Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 10/8 k. 29-k. 31 isig. 5
  • Kunani Ukuzitika Ngophuzo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunani Ukuzitika Ngophuzo?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingozi Zokuzitika Ngophuzo
  • Ingcindezi Yokuphuza
  • Uyokhethani?
  • Yini Engalungile Ngokuzitika Ngotshwala?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?
    Izihloko Ezengeziwe
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 10/8 k. 29-k. 31 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Kunani Ukuzitika Ngophuzo?

“Yize kwase kungamahora amaningana siphuza, mina nomngane wami sahamba nebhodlela likagologo lapho siphuma emcimbini ngo-1:00 ekuseni. Saqala ukuhamba silibangise ekhaya—silokhu siphuza. Engikukhumbulayo ukuthi sabona sekuphuma ilanga, futhi ngaqaphela ukuthi sasilahlekile. Empeleni, sasihamba eceleni komgwaqo omkhulu. Kuyamangalisa ukuthi asizange sishayiswe yizimoto.”—UClay.a

UKUZITIKA NGOPHUZO. Abanye bakuchaza nje ngokuthi ukuphuzela ukudakwa. Umbiko we-U.S. National Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism wazama ukunemba kakhudlwana. Wathi ukuzitika ngophuzo “ngokuvamile kuchazwa njengokuphuza izingilazi ezinhlanu noma ngaphezulu zilandelana uma ungumuntu wesilisa, nokuphuza izingilazi ezine noma ngaphezulu zilandelana uma ungumuntu wesifazane.”

Abezempilo e-United States bathi ukuzitika ngophuzo “kuyinkinga enkulu kwezempilo yomphakathi.” Ngokokuhlola okwenziwa ezinganeni zasesikoleni sebanga eliphakathi eNgilandi, eScotland, naseWales, “cishe ingxenye yesine kwabaneminyaka engu-13 nengu-14 yathi ‘yayigojele’ okungenani izingilazi ezinhlanu zesiphuzo esidakayo zilandelana.” Cishe ingxenye yabo bonke abaneminyaka engu-15 nengu-16 okwaxoxwa nabo yathi yake yenza okufanayo.

Kolunye ucwaningo lwase-United States, abafundi basekolishi ababili kwabahlanu babezitike ngophuzo okungenani kanye phakathi namasonto amabili andulela okwaxoxwa nabo ngalo ngalolu daba. UMnyango Wezempilo wase-United States uthi “intsha engaba yizigidi ezingu-10,4 eneminyaka engu-12 kuya kwengu-20 yabika ukuthi iyaphuza. Kuyona, eyizigidi ezingu-5,1 yayizitika ngophuzo futhi yayihlanganisa izigidi ezingu-2,3 ezaziphuza ngokweqile okungenani kahlanu ngenyanga.” Ucwaningo olwenziwa e-Australia lwembula ukuthi amantombazane azitika ngotshwala kulelo zwe maningi kunabafana—aphuza izingilazi eziphakathi kwezingu-13 nezingu-20 ngesikhathi!

Ngokuvamile abantu baphuza ngale ndlela ngoba benxenxwa enye intsha. Umcwaningi uCarol Falkowski uyabika: “Kunemidlalo eminingi emisha neyingozi yokuncintisana ngokuphuza: ukududana ngenjongo yokuphuzela ukudakwa. Ngokwesibonelo, eminye imidlalo ifuna ukuba bonke abadlali baphuze isiphuzo esinamandla esikhathini esithile sohlelo lwe-TV noma phakathi nengxoxo yeqembu.”

Izingozi Zokuzitika Ngophuzo

Nakuba abanye bengase babheke ukuphuza ngokweqile njengomdlalo, kuwumdlalo oyingozi kabi! Ukuphuza ngokweqile kuncisha ubuchopho umoya-mpilo; imisebenzi ebalulekile emzimbeni ingaqala ukuma. Izimpawu zingase zihlanganise ukuhlanza, ukuquleka, noma ukuphefumula kanzima. Kwezinye izimo umphumela ungaba ukufa. Cishe ngemva kwenyanga ephothule esikoleni esiphakeme, uKim oneminyaka engu-17 waya emcimbini “wokuphuza uze udele.” UKim waphuza izingilazi ezingu-17 ngaphambi kokuba aquleke. Udadewabo omdala wafika wathatha uKim baya ekhaya. Ngakusasa ekuseni, unina kaKim wamthola efile.

Ukuphuza ngokweqile kungase kungakubangeli ukufa ngokuqondile njalo, kodwa kuseyingozi empilweni. “Utshwala bungase bulimaze kabi noma isiphi isitho emzimbeni wakho,” kusho uchwepheshe wempilo yengqondo uJerome Levin. “Ngokuvamile utshwala buhlasela isimiso sezinzwa, isibindi, nenhliziyo.” Isihloko esithile kumagazini i-Discover sithi: “Ucwaningo olusha lusikisela ukuthi abantu abaphuza besebancane bazidonsela amanzi ngomsele. Ngenxa yokuthi ubuchopho bayo busuke busakhula kuze kube yilapho seyevile eminyakeni engamashumi amabili, intsha eyeve eshumini nambili ephuza ngokweqile kungenzeka ilimaza ingxenye enkulu yobuchopho.” Ukuphuza njalo kuhlotshaniswa nanokwanda kwezinduna, ukuba nemibimbi ngaphambi kwesikhathi, ukukhuluphala, ukulimala kwezitho ezingaphakathi, ukuba umlutha wotshwala, nokuluthwa yizidakamizwa.

Zikhona nezinye izingozi ezihlobene nokuphuza ngokweqile. Uma udakiwe, ungase uchayeke ekuphathweni kabi. Ungase ushaywe noma udlwengulwe ngisho nokudlwengulwa. Ngesikhathi esifanayo, ungase ube yingozi kwabanye, uziphathe ngendlela engalawuleki obungeke nhlobo uziphathe ngayo uma ungadakiwe. Yingakho iBhayibheli lixwayisa ngokuthi uma uphuza ngokweqile, “amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba, nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele.” (IzAga 23:33) Imiphumela ebuhlungu ingase ihlanganise ukuphela kobungane, ukungaqhubi kahle esikoleni nasemsebenzini, ukuboshwa, nobumpofu.b—IzAga 23:21.

Ingcindezi Yokuphuza

Naphezu kwalezi zingozi, utshwala bukhuthazwa kakhulu futhi butholakala kalula emazweni amaningi. Empeleni, ukuphuza kuyadunyiswa ezikhangisweni ze-TV nezomagazini. Nokho, ngokuvamile intsha ivame ukuzitika ngophuzo ngenxa yokucindezela kontanga.

Kuyinhlolo-vo yokuxwayisa ngotshwala eyenziwa e-Australia, amaphesenti angu-36 entsha okwaxoxwa nayo athi ngokuyinhloko aphuza “ukuze afane nabanye emicimbini yokuzijabulisa.” Esimweni esingalawuleki “sokuzitika ngobhiya,” umuntu ngokuvamile onamahloni angase abe ihlaya emcimbini njengoba ontanga bemkhuthaza ukuba aphuze utshwala emva kobunye. UKatie osemncane walethwa ekhaya equlekile ngemva kokwenza kanjalo. “Umngane” wakhe wayemnike utshwala, ethi: “Suka lapha, Katie, usukhulile manje. Kufanele ufunde ukubugojela nje.”

Isifiso sokuzijabulisa nokufana nabanye sinamandla kangangokuba naphezu kobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukuzitika ngophuzo kuyingozi, kuseyinto ethandwayo.

Uyokhethani?

Kuphakama imibuzo: Wena uyokhethani uma kuziwa ophuzweni? Ingabe uyomane ulandele ontanga? Khumbula lokho okushiwo yiBhayibheli kweyabaseRoma 6:16: “Anazi yini ukuthi uma niqhubeka nizinikela kunoma ubani njengezigqila ukuba nimlalele, niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela?” Uma uvumela ontanga yakho balawule konke okwenzayo, umane ube yisigqila sabo. IBhayibheli likukhuthaza ukuba uzicabangele wena. (IzAga 1:4) Liqukethe iseluleko esingakusiza ukuba ugweme ukwenza amaphutha amakhulu. Cabangela lokho elikushoyo ngophuzo.

Empeleni, iBhayibheli alikulahli ukuphuza utshwala, futhi alimelene nokuzijabulisa kwentsha. Nokho, liyaxwayisa ngokweqisa ophuzweni. “Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile,” kusho izAga 20:1. Yebo, utshwala bungenza umuntu aziphathe ngendlela engenangqondo nengalawuleki! Yiqiniso, bungase bukujabulise isikhashana, kodwa uma weqisa, ‘buluma njengenyoka,’ bukushiye unezingozi eziningi ngokomzimba nangokomzwelo.—IzAga 23:32.

Okunye okufanele ukucabangele ukuthi emazweni amaningi kuneminyaka yobudala enqunyiwe yokuphuza utshwala. AmaKristu ayayilalela imithetho enjalo. (Thithu 3:1) Ihloselwe ukukuvikela.

Okokugcina, nokubaluleke kunakho konke, cabangela umonakalo ongokomoya ongabangelwa ukuphuza ngokweqile. UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba umkhonze ‘ngayo yonke ingqondo yakho’—hhayi ngengqondo elinyazwe ukuzitika ngophuzo ngokungadingekile! (Mathewu 22:37) IZwi likaNkulunkulu alilahli nje “ukweqisa ewayinini” kuphela kodwa ‘nemincintiswano yokuphuza.’ (1 Petru 4:3) Ngakho-ke, ukuzitika ngophuzo kungqubuzana nentando yoMdali wethu. Ukweqisa kanjalo kungathiya umuntu ekujabuleleni ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu.

Kufanele wenzenjani uma usunenkinga yokuzitika ngophuzo? Thola usizo ngokushesha ngokuxoxa nomzali noma nomKristu ovuthiwe.c Iya kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo umnxuse ukuba akusize. Phela, ‘uwusizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.’ (IHubo 46:1) Njengoba ukuzitika ngophuzo nokuphuza kwezingane ngokuvamile kubangelwa ukucindezela kontanga, kungase kudingeke wenze ushintsho olukhulu kubangane nasekuzijabuliseni okukhethayo. Ukwenza izinguquko ezinjalo ngeke kube lula, kodwa ngosizo lukaJehova ungaphumelela.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Ngokocwaningo oluthile lwase-United States, “abantu abazitika ngophuzo njalo babesengozini ephindwe izikhathi ezingu-8 yokuphutha esikoleni, yokusilela emsebenzini wesikole, yokulimala nokulimaza impahla yabanye kunabantu abangazitiki ngophuzo.”

c Kwezinye izimo kungase kudingeke usizo lukachwepheshe wezokwelapha oqeqeshiwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 31]

Izibalo Ezethusayo Zokuzitika Ngophuzo

Izibalo ezilandelayo zembula imiphumela ewusizi yokuzitika ngophuzo kwabafundi basekolishi e-United States:

Ukufa: Unyaka ngamunye abafundi basekolishi abangu-1 400 abaneminyaka engu-18 kuya kwengu-24 bayafa ngenxa yezingozi ezingahlosiwe ezibangelwa uphuzo, kuhlanganise nezingozi zezimoto

Ukulimala: Abafundi abangu-500 000 abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-24 balimala ngengozi lapho bedakiwe

Ukuhlaselwa: Abafundi abangaphezu kuka-600 000 abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-24 bahlaselwa abanye abafundi abaphuzile

Ukunukubezwa Ngokocansi: Abafundi abangaphezu kuka-70 000 abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-24 baba yizisulu zokunukubezwa ngokocansi noma zokudlwengulwa abantu abaphola nabo ngenxa yophuzo

[Umthombo]

Source: The U.S. National Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism

[Isithombe ekhasini 29]

Ontanga bangase bakukhuthaze ukuba uzitike ngophuzo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela