Isahluko 34
Yini Engalungile Ngokuzitika Ngotshwala?
Ubungayiphendula kanjani le mibuzo elandelayo? Faka u-✔ eceleni kwempendulo yakho.
Bakhona yini ontanga yakho abaphuza besebancane noma abazitika ngotshwala?
□ Yebo □ Cha
Ontanga yakho bake bakuphoqa yini ukuba uphuze utshwala?
□ Yebo □ Cha
Uke wabuphuza yini utshwala ngokweqile?
□ Yebo □ Cha
KUYINI ukuzitika ngotshwala? Abanye bakuchaza ngokuthi ukuphuza nje ukuze udakwe. Umbiko wenhlangano yase-United States ebizwa ngokuthi iNational Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism wazama ukukuchaza ngokuthé ngqo. Wathi “kuvame ukuchazwa ngokuthi yilapho owesilisa ephuza izingilazi ezinhlanu noma ngaphezulu zotshwala, nalapho owesifazane ephuza ezine noma ngaphezulu ngesikhathi esisodwa.”
Uma uke walingeka ukuba uphuze ngokweqile noma uphuze usemncane, awuwedwa. Intsha eningi ibusebenzisa kabi utshwala.a Kodwa zibuze, ‘Ngiyazi ngempela yini ukuthi kungani ngifuna ukuphuza nokuthi iyini imiphumela engizobhekana nayo ngokuphuza utshwala?’ Ngokwesibonelo, ubungayiphendula kanjani le mibuzo? Faka u-✔ ebhokisini eliseceleni kwempendulo yakho, ucabangele namaqiniso.
a. Intsha iphuza utshwala ngoba nje bumnandi.
□ Iqiniso □ Amanga
b. Njengoba intsha isencane futhi inempilo enhle, imbalwa imiphumela emibi eyitholayo ngokuphuza ngokweqile kunabantu abadala.
□ Iqiniso □ Amanga
c. Ngeke ufe uma uphuza kakhulu.
□ Iqiniso □ Amanga
d. IBhayibheli likwenqabela ngokuphelele ukuphuza utshwala.
□ Iqiniso □ Amanga
e. Ukugula emzimbeni kuwukuphela komphumela wokuphuza ngokweqile.
□ Iqiniso □ Amanga
a. Intsha iphuza utshwala ngoba nje bumnandi. Impendulo—Amanga. Inhlolo-vo yase-Australia exwayisa abantu ngophuzo oludakayo yabonisa ukuthi intsha engamaphesenti angu-36 iphuza ngoba nje ifuna ukwamukeleka kwabanye emaphathini. E-United States kwatholakala ukuthi amaphesenti angu-66 entsha athi aphuza ngoba ecindezelwa ontanga. Engaphezu kwesigamu yathi iphuza ngoba izama ukukhohlwa izinkinga zayo.
b. Njengoba intsha isencane futhi inempilo enhle, imbalwa imiphumela emibi eyitholayo ngokuphuza ngokweqile kunabantu abadala. Impendulo—Amanga. Isihloko esithile sikamagazini i-Discover sithi, “Ukucwaninga okusha kubonisa ukuthi intsha ephuzayo isengozini.” Kungani? “Intsha ephuza ngokweqile kungenzeka ilimale kakhulu engqondweni.”
Ukuphuza ngokweqile kuhlobene nokuba nezinduna, imibimbi, ukukhuluphala, ukuba umlutha wotshwala nezidakamizwa. Kungasilimaza kakhulu nesimiso sezinzwa, inso nenhliziyo.
c. Ngeke ufe uma uphuza kakhulu. Impendulo—Amanga. Ukuphuza utshwala ngokweqile kwenza ingqondo ingawutholi umoya-mpilo; imisebenzi ebalulekile eyenzeka emzimbeni ingama. Imiphumela ingaba ukuhlanza, ukuquleka nokuphefumula kanzima. Ngezinye izikhathi, ungafa nokufa.
d. IBhayibheli likwenqabela ngokuphelele ukuphuza utshwala. Impendulo—Amanga. IBhayibheli alikwenqabeli ukuphuza utshwala, lingayenqabeli nentsha ukuba izijabulise. (IHubo 104:15; UmShumayeli 10:19) Kudingeka ube usukhule ngokwanele ngokomthetho kahulumeni ukuba uphuze utshwala.—Roma 13:1.
Nokho, iBhayibheli liyasixwayisa ngokuphuza ngokweqile. “Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile,” kusho izAga 20:1. Utshwala bungakwenza udelele! Yiqiniso, bungakwenza ujabule okwesikhashana, kodwa uma ubuphuza ngokweqile, ‘buzokuluma njengenyoka,’ bukushiye unezinkinga eziningi.—IzAga 23:32.
e. Ukugula emzimbeni kuwukuphela komphumela wokuphuza ngokweqile. Impendulo—Amanga. Uma udakwa, uzichaya kuzo zonke izinhlobo zezingozi—ngisho nokudlwengulwa. Ngesikhathi esifanayo, ungaba ingozi nakwabanye, wenze izinto ezingafani nawe. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi uma uphuza ngokweqile, “ngeke ukwazi ukucabanga noma ukukhuluma kahle.” (IzAga 23:33, Today’s English Version) Ngamafuphi, uzenza isiphukuphuku! Eminye imiphumela ebuhlungu ingahlanganisa ukulimala kobuhlobo bakho nabanye, ukungaphumeleli esikoleni nasemsebenzini, ukwaziwa njengesigebengu nokuba mpofu.—IzAga 23:21.
Ngaphezu kwakho konke, cabanga ngomonakalo ongokomoya ongenzeka lapho uzitika ngotshwala. UJehova uNkulunkulu ufuna umkhonze “ngayo yonke ingqondo yakho”—hhayi ngengqondo elinyazwe ngamabomu ukuphuza utshwala ngokweqile. (Mathewu 22:37) IZwi likaNkulunkulu alenqabeli kuphela “ukweqisa ewayinini” kodwa futhi ‘nemincintiswano yokuphuza.’ (1 Petru 4:3) Ngakho, ukuphuza ngokweqile kuphambene nentando yoMdali wethu futhi kuzokuvimbela ukuba ube nobuhlobo obuseduze naye.
Uzokhethani?
Ingabe uzomane ulingise ontanga yakho ababusebenzisa kabi utshwala? IBhayibheli lithi, “Anazi yini ukuthi uma niqhubeka nizinikela kunoma ubani njengezigqila ukuba nimlalele, niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela?” (Roma 6:16) Ingabe ngempela ufuna ukuba isigqila sontanga yakho nesotshwala?
Yini okufanele uyenze uma ubusubanjwe ugibe lokuphuza ngokweqile? Cela usizo masinyane ngokukhuluma nomzali noma umngane ovuthiwe. Khuluma noJehova uNkulunkulu ngomthandazo, umcele akusize. Phela “[uwusizo] olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.” (IHubo 46:1) Njengoba ukuphuza ngokweqile nokuphuza usemncane kuvame ukubangelwa ukucindezela kontanga, kungase kudingeke wenze ushintsho olukhulu ohlotsheni lwabangane obakhethayo.b Ngeke kube lula, kodwa ngosizo lukaJehova ungaphumelela.
Ungayeka ukuba umlutha wezidakamizwa. Thola ukuthi kanjani.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Obani Abaphuza Ngokweqile?” ekhasini 249.
b Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka iZahluko 8 no-9 zale ncwadi neSahluko 15 eMqulwini 2.
UMBHALO OYINHLOKO
‘Isidakwa siyoba mpofu.’—IzAga 23:21.
ICEBISO
Thola ukuthi kungani ufuna ukuphuza utshwala. Zama ukucabanga ngezinye izindlela ezinempilo ongazijabulisa ngazo noma udambise ukucindezeleka.
UBUWAZI . . . ?
Ngokocwaningo oluthile lwase-United States, “intsha evame ukuphuza ngokweqile yayisengozini ephindwe izikhathi ezingu-8 yokudoja ekilasini, yokusilela emsebenzini wesikole, yokulimala nokulimaza impahla yabanye kunaleyo engeqisi.”
ENGIZOKWENZA!
Uma ontanga befuna ngiphuze nabo utshwala ngokweqile, ngizothi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani ontanga yakho befuna nabanye beqise ekuphuzeni utshwala?
● Ingabe ukuphuza utshwala ngokweqile kuzokwenza ukhange kwabobulili obuhlukile, futhi kungani uphendula kanjalo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 250]
“Lapho engifunda nabo bethi angiphuze utshwala, ngiyabatshela ukuthi akudingeki ngiphuze ukuze ngijabule.’’—UMark
[Ibhokisi ekhasini 249]
Obani Abaphuza Ngokweqile?
Ngokusho kocwaningo olwenziwa ezikoleni zamabanga aphakeme eNgilandi, eScotland naseWales, osemusha oyedwa kwabane abaneminyaka engu-13 no-14 “uthi uke waphuza okungenani izingilazi ezinhlanu zesiphuzo esidakayo ngesikhathi esisodwa.” Cishe ingxenye yabo bonke abaneminyaka engu-15 no-16 yathi nayo ike yakwenza lokho. I-Department of Health and Human Services yase-United States ithi “cishe izigidi ezingu-10,4 zentsha eneminyaka engu-12 kuya kwengu-20 zathi ziyabuphuza utshwala. Phakathi kwazo, ezingu-5,1 zazeqisa futhi kuzo kunezingu-2,3 ezazizitika ngotshwala futhi ziphuze ngokweqile okungenani kahlanu ngenyanga.” Ukuhlaziya okwenziwa e-Australia kwaveza ukuthi maningi kakhulu amantombazane aphuza ngokweqile kunabafana—aphuza izingilazi eziphakathi kuka-13 no-30 ngesikhathi esisodwa!
[Isithombe ekhasini 251]
Utshwala bungaluma njengenyoka