinga kungaholela ekulalisweni kaningi esibhedlela nasesifisweni sokuzibulala,” kusho i-Merck Manual. Akumangalisi-ke ukuthi abanye abanale nkinga bafuna ukuhlinzwa ukuze kushintshwe indlela ababukeka ngayo. UDkt. Katharine Phillips, obhalé incwadi nge-BDD, uthi: “Ngokuvamile angikukhuthazi lokho.” Uyachaza: “Ukuhlinzwa akuhlehliseki, futhi abantu abaningi abane-BDD bavame ukuba nomuzwa wokuthi akubasizanga.”b
Ngezinye izikhathi, i-BDD ibonakala umuntu esemncane kakhulu. I-George Street Journalc ibika ngomfana oneminyaka eyisithupha ubudala “owayekholelwa ukuthi unamazinyo aphuzi, isisu ‘esikhuluphele,’ nezinwele ezimbi. Abanye babengaziboni lezi ‘zici’ zakhe. Wayekama izinwele cishe ihora lonke njalo ekuseni, futhi uma ‘zingalungi’ wayefaka ikhanda emanzini aqale phansi ukuzilungisa futhi, okwakuvame ukumenza ephuze ukufika esikoleni.” Ngolunye usuku, lapho efika kudokotela, waze waguqa ezama ukuzibuka ensimbini yesihlalo.
Ungalivumeli Izwe Libuse Isimo Sakho Sengqondo
Omagazini bonobuhle, amaphephandaba, nezikhangiso zethelevishini zibelesela abantu ngezithombe zabantu abanemizimba ekahle. Umbono wabakhangisi ulula: Veza umfanekiso othile njengento enhle, futhi abantu bazohlukana nemali eshisiwe ukuze babe njalo. Uma unezela kulokhu ukucindezela kontanga okuncane namazwana ahlabayo ashiwo abomkhaya noma abangane, ungabona-ke ukuthi kungani abanye abantu begcina benombono oweqisayo ngendlela ababukeka ngayo.d Kuyiqiniso ukuthi umbono ongenakulinganisela ungase ungasho neze ukuphazamiseka ngengqondo okungalawuleki.
Akunangqondo futhi akulona iqiniso ukucabanga ukuthi uma ungemuhle, abanye ngeke babe nandaba nawe. Ngokuvamile abantu abakhethi abangane ngokubukeka komzimba. Yiqiniso, ukubukeka kungase kube nethonya ekuqaleni, kodwa ubuntu, izindinganiso zokuziphatha, nezimiso yikona okuqinisa ubungane ngempela. Ngandlela-thile ngamunye wethu ufana nencwadi—ingase ibe nesembozo esihle, kodwa uma ekuqukethe kungakhi, abafundi bayayeka ukuyifunda. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi isembozo sinjani, uma leyo ncwadi ithakazelisa, abantu ngeke bayibeke phansi. Ngakho kungani ungagxili ezimfanelweni zobuntu bakho? Yilokho iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, elikukhuthaza ukuba ukwenze.—IzAga 11:22; Kolose 3:8; 1 Petru 3:3, 4.
Kufanele sivume ukuthi njengoba sikhula, indlela esibukeka ngayo iyashintsha. Ukube ukuphila, ubungane nenjabulo bekuxhomeke ebuhleni bobusha, yeka ukuthi sonke besiyobe silindelwe ikusasa elidabukisa kangakanani! Nokho, isimo sethu singahluka kakhulu. Kanjani?
Ubuhle Obuyohlala Phakade
IzAga 16:31 zithi: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” Emehlweni kaJehova uNkulunkulu—nasemehlweni abo bonke abanombono onjengowakhe—abantu abagugela enkonzweni kaNkulunkulu abaphelelwa ubuhle. Empeleni, ngenxa yomlando wabo wentshiseko nokuzinikela kuNkulunkulu, bazuza umqhele wobuhle lapho sebempunga. Abantu abanjalo abayigugu kufanele sibathande futhi sibahloniphe ngokujulile.—Levitikusi 19:32.
Ngaphezu kwalokho, ezweni elisha elizayo alithembisile, uJehova uyosusa imiphumela isono esisizuze njengefa esiye saba nayo kwabathembekile bakhe, abadala nabasha. Usuku ngalunye oludlulayo, bayobona futhi bezwe imizimba yabo ithuthuka kuze kube yilapho ifinyelela iqophelo eliphezulu lokuphelela komzimba. (Jobe 33:25; IsAmbulo 21:3, 4) Yeka ukuthi lelo ithemba elimangalisa kangakanani! Ungathanda ukuba phakathi kwabo? Uma kunjalo-ke, lwela ukugxila ebuhleni obubaluleke ngempela, futhi ungavumeli ukucabanga kwezwe okuyize nokunonya kubuse isimo sakho sengqondo. Ngokwenza kanjalo, uyoba umuntu ojabule nomuhle kakhulu.—IzAga 31:30.
[Imibhalo yaphansi]
a I-Medical Journal of Australia ithi: “Ukukhathazeka ngokweqile ngokubukeka komzimba kuwuphawu oluvamile ezifweni eziningana zengqondo.” Zihlanganisa ukucindezeleka, izenzo ezingalawuleki, izinkinga zokudla, njengesifo sokuzincisha ukudla. Ngakho, kungaba nzima ukuhlonza i-BDD.
b Siza ubheke isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngihlinzwe Ukuze Ngibe Muhle?” kulo magazini ka-September 8, 2002. Kuyiqiniso ukuthi umuntu ophazamiseke kakhulu ngengqondo angase adinge usizo lukachwepheshe wezempilo yengqondo.
c Incwadi yeBrown University, eRhode Island, e-U.S.A.
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza ubheke isahluko esithi “Kubaluleke Kangakanani Ukubukeka?” encwadini Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.