“Uzositholaphi Isikhathi Sokufunda Zonke Lezi Zincwadi?”
Ngo-July 2001 umlisa mumbe eKhabarovsk eMpumalanga Ekude yeRussia wathola inqwaba yomagazini abangu-34 be-Phaphama! emtatsheni wedolobha. Wasayina ukuthi uyababoleka, kodwa kwathi lapho kufika usuku lokubabuyisela ngo-August, kwaba nzima ukuba ahlukane nabo. Ngakho waphinde wababoleka ukuze ababuyise ngo-September. Wabathanda kakhulu lab’ omagazini kangangokuba waphinde wababoleka ngo-November, kanye nabanye abayisithupha abasha.
Ngaphambi kwalokhu, lo mlisa wayehlale ezigwema izincwadi zenkolo. Kungani aqala ukufunda i-Phaphama!? Wabhala: “Ngenxa yokuthi ukwaziswa okuningi okukulo magazini kukhuluma ngezinkinga zomphakathi ezithakazelisayo futhi ezithinta wonke umuntu.”
Lo mlisa waqhubeka: “Ngokuvamile kunezindatshana eziklanywe kahle ‘ezikuvakashisa’ emadolobheni nasemazweni anamuhla, zikutshele nangamasiko abantu.” Wayekhangwa nayizihloko ezikhuluma ngabantu abaye baphumelela ekuphileni, balondoloza izindinganiso zabo ezingokomoya, futhi basiza abanye ukuba babhekane nezimo ezibuhlungu nezinhlekelele. Uthini ngalo magazini? “Kungashiwo kugcwale umlomo ukuthi i-Phaphama! ihlanganisa i-Time, i-Popular Science, ne-National Geographic kumagazini owodwa!”
Lo mlisa wabe esecela ukuba athunyelelwe omagazini be-Phaphama! ngesiRussia abasukela ku-1995. Ngaphandle kwe-Phaphama! wacela nezincwadi ezihlukahlukene nezincwajana ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Wabhala: “Ningase nibuze, ‘Uzositholaphi isikhathi sokufunda zonke lezi zincwadi?’” Waphendula umbuzo wakhe ngokuthi wayenaso isikhathi sokufunda izindaba ezizuzisayo, njengoba engachithi isikhathi esiningi ebukele ithelevishini noma evule i-Internet.
I-Phaphama! inikeza ukwaziswa okuningi ngezenzakalo zamanje futhi ikwenze uliqonde ikhambi lezinkinga zanamuhla. Kungani ungaceli oFakazi BakaJehova ukuba bakulethele omagazini bamuva be-Phaphama! inyanga ngayinye?
[Isithombe ekhasini 31]
Ukuqonda Ukuguquguquka Kwemizwelo
[Isithombe ekhasini 31]
Ingabe Umazi Ngegama UNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 31]
Usongo Lwenuzi—Lungokoqobo Kangakanani?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Nuclear explosion: U.S. Department of Energy photograph