Ubaba Odingwa Yizingane
I ZINGANE zidinga ubaba ozithandayo, okhona lapho zimdinga, futhi owenza konke okusemandleni akhe ukuba azisize zikhule zibe abantu abanengqondo futhi abanokuthenjelwa. Bekulokhu kungaqashelwa ngokufanele ukuthi izingane zidinga ubaba onjena.
Yiqiniso, omama yibo ababeletha izingane, futhi akungatshazwa ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba umama omuhle. Kodwa lapho iphawula ukuthi ubaba ufeza indima ebaluleke ngokufanayo, i-Wilson Quarterly yathi: “Ukuwohloka kwendima kababa kuyisici esikhulu esiyimbangela yeziningi zezinkinga ezinkulu ezihlupha umphakathi waseMelika”—futhi singase sinezele nokuthi ezihlupha nomhlaba wonke.
Iphephandaba laseBrazil i-Jornal da Tarde libika ngocwaningo olwaphetha ngokuthi ukuziphatha okuyinkinga kwentsha—njengokuba nolaka, ukungalawuleki, ukungenzi kahle esikoleni, ukungabi nandaba—ngokuvamile “kuyimiphumela yokuntuleka kukababa.” Futhi incwadi yesiNtaliyane ethi Gli imperfetti genitori (Abazali Abangaphelele) kaMarcello Bernardi igcizelela ukuthi uma kunokwenzeka, izingane zibadinga bobabili abazali ukuze zikhule kahle.
Ukuphila Kwasekhaya Kungathuthuka
Ngisho noma ubaba odebeselayo eye waba nomthelela ezinkingeni zasekhaya noma ziye zabangelwa nguye ikakhulukazi, akusho ukuthi izinto azinakulungiswa futhi ukuphila kwasekhaya kuthuthukiswe. Kanjani? Kudingeka ukuba ubaba enzeni?
Ngokusobala, izingane zidinga ikhaya, indawo ezinika umuzwa wokuthi ziphethwe umuntu oyikhathalelayo inhlalakahle yazo. Lapho kungahlangatshezwana naleso sidingo, njengoba kuvame ukuba njalo namuhla, ukuphila kwezingane kuthinteka ngendlela embi. Nokho, izinto zingalunga, ekhona ubaba noma engekho. KumaHubo 68:5, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu unguyise wentandane . . . esendaweni yakhe yokuhlala engcwele.”a
Indlela Yokuthola Usizo
Ukuthi usizo lukaNkulunkulu lubalulekile ukuze niphumelele nokuthi lungatholakala kufakazelwa isimo esichazwe uLidia, intombazane yasePoland, okukhulunywe ngayo esihlokweni esandulelayo. Ukuphila kwasekhaya kwakunjani kubo? Umkhaya waluthola kanjani usizo lukaNkulunkulu?
UFranciszek, uyise kaLidia, uyavuma ukuthi lapho izingane zakhe zisezincane, wawudebeselela umkhaya wakhe, njengoba nje kwabika indodakazi yakhe. Uthi: “Ngangingenandaba nokuthi izingane zami zenzani. Angizibonisanga luthando, futhi kwakungekho kusondelana phakathi kwami nazo.” Ngakho wayengazi ukuthi ngesikhathi uLidia eneminyaka engu-14 ubudala, yena nomfowabo nodadewabo omncane kakade base beqale ukuhamba amaphathi axokozelayo, bebhema, bephuza, futhi belwa nabantu.
Ekugcineni, uFranciszek wayibona ingozi izingane zakhe ezazingena kuyo, futhi kwamethusa waze wathatha isinyathelo. Uthi: “Ngathandaza ngicela usizo kuNkulunkulu.” Ngokuphawulekayo, ngemva nje kwalokho oFakazi BakaJehova bafika kwakhe, futhi yena nomkakhe bavuma ukutadisha iBhayibheli. Makhathaleni laba bazali baqala ukusebenzisa izimfundiso zalo ekuphileni kwabo. Kwaba namuphi umphumela ezinganeni?
UFranciszek uyachaza: “Zaqala ukuqaphela ukuthi ngase ngiyekile ukuphuza nokuthi ngangiba ubaba ongcono. Zafuna ukubazi kangcono oFakazi BakaJehova. Nazo zaqala ukufunda iBhayibheli futhi zahlukana nabangane ababi.” Indodana, uRafał, ithi ngoyise: “Ngagcina sengimthanda kuhle komngane.” Iyanezela: “Kungakabiphi iqembu engangizula nalo emgwaqweni laphelelwa ukubaluleka kwalo. Sasimatasa ngezinto ezingokomoya.”
UFranciszek manje ungumdala ongumKristu ebandleni loFakazi BakaJehova, usazibandakanya nomkhaya wakhe futhi usesenendima ekukhuleni okungokomoya kwelungu ngalinye lawo. Umkakhe noLidia bangamaphayona, abashumayeli besikhathi esigcwele. URafał nodadewabo omncane, uSylwia, bahlanganyela ngomphefumulo wonke esifundweni seBhayibheli, ekunikezeni izimpendulo emihlanganweni yobuKristu, nasekuxoxeni ngokholo lwabo nabanye abantu.
Wakusebenzisa Lokho Ayekufundisa
Cabanga futhi ngalokho okwenzeka kuLuis, uyise kaMacarena. Khumbula ukuthi uMacarena yileya ntombazane yaseSpain eneminyaka engu-21 ubudala ecashunwe esihlokweni sokuqala. Indlela kaLuis yokuphila yayilandela ekayise owayeyixhwele lotshwala. Njengoba uMacarena esho, ngezinye izikhathi kwakuphela izinsuku enyamalele nabangane bakhe. Ngaphezu kwalokho wayephatha umkakhe njengesisebenzi, hhayi njengomsizi oyigugu. Umshado wabo wawususengcupheni, futhi kwabaphatha kabi kakhulu lokho oMacarena nezingane zakubo ezimelamayo.
Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, uLuis wavuma ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uyachaza: “Ngaqala ukuchitha isikhathi nomkami nezingane zami. Sasixoxa, sidle ndawonye, futhi sitadishe iBhayibheli ndawonye. Sasihlanganyela nasekwenzeni imisebenzi yasendlini nasekuzilibaziseni.” UMacarena uthi: “Ngaqala ukuzwa ukuthi sinobaba onomusa owayenesithakazelo esiqotho emkhayeni wakhe.”
Okuphawulekayo ukuthi uLuis akagcinanga nje ngokukhuthaza umkhaya wakhe ukuba ukhonze uNkulunkulu kodwa wakusebenzisa ayekufundisa. Washiya “ibhizinisi elichumayo,” kuchaza uMacarena, “ngoba lalidla isikhathi esiningi kakhulu kanti wayefuna ukunakekela izindaba zomkhaya kakhudlwana.” Kwaba nomphumela omangalisayo. UMacarena uthi: “Isibonelo sakhe singifundise ukuthi ngingakwazi kanjani ukuzigcina ngineso elihle futhi ngibeke izinto ezingokomoya endaweni yokuqala.” Manje ukhonza njengephayona futhi unina kanye nezingane zakubo ezimelamayo bangamalungu akhuthele ebandla lobuKristu.
Isinqumo Esenziwa Isikhulu Sakwaloliwe
Kusobala ukuthi izingane zidinga ubaba owenza izinqumo ecabanga ngenhlalakahle yezingane zakhe. Indodana eyeve eminyakeni eyishumi nambili ubudala kaTakeshi Tamura, isikhulu saseJapane okukhulunywe ngaso esihlokweni esandulele, yayisizihlanganise nabangane abangenasimilo futhi kwakubonakala ukuthi iphokophele enkingeni. Lokho kwakungo-1986, unyaka uTakeshi anquma ngawo ukushiya isikhundla sakhe esiphezulu kuyi-Japanese National Railways. UTakeshi uzizwa kanjani ngesinqumo sakhe manje, ngemva kweminyaka engu-18 asenza?
Muva nje usanda kuthi: “Mhlawumbe kuyisinqumo esingcono kunazo zonke engake ngazenza. Ukuchitha isikhathi esengeziwe nendodana yami senza izinto ndawonye, kuhlanganise nokutadisha iBhayibheli nayo, kwaba nomphumela omangalisayo. Saba abangane, futhi yahlukana nabangane bayo ababi nokuziphatha okungafanele.”
UmkaTakeshi wayebe omunye woFakazi BakaJehova eminyakeni embalwa ngaphambili, futhi ukuziphatha kwakhe okuyisibonelo okwashukumisa umyeni wakhe ukuba ahlole iBhayibheli futhi azibandakanye ngokwengeziwe nomkhaya wakhe. Ekugcineni, yena nendodana yakhe nendodakazi yakhe bonke baba oFakazi. UTakeshi nendodana yakhe manje bakhonza njengabadala emabandleni abakuwo, futhi umkakhe nendodakazi bangamaphayona.
Obaba Bayaludinga Usizo
Obaba abaningi, naphezu kokuqaphela ukuthi badebeselela izingane zabo, abazi ukuthi kumelwe bazenzeleni. Iphephandaba laseSpain i-Vanguardia lalinalesi sihloko esikhulu esithi “Abazali [BaseSpain] Abangamaphesenti Angu-42 Bayavuma Ukuthi Abazi Ukuthi Bangazikhulisa Kanjani Izingane Zabo Ezeve Eshumini Nambili.” Kodwa kungashiwo okufanayo ngokuphathelene nobaba bezingane ezingakevi eshumini nambili nalezo ezisengojahidada. Ngokuphambene nokucabanga kwabaningi, lezi zingane nazo ziyamdinga ubaba ozinikele ozoba khona futhi azinake.
Yini enye engase ifundwe ngokuthi ungaba kanjani ubaba omuhle? Obani abayizibonelo ezingcono kakhulu zobaba, futhi bangafundani kubo? Isihloko sethu sokuphetha sizodingida le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Sicela ubheke isahluko esithi “Imikhaya Enomzali Oyedwa Ingaphumelela!” encwadini Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 23]
Obaba abanikeza izingane lokho ezikudingayo
UFranciszek nomkhaya wakhe
ULuis nomkhaya wakhe
UTakeshi nomkhaya wakhe