Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 10/8 k. 18
  • Inkulisa Engenawo Amathoyizi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkulisa Engenawo Amathoyizi
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amathoyizi Angcono Kakhulu
    I-Phaphama!—2004
  • Amathoyizi Anamuhla—Abafundisani Abantwana Bethu?
    I-Phaphama!—1994
  • Bazali—Khethani Amathoyizi Omntwana Wenu Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—1994
  • Bazali—Umntwana Wenu Udlala Ngani?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 10/8 k. 18

Inkulisa Engenawo Amathoyizi

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJALIMANE

Ngolunye usuku ekuseni lapho izingane zingena enkulisa, zathola amagumbi engenalutho ngaphandle kwefenisha. Zabafuna zaze zancama onodoli nezinye izinto zokudlala. Kwakungekho zincwadi nazinto zokwakha amathoyizi. Kungekho ngisho nephepha nesikele. Wonke amathoyizi ayesusiwe futhi engezukubuyiswa kuze kuphele izinyanga ezintathu. Kwakwenzenjani?

Le nkulisa ingenye yezinkulisa ezandayo e-Austria, eJalimane, naseSwitzerland ezihlanganyela emkhankasweni ophawulekayo nosanda kuhlongozwa okuthiwa Izinkulisa Ezingenamathoyizi. Yize kungase kuzwakale kuyinqaba, lo mkhankaso, oye wanconywa kakhulu izazi zempilo zoMbimbi LweYurophu, uhloselwe ukuvimbela ukulutheka. Eminyakeni yamuva abacwaningi baye baqaphela ukuthi abantu akuvamile ukuba babe imilutha yanoma iluphi uhlobo uma behlakulela amakhono okuxhumana nabanye abantu besebancane. Umbiko wephephandaba uthi la makhono ahlanganisa “amakhono okuxoxa nawokujwayelana kalula nabantu, ukulungisa izingxabano, ukuqaphela izenzo zakho, ukuzikhuza, ukubona izinkinga, ukufuna usizo nokuthola isixazululo.” Ngokwabagqugquzeli balo mkhankaso, umuntu kufanele afunde la makhono esemncane ngangokunokwenzeka, futhi izikhathi zokungabi namathoyizi ziwusizo ekufezeni lokhu, zithuthukisa ukuzicabangela nokuzethemba.

Inkathi yokungabi namathoyizi izinyanga ezintathu iye yahlelwa ngokucophelela futhi kwaxoxwa ngayo nabazali nazo izingane. Ekuqaleni ezinye izingane zivele zingazi ukuthi zingenzani ngaphandle kwamathoyizi. Umbiko uphawula ukuthi “kunezinkulisa lapho izingane ziba uqanduqandu amasonto amane okuqala,” nabahleli baphelelwe amasu. Kodwa izingane ziyajwayela futhi zifunde ukusebenzisa umqondo wazo. Njengoba zingenawo amathoyizi okudlala, izingane ziyaxoxa, zihlele, zidlale ndawonye ngokwengeziwe, kanjalo zithuthukise amakhono azo okuxhumana nabantu nolimi. Ezinye ezazivame “ukucasha” ngamathoyizi azo manje sezizenzela abangane. Abazali nabo baye baphawula izinguquko ezinhle. Bathi izingane ziziphatha kangconywana lapho zidlala futhi manje zithambekele kakhulu ekusebenziseni umqondo wazo kunangaphambili.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela