Gxilisa Uthando Lokufunda Nokutadisha Ezinganeni Zakho
ZIMBALWA izinto ezingaba nethonya elikhulu ekulolongeni ikusasa lezingane zakho ukudlula ukuzifundisa ukufunda nokutadisha. Yeka ukuthi lezi zinto zingajabulisa kangakanani! Abanye abantu banezinkumbulo ezinhle zasebuntwaneni lapho abazali babo babebafundela. Ukufunda kungajabulisa, kanjalo nemiphumela yako. Lokhu kunjalo, ikakhulu ezincekwini zikaJehova njengoba ukukhula ngokomoya kuxhomeke kakhulu ekutadisheni iBhayibheli. Omunye umzali ongumKristu wathi, “Izinto eziyigugu kakhulu kithi zihlobene nokufunda nokutadisha.”
Imikhuba emihle yokutadisha ingasiza izingane zakho ukuba zibe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. (IHu. 1:1-3, 6) Nakuba ukukwazi ukufunda kungeyona imfuneko yokusindiswa, iBhayibheli lihlobanisa ukufunda nezinzuzo ezinkulu ezingokomoya. Ngokwesibonelo, isAmbulo 1:3 sithi: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho.” Ngaphezu kwalokho, inzuzo yokugxilisa ingqondo, okuyisici esibalulekile sokutadisha, iboniswa ngokucacile eselulekweni esiphefumulelwe somphostoli uPawulu asinikeza uThimothewu: “Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo.” Ngani? “Ukuze intuthuko yakho ibonakale.”—1 Thim. 4:15.
Yiqiniso, ukukwazi ukufunda nokutadisha kukodwa akuqinisekisi ukuthi lowo muntu uyozuza. Abaningi abanala makhono abawasebenzisi; kunalokho, baphishekela izinto ezingazuzisi kangako. Ngakho, abazali bangakwakha kanjani ukulangazelela ulwazi oluzuzisayo ezinganeni zabo?
Uthando Lwakho Nesibonelo Sakho
Izingane zifunda ukujabulela izikhathi zokutadisha lapho zihambisana nothando. U-Owen noClaudia, umbhangqwana ongamaKristu, bakhumbula lokhu ngezingane zabo ezimbili: “Zazisilangazelela isikhathi sokutadisha ngoba sasikhethekile—zazizizwa zivikelekile futhi zikhululekile. Lesi sikhathi zase zisihlobanisa nothando.” Ngisho nalapho izingane zingena eminyakeni yobusha egcwele izinselele, umoya wothando oba khona lapho kutadishwa uyoqhubeka ulolonga umbono wazo. Izingane zika-Owen noClaudia manje zingamaphayona futhi zisaqhubeka zizuza othandweni lokufunda nokutadisha olwagxiliswa abazali bazo kuzo.
Into ewusizo kakhulu ekugxiliseni uthando yisibonelo. Izingane ezivame ukubona abazali bazo befunda futhi betadisha cishe ziyobheka lezi zinto njengezifanele ukuba yingxenye yokuphila kwazo. Kodwa, njengomzali, ungazibekela kanjani isibonelo esinjalo uma wena ungakuthandi ukufunda? Lokhu kungase kudinge ukuba uhlele kabusha izinto eziza kuqala kuwe noma ushintshe isimo sakho sengqondo ngokufunda. (Roma 2:21) Uma ukufunda kuyisici esibalulekile sokuphila kwakho kwansuku zonke, lokhu kuyothinta inhliziyo yezingane zakho. Ukukhuthala kwakho—ikakhulu ekufundeni iBhayibheli, ekulungiseleleni imihlangano nasesifundweni somkhaya—kuyozitshela ngokucacile ukuthi lezi zinto zibaluleke kakhulu.
Ngakho, uthando lwakho nesibonelo sakho kubalulekile ekugxiliseni isifiso sokufunda ezinganeni zakho. Kodwa iziphi izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha ukuze uzikhuthaze?
Uthando Oluqala Ngokufunda
Iziphi ezinye izinyathelo ezibalulekile ekugxiliseni uthando lokufunda ezinganeni zakho? Yenza izincwadi zihlale zikhona kusukela izingane zisezincane. Omunye umdala ongumKristu obazali bakhe bagxilisa kuye uthando lokufunda, utusa lokhu: “Jwayelanisa izingane zakho nezincwadi. Lokho kuyokwenza izincwadi zibe abangane bazo futhi zibe ingxenye yokuphila kwazo.” Izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinjengethi Funda KuMfundisi Omkhulu nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ziba abangane abakhulu bezingane eziningi ngisho nangaphambi kokuba zikwazi ukufunda. Lapho ufundela izingane zakho izincwadi ezinjengalezi, azifundi ulimi kuphela kodwa ‘nezindaba ezingokomoya namazwi angokomoya.’—1 Kor. 2:13.
Funda ngokuzwakalayo njalo. Yiba nesimiso sokufundela izingane zakho nsuku zonke. Ukwenza lokho kuzifundisa indlela efanele yokubiza amagama futhi kugxilise kuzo umkhuba wokufunda. Indlela ofunda ngayo nayo ibalulekile. Yiba nomdlandla, nazo ziyokwenza okufanayo. Empeleni ungase uthole ukuthi ziyokucela ukuba uzifundele izindaba ezifanayo ngokuphindaphindiwe. Yenza lokho ezikuthandayo! Ngokuhamba kwesikhathi ziyofuna ukuba uzifundele ezinye izindaba. Kodwa qikelela ukuba ungaziphoqi ukuba zifunde. UJesu wabeka isibonelo ngokufundisa izilaleli zakhe ‘uma nje zisakwazi ukulalela.’ (Marku 4:33) Uma ungaziphoqi izingane zakho, ziyosilangazelela isikhathi ngasinye sokufunda futhi uyokwazi ukufinyelela umgomo wakho wokugxilisa kuzo uthando lokufunda.
Zikhuthaze ukuba zibe nengxenye futhi nixoxe ngalokho enikufundayo. Izingane zakho ziyosheshe zikwazi ukubona nokuphimisela amagama amaningi, ziqonde nencazelo yawo, futhi lokhu kuyokujabulisa. Ukuxoxa ngalokho enikufundayo kuyoyisheshisa kakhulu intuthuko yazo. Ukuxoxa kusiza izingane ukuba “zifunde amagama okuyodingeka ziwazi futhi ziwaqonde lapho zifunda,” kuchaza incwadi ekhuluma ngendlela yokusiza izingane ukuba zibe abafundi abahle. Le ncwadi iyaqhubeka: “Ezingqondweni zezingane ezisakhula ezizama ukufunda ikhono lokufunda, ukuxoxa kubalulekile—lapho kuxoxwa ngezinto ezinengqondo . . . zizuza ngokwengeziwe.”
Cela izingane zakho zikufundele futhi uzikhuthaze ukuba zibuze. Ungase uthande ukuzibuza imibuzo bese uzinikeza izimpendulo ezingakhetha kuzo. Ngaleyo ndlela, izingane ziyofunda ukuthi izincwadi ziwumthombo wolwazi nokuthi amagama eziwafundayo asho okuthile. Le ndlela iwusizo ikakhulu lapho enikufundayo kusekelwe eZwini likaNkulunkulu, incwadi ebaluleke kunazo zonke.—Heb. 4:12.
Nokho, ungalokothi ukhohlwe ukuthi ukufunda kuyikhono eliyinkimbinkimbi. Ukuze ube nalo kudingeka isikhathi nokuprakthiza.a Ngakho, lapho ubona ukuthi izingane zakho seziyakuthanda ukufunda, qiniseka ukuthi uyazikhuthaza ngokuzincoma kakhulu. Ukuzincoma kuyozikhuthaza ukuba zikujabulele ukufunda.
Kuyazuzisa Futhi Kuyajabulisa
Ukufundisa izingane zakho indlela yokutadisha kwenza ukufunda kube nenjongo. Ukutadisha kuhilela ukufunda amaqiniso nokuqonda indlela ahlobana ngayo. Kudinga ikhono lokuhlela, ukukhumbula nokukusebenzisa lokho kwaziswa. Lapho ingane isifunde indlela yokutadisha futhi isibona ukuthi kuwusizo kanjani, lokho kuyayizuzisa futhi kuyijabulise.—UmSh. 10:10.
Zifundise ngokuqhubekayo izinto ezibalulekile ekutadisheni. UkuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa, izingxoxo zetekisi losuku nezinye izikhathi ezifanayo zinikeza amathuba amahle kakhulu okufundisa izingane zakho ngokuqhubekayo amakhono okutadisha. Ukuhlala zinganyakazi nokugxila endabeni ethile isikhashana kuyozifundisa ukugxilisa ingqondo, okuyinto ebalulekile ekufundeni. Ngaphezu kwalokho, ungakhuthaza indodana yakho ukuba ikutshele ukuthi lokho esanda kukufunda kuhlobene kanjani nalokho ekwaziyo. Lokhu kuyifundisa ukuqhathanisa. Kunganjani ucele indodakazi yakho ifingqe ngamazwi ayo lokho ekufundile? Lokhu kuyoyisiza ukuba iqonde incazelo yako futhi ikukhumbule. Ukubukeza, okusho ukuphinda amaphuzu ayinhloko ngemva kokufunda isihloko, kungenye indlela ethuthukisa inkumbulo ongayifundisa izingane zakho. Ngisho nezingane ezincane zingafundiswa ukubhala kafushane amaphuzu ngezikhathi zokutadisha noma emihlanganweni yebandla. Yeka ukuthi lokhu kuyozisiza kangakanani ekugxiliseni ingqondo! Lezi zindlela ezilula zenza ukuba wena nezingane zakho nikujabulele ukufunda futhi kunizuzise.
Yenza izimo zivumele ukutadisha. Indawo epholile nekhanya kahle, ethule nekhululekile, yenza kube lula ukugxilisa ingqondo. Yiqiniso, indlela abazali abakubheka ngayo ukutadisha ibalulekile. Omunye umama uthi: “Kubaluleke kakhulu ukuba wena [mzali] ubekele eceleni isikhathi sokufunda nokutadisha futhi ungaguquguquki. Lokhu kusiza izingane zakho ukuba zihleleke. Zifunda ukuthi kumelwe zibe nesikhathi esiqondile sokwenza lokhu noma lokhuya.” Abazali abaningi abakuvumeli ukuba kwenziwe ezinye izinto ngezikhathi zokutadisha. Esinye isikhulu sathi le ndlela inethonya elikhulu ekufundiseni izingane imikhuba emihle yokutadisha.
Qokomisa izinzuzo zokutadisha. Okokugcina, siza izingane zakho zibone izinzuzo ezingokoqobo zokutadisha. Ukusebenzisa ulwazi kugcizelela injongo yangempela yokutadisha. Omunye umzalwane osemusha uyavuma: “Uma ngingaboni ukuthi ngingakusebenzisa kanjani lokho engikufundayo, kuba nzima ngempela ukukutadisha. Kodwa uma ngikwazi ukukusebenzisa, kuba into engifuna ukuyiqonda.” Lapho abantu abasha bebona ukuthi ukutadisha kuwusizo ekufezeni okuthile okubalulekile, bayokuthanda. Bayoqala ukulangazelela ukutadisha, njengoba benza ekufundeni.
Umvuzo Omkhulu Kunayo Yonke
Kungashona ilanga sibala izinzuzo zokugxilisa uthando lokufunda ezinganeni zakho. Impumelelo esikoleni, emsebenzini, ebuhlotsheni nabantu, ekuqondeni izwe esiphila kulo nasekuqiniseni isibopho esiphakathi komzali nomntwana kumane nje kungezinye zazo, ingasaphathwa eyokwaneliseka okulethwa ukufunda nokutadisha.
Ngaphezu kwakho konke, ukuthanda ukutadisha kungasiza izingane zakho ukuba zibe abantu abangokomoya. Uthando lokutadisha luyisihluthulelo sokuvula izingqondo nezinhliziyo zazo ukuze zithole “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kweqiniso elingokomBhalo. (Efe. 3:18) Yiqiniso, kuningi abazali abangakufundisa izingane zabo. Njengoba abazali benika izingane zabo isikhathi sabo, bezinaka futhi benza konke abangakwenza ukuze bazinikeze isiqalo esihle ekuphileni, baba nethemba lokuthi ekugcineni ziyokhetha ukukhulekela uJehova. Ukufundisa izingane zakho imikhuba emihle yokutadisha kuzenza zikwazi ukulondoloza inhlalakahle yazo engokomoya futhi zakhe ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngakho-ke, thandazela isibusiso sikaJehova njengoba ulwela ukwakha uthando lokufunda nokutadisha ezinganeni zakho.—IzAga 22:6.
[Umbhalo waphansi]
a Ukufunda nokutadisha kuyinselele ngokukhethekile ezinganeni ezinezinkinga zokufunda. Ukuze uthole lokho abazali abangakwenza ukuze basize izingane ezinjalo, bheka i-Phaphama! ka-February 22, 1997, amakhasi 3-10.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26]
Ukufunda . . .
• Yenza izincwadi zihlale zikhona
• Funda ngokuzwakalayo
• Khuthaza izingane ukuba zibe nengxenye
• Xoxani ngalokho enikufundayo
• Cela izingane zakho ukuba zikufundele
• Khuthaza izingane zakho ukuba zibuze
Ukutadisha . . .
• Yiba isibonelo esihle njengomzali
• Qeqesha izingane zakho ukuba . . .
○ zigxilise ingqondo
○ ziqhathanise
○ zifingqe
○ zibukeze
○ zibhale amaphuzu
• Yenza izimo zivumele ukutadisha
• Qokomisa izinzuzo zokutadisha