Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 8/8 k. 20-k. 27 isig. 3
  • Indlela Yokukhulisa Uthando Lokufunda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokukhulisa Uthando Lokufunda
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Vumela Uthando Luveze Amakhono Engane
  • Uthando Lunomusa Futhi Luyaqonda
  • Umbono Ongokomoya Wenza Ulinganisele
  • Fundisa Izingane Ukuthanda Ukufunda
  • Fundisa Ngomdlandla!
  • Qaphelani Ukuthi Abantu Bafunda Ngezindlela Ezihlukahlukene
  • Imfundo Ayikhulelwa
  • Gxilisa Uthando Lokufunda Nokutadisha Ezinganeni Zakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
  • Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukubekezelela Ukukhubazeka Ekufundeni
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 8/8 k. 20-k. 27 isig. 3

Indlela Yokukhulisa Uthando Lokufunda

“Fundisa ingane indlela okufanele iphile ngayo, iyoyikhumbula ukuphila kwayo konke.”—IZAGA 22:6, TODAY’S ENGLISH VERSION.

WAKE wazama ukulalisa izingane kube kuqhubeka into ethile ethakazelisayo? Yize zikhathele, zikhala, mhlawumbe zicasulwa nawubala, zizobulwisa ubuthongo futhi zibe nengxenye kuleyo nto. “Isidingo sazo sokuqonda izwe nokuba nekhono sijule futhi sinamandla njengesidingo sazo sokudla noma ukuphumula noma ukulala. Ngezinye izikhathi singase ngisho sibe sikhulu ngaphezu kwalokho,” kubhala umlobi uJohn Holt.

Inselele iwukuba izingane zilondoloze isifiso sokufunda kukho konke ukuphila kwazo, kuhlanganise neminyaka yesikole. Yize lingekho ikhambi eliqinisekile lempumelelo, kunamasu amaningana asezanyiwe abazali, othisha, nezingane abangawasebenzisa. Nokho, elibaluleke kakhulu kunawo wonke, uthando.

Vumela Uthando Luveze Amakhono Engane

Izingane zinxanela uthando lwabazali. Luzenza zizizwe zilondekile, zizimisele nakakhulu ukuxoxa, ukubuza imibuzo nokuhlola izinto. Uthando lushukumisa abazali ukuba bakhulume njalo nezingane zabo futhi babe nesithakazelo emfundweni yazo. Ucwaningo lubonisa ukuthi “abazali babonakala benethonya eliyinhloko ekushukumiseni ingane ukuba ifunde,” kusho incwadi ethi Eager to Learn—Helping Children Become Motivated and Love Learning. Imiphumela yalelo thonya iyakhula lapho abazali besebenza ngokubambisana nothisha. Le ncwadi ithi: “Alikho ithonya elinamandla ekuvuseleleni ugqozi lwengane lokufunda njengomzali nothisha abasebenza ngokubambisana.”

Abazali banethonya futhi ekhonweni lezingane zabo lokufunda. Kokunye ukuhlola okwathatha isikhathi eside okwenziwa emikhayeni engu-43, okwabikwa encwadini ethi Inside the Brain, abacwaningi “bathola ukuthi izingane okwakuxoxwa nazo kakhulu [phakathi neminyaka yazo emithathu yokuqala] zazinezinga lokukhalipha eliphakeme ngaphezu kwelezingane ezibazali bazo ababengaxoxi kakhulu nazo.” Le ncwadi inezela ngokuthi “abazali abaxoxa nezingane zabo kakhulu bathambekele ekuncomeni izinto izingane zabo ezizifezile, baphendule imibuzo yazo, bazinikeze iziqondiso hhayi imiyalo, futhi basebenzisa amagama amaningi angafani ayizingxube ezihlukahlukene kakhulu.” Uma ungumzali, ingabe uxoxa njalo nezingane zakho nangendlela eyakhayo?

Uthando Lunomusa Futhi Luyaqonda

Izingane ziyehluka ngamakhono nangokukhalipha kwazo. Ngenxa yalokho, abazali ngeke bathande ukuvumela lokhu kwehluka kuthonye uthando abalubonisayo. Nokho, ezweni lanamuhla, ngokuvamile abantu bahlulelwa ngokwamakhono abo, okungase kubangele ezinye izingane “ukuba zibheke ukuphuma phambili njengesibuko sokubaluleka kwazo,” ngokwencwadi ethi Thinking and Learning Skills. Ngaphandle nje kokuthi ishiya lezi zingane “zisongelwa kalula ukufeyila,” le nkolelo ingase futhi iholele emuzweni ongadingekile eziba nawo wokukhathazeka nokucindezeleka. Umagazini i-India Today uveza ukuthi eNdiya, ukukhathazeka okubangelwa yingcindezi yasesikoleni kanye nokuntuleka kokusekelwa umkhaya kubhekwa njengesici esiyisihluthulelo ekwandeni ngokuphindwe kathathu kwesibalo sentsha ezibulele kule minyaka engu-25 edlule.

Izingane zingalimala nangokomzwelo lapho zibizwa ‘ngesidomu’ noma ‘ngesiphukuphuku.’ Izinkulumo ezinjalo ezinonya azilukhuthazi uthando lokufunda kunalokho ziyaluqeda. Nokho, uthando lomzali kufanele ngaso sonke isikhathi lube nomusa, lusekele isifiso semvelo sengane sokufunda—ngejubane layo, ngaphandle kokwesaba ukujivazwa. (1 Korinte 13:4) Uma ingane inenkinga yokufunda, abazali abanothando bazama ukuyisiza, abalokothi bayenze izizwe iyisithumuthumu noma ingelutho. Yiqiniso, lokho kungase kudinge isineke nekhono, kodwa kuyasebenza ngempela. Umuntu uluhlakulela kanjani uthando olunjalo? Ukuba nombono ongokomoya kuyisinyathelo sokuqala esibalulekile.

Umbono Ongokomoya Wenza Ulinganisele

Ingokomoya elisekelwe eBhayibhelini libaluleke kakhulu ngenxa yezizathu eziningana. Okokuqala, lisisiza ukuba sibeke imfundo yezwe endaweni efanele, siyibheke njengebalulekile kodwa hhayi njengebaluleke ukudlula konke okunye. Ngokwesibonelo, izibalo zingasetshenziswa emikhakheni eminingi, kodwa ngeke zenze umuntu abe nesimilo esihle noma izimiso.

IBhayibheli likhuthaza nokuba sibe abalinganiselayo esikhathini esisinikeza imfundo yezwe, lithi: “Ukwenza izincwadi eziningi akupheli, futhi ukuzinikela kakhulu kuzo kuyayikhathaza inyama.” (UmShumayeli 12:12) Yiqiniso, kudingeka izingane zithole imfundo enhle eyisisekelo, kodwa lokhu akufanele kudle sonke isikhathi sazo. Zidinga nesikhathi seminye imisebenzi eyakhayo, ikakhulukazi ephathelene nezinto ezingokomoya, ezifundisa umuntu ezinguye ngaphakathi.

Esinye isici sengokomoya elisekelwe eBhayibhelini isizotha. (Mika 6:8) Abantu abanesizotha bayakwamukela ukuthi balinganiselwe, futhi ababi yizisulu zokuhaha nemincintiswano eshubile ebonakala ezikhungweni eziningi zezemfundo. Le mikhuba eyingozi “iyisithako esibangela ukucindezeleka,” kusho i-India Today. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibasha, siyazisiza kakhulu uma silandela iseluleko esiphefumulelwe seBhayibheli: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” “Kodwa yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu‚ khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa‚ hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 5:26; 6:4.

Abazali bangakusebenzisa kanjani lokhu lapho befundisa izingane zabo? Enye indlela ingokukhuthaza ingane ngayinye ukuba izibekele imigomo yayo futhi iziqhathanise yona. Ngokwesibonelo, uma ingane yakho ibikade ibhala isivivinyo sezibalo noma sokupelwa kwamagama, yicele iqhathanise amamaki ayo nawesivivinyo sangaphambili. Yibe usuyincoma uma kufanele noma uyikhuthaze. Ngale ndlela uyisiza ukuba ibeke imigomo efinyelelekayo, iqaphe intuthuko yayo, futhi ilungise noma ibuphi ubuthakathaka obukhona, kodwa ube ungayiqhathanisi nabanye.

Nokho, namuhla intsha ethile ehlakaniphile ikhetha ukungenzi kahle esikoleni ngenxa yokwesaba ukugconwa. Intsha ethile inombono wokuthi: “Kumane nje ‘akusathandeki’ ukuba umfundi ohlakaniphile.” Ingabe ukuba nombono ongokomoya kungasiza kule ndaba? Nje! Cabanga eyabaseKolose 3:23, ethi: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” Sikhona yini esinye isizathu ongasicabanga sokuzikhandla ngaphezu kokuthokozisa uNkulunkulu? Umbono omuhle kanje unikeza umuntu amandla okumelana nengcindezi embi yontanga.

Fundisa Izingane Ukuthanda Ukufunda

Ukufunda nokubhala kubalulekile emfundweni enhle—yezwe nengokomoya. Abazali bangatshala uthando lokufunda izincwadi ezinganeni zabo ngokuzifundela kusukela ziseyizinsana. UDaphne, ofunda izincwadi ngaphambi kokuba zinyatheliswe, uyajabula ngokuthi abazali bakhe babemfundela njalo lapho eseyingane. Uyachaza: “Batshala uthando lwezincwadi kimi. Ngenxa yalokho, ngaya esikoleni sengikwazi ukufunda. Abazali bami bangifundisa nokwenza ukucwaninga ukuze ngikwazi ukuzitholela izimpendulo zemibuzo yami. Lokhu kuqeqeshwa kuye kwaba usizo olungenakuqhathaniswa, kuze kube namuhla.”

Ngakolunye uhlangothi, uHolt, ocashunwe ngaphambili, uxwayisa ngokuthi ukufundela izingane “akulona iphilisi eliwumlingo wohlobo oluthile.” Uyanezela: “Uma okufundwayo kungajabulisi kokubili kumzali nasenganeni, kungabalimaza kakhulu esikhundleni sokubasiza. . . . Ngisho nezingane ezikuthandayo ukufundelwa . . . azikuthandi uma abazali bengakuthandi.” Ngakho, uHolt usikisela ukuba abazali bakhethe izincwadi abazijabulelayo nabo, bakhumbule ukuthi kungenzeka izingane zifune ukuba zifundelwe lezo zincwadi izikhathi eziningi! Izincwadi ezimbili izigidi zabazali emhlabeni wonke ezikujabulelayo ukuzifundela izingane zazo yincwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, zombili ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Njengoba zibhalelwe izingane ngokuqondile, lezi zincwadi zinemifanekiso eminingi emihle, zishukumisa ingqondo, futhi zifundise izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu.

UThimothewu, umKristu wekhulu lokuqala, wabusiseka ngokuba nomama nogogo ababenesithakazelo esibukhali emfundweni yakhe, ikakhulukazi engokomoya. (2 Thimothewu 1:5; 3:15) UThimothewu wakhula waba indoda ongayethwesa imithwalo yemfanelo futhi enokwethenjelwa—izimfanelo imfundo yezwe iyodwa engenakuziveza. (Filipi 2:19, 20; 1 Thimothewu 4:12-15) Namuhla, amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ‘anoThimothewu’ abaningi abahle abasebasha—abesilisa nabesifazane—phakathi kwawo, ngenxa yabazali abanothando, abanaka izinto ezingokomoya.

Fundisa Ngomdlandla!

Lokho akudingayo uthisha ofuna ukugxilisa uthando lokufunda kwabanye, “kungafingqwa ngegama elilodwa—umdlandla,” kusho incwadi ethi Eager to Learn. “Ngokuba khona nje kwabo, othisha abanomdlandla batshela abafundi ukuthi bayakukhathalela lokho abakufundisayo, futhi lesi sici awusifuni kubo, simane sizibonakalele.”

Kodwa-ke, uma sesikhuluma iqiniso akubona bonke abazali noma othisha abagcwele umdlandla. Ngakho-ke, abafundi abahlakaniphile bazama ukuzishukumisa bona, babheke imfundo njengomthwalo wabo wemfanelo. Kakade, kusho incwadi eshiwo ngenhla, “akekho oyohlala eceleni kwezingane zethu ukuphila kwazo konke azisize ukuba zitadishe, zenze umsebenzi osezingeni elihle, zicabange, futhi zenze umzamo othe xaxa wokuthuthukisa amakhono amahle.”

Nalokhu futhi, kugcizelela kakhulu ukubaluleka kwekhaya kanye nezindinganiso izingane ezizifunda khona ngaphezu kwesikole. Bazali, ingabe ninawo umdlandla ngokufunda? Ingabe ikhaya lenu liyindawo enhle yokufunda, egcizelela izindinganiso ezingokomoya? (Efesu 6:4) Khumbulani ukuthi isibonelo senu nokufundisa kwenu kuyoba nethonya ezinganeni zenu isikhathi eside ngemva kokuba seziphumile esikoleni sezihambile nasekhaya.—Bheka ibhokisi elithi “Imikhaya Efundisa Ngendlela Ephumelelayo,” ekhasini 23.

Qaphelani Ukuthi Abantu Bafunda Ngezindlela Ezihlukahlukene

Abekho abantu ababili abacabanga ngendlela efana ncamashi; ngamunye unendlela yakhe yokufunda. Okusebenza kahle komunye kungase kungamsebenzeli omunye. Ngakho uDkt. Mel Levine, encwadini yakhe ethi A Mind at a Time, uthi: “Ukuphatha zonke izingane ngendlela efanayo kuwukuzibandlulula. Izingane ezingafani zinezidingo zokufunda ezingafani; zinelungelo lokuba kwaneliswe izidingo zazo.”

Ngokwesibonelo, abanye abantu babamba futhi bakhumbule izinto kangcono lapho bebona izithombe noma imifanekiso. Abanye bakhetha okulotshwe phansi noma ukutshelwa ngomlomo—noma-ke bakhethe inhlanganisela yakho kokubili. “Indlela engcono yokukhumbula into ukuyishintsha, uguqule ukwaziswa ngandlela-thile,” kusho uLevine. “Uma kuwukwaziswa okuyizithombe, kwenze kube indaba elotshiwe, uma kuyindaba elotshiwe yenzele umfanekiso noma isithombe.” Le ndlela yenza ukufunda kungabi okuvuzayo nje kuphela kodwa futhi kuba okujabulisa ngokwengeziwe.

Yebo, kungenzeka kudingeke ukuba ulinge izindlela eziningana ukuze ubone ukuthi iyiphi esebenzayo kuwe. UHans, isikhonzi sesikhathi esigcwele esingumKristu, waqhuba isifundo seBhayibheli noGeorge, indoda esikhulile engafundanga kuyaphi. UGeorge wayenenkinga yokubamba amaphuzu nokuwakhumbula. Ngakho-ke uHans wazama ukufanekisa amaphuzu ayisihluthulelo ngemidwebo elula ephepheni. UHans wathi: “Kwaba ukushintsha kwayo yonke into ngoGeorge. Eqinisweni, waqala ukubamba izinto nokuzikhumbula kakhulu kangangokuba kwayena wasala emangele! Kwathi lapho nje sengiyitholile indlela ingqondo yakhe esebenza ngayo, ngathola ukuthi wayekhaliphe kakhulu kunalokho engangikucabanga. Masinyane, waqala ukuzethemba nokubheka phambili ezifundweni zethu ngokulangazela kunanini ngaphambili.”

Imfundo Ayikhulelwa

Incwadi ethi Inside the Brain ithi: “Ukuthi ubuchopho bungenzani kuxhomeke ekutheni buyasetshenziswa yini noma cha. Bunjengomshini onombandela owujuqu owukuthi uyawusebenzisa noma uyakulahlekela, futhi bumagange ukufunda amakhono amasha.” Ibuye ithi futhi: “Njengoba nje ukuvivinya umzimba kugcina abantu beyimiqemane baze babe neminyaka engu-70 noma engu-80, abacwaningi babonisa ukuthi ukusebenzisa ingqondo kungaba nomphumela ofanayo ebuchosheni bomuntu ogugile. Sekuyisikhathi eside ukuguga kubhekwa njengokuwohloka okungenakunqandwa okuholela ekuphithaneni komqondo. Kodwa ucwaningo olusha lubonisa ukuthi [lokhu] kwenzeka ngoba kulindelwe, ngokuvamile kubangelwa ukungasetshenziswa kobuchopho. Ngaphezu kwalokho, abantu abalahlekelwa amanani amakhulu amangqamuzana obuchopho lapho beguga, njengoba kwake kwacatshangwa kanjalo.” Ukuwohloka okukhulu kokusebenza kwengqondo ngokuvamile kuwuphawu lwesifo, kuhlanganise nesifo semithambo yenhliziyo.

Kuyavunywa, kungenzeka kube khona ukwehla ngezinga elithile kokukhalipha kwengqondo yomuntu eminyakeni yakhe yamuva kodwa ngokuvamile akwenzeki ngendlela ephawulekayo. Abacwaningi bathi ubuchopho obusetshenziswayo buyalwa nokuwohloka—ikakhulukazi uma umuntu enesimiso esihle sokuvivinya umzimba. “Uma umuntu ehileleka ngokwengeziwe emisebenzini yokufunda, ikhono lakhe lokufunda likhula ngokwengeziwe. Abantu abaqhubeka befunda baba abafundi abahle,” kusho incwadi ethi Elderlearning—New Frontier in an Aging Society.

Leli qiniso laboniswa e-Australia ocwaningweni lweminyaka engu-20 olwenziwa kubantu abaneminyaka engu-60 kuya kwengu-98. Ukwehla kwezinga lokukhalipha kwabaningi ababa nengxenye, cishe kwaba yiphesenti elilodwa ngonyaka. Nokho, “kwabanye abantu, kuhlanganise nasebevile eminyakeni engu-90, akuzange nhlobo kwehle,” kusho lo mbiko. “Laba kwakuvame ukuba abantu abaye baba nengxenye ekuhlolweni ngezifundo ezihleliwe ezihlanganisa ukufunda olunye ulimi kanye/noma nensimbi ethile yomculo.”

UGeorge, esikhulume ngaye ngenhla, wayesevile eminyakeni engu-70 lapho eqala ukufunda iZwi likaNkulunkulu. Ngokufanayo noVirginia, manje osevile eminyakeni engu-80 ubudala, kanye nomyeni wakhe, uRobert, osewashona, nabo baqala ukufunda iBhayibheli sebegugile impela. UVirginia uthi: “Yize uRobert wayecishe abe impumputhe, wayekwazi ukunikeza izinkulumo ezimfushane ezisekelwe eBhayibhelini eHholo LoMbuso esebenzisa izinhlaka ayezibamba ngekhanda. Mina, ngangingakaze ngikujabulele ukufunda, kodwa manje angive ngikuthanda. Empeleni, namuhla nje ekuseni ngifunde wonke umagazini we-Phaphama!”

UGeorge, uRobert, noVirginia bamane nje bayizibonelo ezintathu zabantu abaningi asebegugile abaziphikisayo izimfundiso-ze ezikinatele abaningi, futhi abazisebenzisa ngokugcwele izingqondo zabo. Ucwaningo lubonisa ukuthi ebuchosheni ukufunda iminyaka engu-70 noma engu-80 kusebenzisa ingxenye esingayifanisa namanzi angangethisipuni emphongolweni—ingxenye encane engabonakali ngisho nokubonakala. Kungani ubuchopho buyinqolobane enkulu kangaka?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]

I-Internet Ne-TV—Kuwusizo Noma Kuyingozi?

“Ukusetshenziswa kwe-Internet kuyisibusiso kuphinde futhi kube yisiqalekiso,” kusho incwadi ethi A Mind at a Time. Ukufunda indlela yokuthola ukwaziswa kungaba usizo kakhulu, kodwa le ncwadi ichaza ukuthi abanye abafundi bamane “bathathe konke ukwaziswa njengoba kunjalo ngaphandle kokukuqonda ngempela noma kokukuhlobanisa nokuthile abakwaziyo. Ngakho le ndlela yokumane ukopishe ukwaziswa njengoba kunjalo ingaba indlela entsha eyingozi yokufunda ungawusebenzisi umqondo noma mhlawumbe nje ize ibe indlela yokuntshontsha amakhono abanye.”

Abacwaningi bathi ukuchitha isikhathi esiningi ngokweqile ubuka i-TV, kungase kukhubaze amakhono engqondo okuxazulula izinkinga nawokulalela, kunqunde ikhono layo lokuzakhela imifanekiso, kube kungenzi lutho ekwakheni isimilo somuntu. “Amathelevishini, njengosikilidi, kufanele eze enesixwayiso sokuthi ayingozi empilweni yomuntu,” kuphawula incwadi ethi Eager to Learn.

Enye incwadi yokucwaninga ithi lokho izingane ezikudinga kakhulu ukuba “zichayeke olimini (ukufunda nokuxoxa), zithole uthando, futhi zangiwe kaningi ngokufudumele.”

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]

Imikhaya Efundisa Ngendlela Ephumelelayo

Imikhuba nezici ezilandelayo zingasiza umkhaya wakho ukuba ufundise ngendlela ephumelelayo:

◼ Ukuxoxa kaningi ngemigomo emihle kodwa enengqondo ebekelwe izingane zenu ngendlela yothando

◼ Ukubheka ukusebenza kanzima njengesihluthulelo sempumelelo

◼ Ukuphila ukuphila okumatasa, hhayi kokuhlala ndawonye

◼ Amahora amaningi emfundo yasekhaya ehlelelwe izingane isonto ngalinye nemisebenzi ehlanganisa umsebenzi wesikole, ukufunda kokuphumuza ingqondo, imisetshenzana yokuzilibazisa, imisebenzi yasekhaya, nokuqeqeshelwa imisebenzi yasendlini

◼ Ukubheka umkhaya njengeqembu elisekelanayo nelisizanayo ekuxazululeni izinkinga

◼ Imithetho yasekhaya eqondwa ngokucacile, esetshenziswa ngokungaguquguquki

◼ Ukuthintana njalo nothisha

◼ Ukugcizelela ukukhula ngokomoya

[Izithombe]

Bazali, niyazifundisa yini izingane zenu ukuba zijabulele ukufunda?

[Umthombo]

Zisekelwe encwadini ethi Eager to Learn—Helping Children Become Motivated and Love Learning.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 24, 25]

Izindlela Zokuthuthukisa Ukufunda Nokukwenza Kujabulise

Yiba Nesithakazelo Uma uba nomdlandla entweni oyenzayo uyifunda kalula. Incwadi ethi Motivated Minds​—⁠Raising Children to Love Learning iphawula lokhu: “Abacwaningi baye babonisa ngokucacile ukuthi lapho izingane zitadisha ngoba zikuthanda, ukufunda kwazo kuyajula, kube nengqondo, futhi kuhlale isikhathi eside. Ziyakwazi nokuphikelela, zisungule izinto, futhi zibe magange ukwenza nomsebenzi olukhuni.”

Hlobanisa Imfundo Nokuphila Umlobi onguthisha uRichard L. Weaver II uyabhala: “Uma kukhona ukuhlobana phakathi kwemfundo oyithola esikoleni nezinto ezenzeka ngokoqobo ekuphileni, kokheleka inhlansi yokuqonda.”

Zama Ukuqonda Lapho abantu bezama ukuqonda into ethile, bashukumisa ikhono labo lokucabanga nenkumbulo yabo. Ukufunda ngekhanda kunendawo yako kodwa akuyithathi indawo yokuqonda. “Kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. Kwazise kakhulu, kuyokuphakamisa,” kusho izAga 4:​7, 8.

Gxilisa Ingqondo “Ukugxilisa ingqondo kuwumnyombo wokufunda,” kuchaza incwadi ethi Teaching Your Child Concentration. “Kubaluleke kakhulu kangangokuthi kuye kwabizwa ngokuthi imfuneko eyisisekelo yokukhalipha futhi kuye kwalinganiswa nakho ukukhalipha ngokwako.” Ungayifundisa ingane ukuba igxilise ingqondo. Isihluthulelo siwukuqala ngezikhawu ezimfushane zokutadisha bese uzenza zibe zinde kancane kancane.

Beka Ngamafuphi “Abafundi abenza kahle kakhulu yilabo abanekhono elihle lokubeka izinto ngamafuphi,” kusho uDkt. Mel Levine encwadini yakhe ethi A Mind at a Time. Ukubeka izinto ngamafuphi kwenza indaba ibe imithanyana ehlafunekayo, kube lula ukuyikhumbula. Abantu abanekhono elihle lokubhala amaphuzu basebenzisa le ndlela ngokungabhali izwi nezwi lapho bebhala amanothi.

Hlobanisa Encwadini ethi The Brain Book, uPeter Russell ufanisa inkumbulo nezinkintsho ezilengiswe ezintweni ezidlule ezikhunjulwayo. Ngamafuphi, inkumbulo iyathuthuka lapho uhlanganisa ngokucacile izinto ezintsha nalokho osukwazi kakade. Lapho ziziningi izinto ozihlobanisa nako, kuba lula nokuzikhumbula.

Zakhele Imifanekiso Engqondweni Imifanekiso ecacile esengqondweni ihlala isikhathi eside. Ngakho-ke, zakhele imifanekiso yalokho kwaziswa lapho kungenzeka khona. Izazi zenkumbulo zisebenzisa le ndlela, ngokuvamile zakhe engqondweni yomuntu imifanekiso eyihaba noma ehlekisayo ukuze isize ekukhumbuleni.

Bukeza Phakathi namahora angu-24 singakhohlwa amaphesenti angu-80 alokho esikufundile. Ngokubukeza kafushane ngemva kokutadisha, bese siphinda futhi ngemva kosuku, kwesonto, kwenyanga, ngisho nangemva kwezinyanga eziyisithupha, siyithuthukisa kakhulu inkumbulo yethu, singaze ngisho siyikhuphulele cishe kumaphesenti ayikhulu.

[Izithombe ekhasini 24]

Abazali nothisha kufanele basebenze ngokubambisana ukuze basize izingane zifunde

[Izithombe ekhasini 26]

Ubudala akufanele bube yisithiyo sokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela